
Incwadi yase-UKZN Ebhalelwe Izifundiswa Ekhuluma Ngezifundo Zokufundisa Izingane Ezisakhula eNingizimu Afrika
Click here for English version
UDkt Makie Kortjass, ongumfundisi omhkulu emnyangweni wezeMfundo, ubeyingxenye yokwethulwa kwencwadi, neyaziwa ngeleCurriculum Pedagogy and Assessment: A Handbook on Early Childhood Education in South Africa ebambisene noSolwazi uHasina Ebrahim, kanye noDkt Colwyn Deborah Martin, noDkt Mary Clasquin-Johnson.
Le ncwadi iyisethulo semigomo ethile ye-Africanisation yezemfundo eNingizimu Afrika. Le ncwadi iphinde yethule umqondo wo-“Thisha ocabangayo” nelekelela ukuthi i-ejensi yothisha ukuba ibe nekusasa elinoshintsho futhi nekhombisa iNingizimu Afrika enoshintsho. Ihlose kakhulu ukuthi oThisha babe nolwazi Kanye nokuqonda kancono icurriculum, ipedagogy kanye ne-assessment efanele nesemazingezi yabafundi bezincwadi bakuleli kanye nabasemazweni angaphandle abanentshisekilo ezifundweni zezeNkulisa (Early Childhood Education).
Njengomfundisi wothisha, uKorjass ubefuna ukuphosa itshe esivivaneni kwezemfundo yabantwana abasebancane.
‘Ukugxila kwezemfundo zabantwana kunenzuzo yesikhathi eside. Kugxilwe kakhulu kwindlela yokufundisa ekhuthaza ukusebenza ngokubambisana kulomkhakha. Enye yezinto yileli temu le-ethnomathematics nelikhuluma liphinde ligcizelele indima edlalwa yisifundo sezibalo (mathematics) ekusebenzeni kosuku nosuku. Kwenye yesahluko kule ncwadi engiyibhalile, iveza umbono ohlukile ekutheni singaqala kuphi ukuthi sishintshe indlela yokwenza ekubhekaneni nezinkinga esinazo maqondana nesifundo sezibalo,’ kuchaza uKortjass.
Welule wathi le ncwadi ilunge kakhulu koThisha abafundisa izifundo zobuthisha, koThisha kanye nabafundi abakulomkhakha wezifundo zokufundisa enkulisa ngenxa yokuthi uhambelana kakhulu nendlela yokufundisa yaseNingizimu Afrika (South African National Curriculum Framework) kanye nayo yonke imigomo ehambelana nayo. ‘Enye yezinhloso zayo ukuthuthukisa iphinde ifundise kabanzi ngezindlela ezingcono zokugcina amakhono athuthukisa lo mkhakha. Lokhu kulekelela kakhulu koThisha kanye nakubafundi beba ngabasezingeni eliphezulu, nokunyusa amakhono abo.’
UKortjass ukubalulile ukuthi, ‘le ncwadi iqala ngokuveza iphinde ichaze izifundo zaseNkulisa njengomkhakha nawo ngokwawo eNingizimu Afrika, le ncwadi ikuveza ngokuthi iveze isisekelo solwazi esizoqhubeka sichaze ulwazi olujulile lwalo mkhakha wezemfundo omuhle kangaka. Bekuyintokozo futhi kuyinzuzo enkulu kakhulu ukuhlanganyela nabanye oThisha/abaFundisi bakulo mkhakha sibhunge ngokuthi singenza kanjani ukushintsha injulalwazi ibe yindlela yokusebenza ephathekayo.’
Le ncwadi iyatholakala iyibhuku noma iyi-eBook ku- https://shop.pearson.co.za/catalogsearch/result/?q=9781485716853.
Amagama: Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe