
IsiFundiswa se-Architecture Siyingxenye Yenkulumompendulwano Emayelana Nokungalingani Kwezindawo Zokuhlala
Click here for English version
UDkt Viloshin Govender, ongumfundisi esikoleni SeziFundokuhlelwa Komumo Wezakhiwo Nentuthuko, uhlele waphinda wabamba iqhaza egatsheni leSikhungo sama-Architects esiKwaZulu-Natal (SAIA KZN) kwingxoxo eyinkulumompendulwano ebikhuluma ngokungalingani kwendawo. Inkulumompikiswano ibihlola ukuthi indlela yokusebenza yasemadolobheni ekhaliphile ingasiza kanjani ukuthuthukisa imiphakathi ehlwempu nencishwe amathuba, iphinde ibheke izindlela zokuthi kungenziwa kanjani ukulingana kwezomnotho kanye nokungalingani ekutholeni amathuba.
Endimeni yakhe njengoSihlalo weSAIA KZN education, uGovender wethula aphinde azise abafundi balomkhakha ngemigomo ebanzi yalo mkhakha, ngokubapha ithuba lokuba bakwazi ukuxhumana nama-Architects asesensimi esebenza.
‘Emva kwezibhelu zomnyaka wezi-2021 kanye nezikhukhula ezahlukumeza kakhulu iTheku, sibone kunesidingo sokuba isikhungo sethu sakhe umkhankaso ozoveza ukungalingani kwemiphakathi, kanti nakwesinye isikhathi, izinkinga kanye nezici zezemvelo nokuyizona ezagcina zidala ukuba size sifinyelele kulezi zigameko. sihlele uxhaxha lwezingxoxo nalapho sibize khona oNgoti abazohlala kwipanel ukuba babambe iqhaza kulezi zingxoxo bebheka kabanzi lezi zehlakalo baphinde baphe abantu ithuba lokuba babelane ngolwazi lwabo ekufikeni nezisombululo kuloku kungalingani kanye nezinto eziwubutha kwezemvelo,’ kuphawula yena uGovender.
Lezi zingxoxo zifaka phakathi izihloko ezifana nokungalingani ngokobulili, izakhiwo zasemadolobheni, ezokuthutha, imijondolo, ezemfundo kanye nezempilo. ‘Lokhu kusinikeze ithuba lokuba sibheke ngeso elijulile indaba yezibhelu zangenyanga yangoNtulikazi ukuze kutholakale umsuka wazo. abanye bezihambeli kwiPanel bangamalunga asemphakathini wasemijondolo, kanye nalabo abahlwempu ukuba bezoba yizwi lozakwabo nokungukuthi isikhathi esingi abalitholi ithuba lokuba bazwakale emiphakathini yabo; ngokwenza lokhu sizama iqhinga lokusebenza ngebottom-up approach ukuza nezisombululo zenhlalonhle yabantu.
‘Ukungalingani ngokwezindawo zokuhlala kuvezwa kakhulu izingqinamba ezafika nokungabi nobulungiswa esikhathini esedlule. ITheku lakhiwa ngemigomo yesikhathi sobandlululo, ngakho ke sizama ukwakha idolobha elingabandlululi ukuze sihlumelelise siphe senze ubulungiswa. Sibheka injulalwazi ye-"right to the city", nebhekelela ukuthi loku kuhlukaniswa ngezindawo kwakwenziwe kanjani nanokuthi idolobha lingelobani,’ kwelula uGovender.
‘Siyabonga izakhiwo zakhiwa ezindaweni ezifana noMhlanga kanye neBallito, kodwa kukancane lentuthuko isondezwa ezindaweni zasemalokishini. Yikho-ke ukungalingani lokhu. sibheke izindlela zokuzama ukushintsha ingqondo yababambiqhaza kanye nama-Architects ukuba baqale bakhe izakhiwo zezinga elifanayo nasezindaweni zasemalokishini ukuze kwakheke amathuba ezomnotho kulabo abahlala kulezo zindawo. Lokhu kufaka phakathi ukuzama ukulinganisa amathuba ezomnotho kanye nokungalingani kwezindawo zokuhlala,’ uchaze kanje.
Ukuthuthukisa izindawo zasemijondolo sekube yinkulumo-mpikiswano esibe isikhathi eside kulo mkhakha we-Architecture.
‘Izindawo zasemijondolo zibukeka njengezingekho emthethweni, kodwa-ke, uma uHulumeni engenelela, abantu bayasuswa bayiswe ezindaweni ezingabavuni, zibe kude nezindawo zabo zokusebenzela. Sicela ukuba uHulumeni kanye nama-Architects bathathe imibono kanye nezidingo zalaba bantu uma sebehlela futhi bedesigner, besebenzisa indlela yebottom-up approach, ukuze balekelelane ekwabelaneni ulwazi,’ kusho uGovender.
UGovender ufundisa i-Architectural design kanye nenjulalwazi ezingeni labaneziqu bese ephinde ehlele umsebenzi walabo abenza unyaka wokugcina kwimasitazi kanye nehonours. Umsebenzi wakhe wocwaningo ugxile kakhulu ezindaweni zasemijondolo kanye nasemiphakathini encishwe amathuba, esebenzisa indlela yocwaningo eyaziwa ngelenovel bottom-up methodological approach, okubalwa phakathi idrone mapping, nokukhipha ulwazi ebambisene namalunga omphakathi bese kwakhiwa izindawo zokuhlala zasemadolobheni ezonga imvelo.
UGovender usebenza ngokubambisana nezinhlangano eziningi ezingabheke nzuzo kanye noMasiphala esifundazweni saKwaZulu-Natali kanti futhi uyingxenye yethimba lase-Isolabantu projekhthi (lena yiprojekhthi eholwa umphakathi ukuze bathuthukise ukuzimela) kanye neThe Latitude global network forum.
(Community-led informal settlement upgrading for self-reliance)
Amagama: Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe