
OwayenguMfundi wase-UKZN Ufunde Izifundo zePolitical Science kanye neFrench Phesheya
Click here for English version
Uma usafunda ulwimi lwesiFrensthi, usasihlanganisa, akukho okwedlula ukuba uye ezweni laseFrance! Lowo owayenguMfundi wase-UKZN uNksz Sibusisiwe Mngadi uhlale izinyanga eziyi-9 e-Université de Tours njengengxenye ye-Erasmus+ Mobility Scholarship.
Uzalelwe endaweni yaseSikhawini, elokishini elincane eliseduze naseRichards Bay esifundazweni sakwaKwaZulu-Natal, uMngadi uneziqu zeBA in International Studies (izifundo zakhe ziholwa yiPolitical Science kanye neFrench) e-UKZN.
‘Ngibe nenhlanhla yokuthi ngikhethwe ukuba ngibe yingxenye ye-exchange Programme yokuya eFrance kunginikeze ithuba lokuthi ngithuthukise izinga lami lokukhuluma uLimi lwesiFrench nokukhulisa ulwazi lwami lwezepolitiki,’ usho kanje.
ULimi lokwethula izifundo belenziwa ngolimi lwesiFrench isikhathi esiningi; kodwa amanye amakilasi abefundiswa ngesiNgisi. ‘Izinyanga zami ezintanthu zokuqala zibe ngezinzima kakhulu ngoba bengizama ukujwayelana nendawo, abantu abasha, ulimi, kanye nezifundo, kodwa ngosizo kanye noxhaso engiluthole kwabanye abafundi kanye nabasebenzi baseNyuvesi ngigcine ngijwayelana nendlela yakhona yokuphila,’ usho kanje.
‘Engikukhumbulayo nokube okuhamba phambili kimi kube yikhono lami lokukwazi ukusebenzisa ulimi lwesiFrench ngiphinde ngikwazi ukilisebenzisa uma ngenza ingxoxo nabanye, kwazise lolu akulona ulimi lami lwebele. Kokunye bekwenzeka ngigeje indlela yokuphimisa amagama nokube yingqinamba encanyana.
UMngadi njengamanje uqhuba izifundo zakhe zeHonors kwiFrench, kanti futhi ubheke kakhulu ikusasa lakhe kwezePolitiki ‘nalapho ngizokwazi ukusebenzisa amakhono ami engiwathole ngale-programme ebengiyihambele eFrance. Ngifunde lukhulu ngesikhathi ngikule-programme kanti nokuphumela nje ngaphandle kungigqugquzele kakhulu ukuba ngisebenzele kakhulu amathuba afana nalawa futhi kungivule ingqondo ekwenzeni noma yini.’
Yize ethande kakhulu idolobha elihle laseTours nelinezakhiwo ezinhle, ama-Castles anomlando onothile, ukhonile ukuthola ithuba lokuthi ayobona ezinye izindawo ngesikhathi abesithola phakathi namakilasi akhe. ‘Enye yezinto engithanda ukuyenza ngesikhathi sami ukuvakasha, kanti ngesikhathi ngisahleli ngiye ngavakashela eParis ngase ngathola ithuba lokuyobona i-Eiffel Tower neyayinkulu uma usuyibonela eduze futhi iyinhle. Ngivakashele neBordeaux, e-Toulouse, e-Le Mans kanye nezinye izindawo ezinhle. Ngisithokozele kakhulu isikhathi sami futhi ngyohlezi ngizithoba ngethuba elifana naleli kanye nabo bonke abantu engihlangane nabo ababuya ezindaweni ezahlukene emhlabeni kanye nje nenkumbulo yesikhathi sindawonye.
UMngadi ubonge kakhulu umndeni wakhe ngokumsiza ukuthi aphumelelise amaphupho akhe. ‘Ngibonga kakhulu ngokwesekwa engikuthole emndenini wami - bangisize kakhulu kulolu hambo bangixhasa kwaze kwaba sekupheleni.’
Amagama: Raylene Captain-Hasthibeer
Izithombe: Zithunyelwe