
Ongumfundisi Kwezomculo Uhlomule Ngendondo yeBest Contemporary Jazz Album
Click here for English version
Umfundisi uMnu Sibusiso Mashiloane uhlomule ngendondo yeBest Contemporary Jazz Album emcimbini wokuhlomulisa ngezindondo owaziwa ngele-Mzantsi Jazz Awards (MJA) nge-albhamu yakhe yesithupha neqanjwe ngelithi- Music From My People.
Lena yindondo ayinikwe ngamajaji ngenxa yeqhaza lakhe kanye nokusebenza ngokuzimisela kwakhe, ekhethwa yiwo amajaji eMJA. Abahleli bathe bayalithokozela kakhulu iqhaza likaMashiloane emculweni weJazz eningizimu Afrika.
I-Music From My People yi-Album enezingoma eziyi-10 neqhakambisa isigqi somculo wezilimi ezahlukene, iphinde iqhakambise ubuhlobo obuphakathi kwawo kanye neveza ukuzazi nokuthi uwubani. Ididiyelwe ngemindeni, imiphakathi, izwe lethu kanye nezwekazi i-Afrika nase mhlabeni wonke jikelele.
‘Kuyajabulisa kakhulu ukuba ngithole ithuba lokuhlonishwa ekhaya, ikakhulukazi uma ngibhala noma ngikhipha ingoma ngisuke ngigqugquzelwe imisindo yalapha ekhaya. Siyasijabulela kakhulu isigqi sengoma yalapha ekhaya nesivezayo ukuthi thina singobani, futhi umhlaba uyakujabulela lokho. Sike sabona ngaphambilini indima edlalwe abaculi abanjengo Hugh Masekela, uMiriam Makeba, kanye noBusi Mhlongo. Ngicela ukuphinde ngibonge kubo bonke ababambe iqhaza kule-Album.’
Kulabo ababambe iqhaza kubalwa kubo ubaba uKhaya Mahlangu, uBuddy Wells, uShaun Johannes, uTlale Makhene, uWandithanda Makandula kanye noXolisa Dlamini.
UMashiloane usehlomule ngezindondo eziningi futhi uphinde waqokelwa kumaSAMA, nakuma-AFRIMA awards kanjalo nakwi-International Urban Music Awards. Wenza izifundo zebanga lobuDokotela emculweni weJazz, Kulezi zifundo ubuka ngeso lomculo weJazz waseNingizimu Afrika ukuba abheke inostalgia-seeped themes zasekhaya nezenza ukuthi uMashiloane angakwazi ukuthi azishiye kodwa ngaso sonke isikhathi uzithola ebuyela kuzo.
Amagama: Melissa Mungroo
Isithombe: Simanga Zondo