
Umfundisi We-Jazz Ukhiphe i-Albhamu Yesithupha
Click here for the English version
Umfundisi we-jazz e-UKZN, umshayipiyano nongumqambi-zingoma, uMnuz Sibusiso Mashiloane usekhiphe i-albhamu yakhe yesithupha esihloko sithi: Music from My People.
Kule-albhamu uMashiloane ukhuluma ngabantu acule nabo, izindawo azihambile, ukugqugquzelana kwezizukulwane nezinto ezimthintile.
‘Le-albhamu ingumkhumbi omacala maningi nedokodo lomculo eligcina eminye yemisindo abantu ababeyisebenzisa, nabasaqhubeka ukuyisebenzisa njengobufakazi bezimo abaphila ngaphansi kwazo,’ kusho uMashiloane.
I-Music from My People yi-albhamu enezingoma eziyi-12 eziqanjwe ngendlela ejulile eqhakambisa ulimi nezigqi ezehlukene nomoya wokuzwana nobunye ezizikulwaneni ngomsindo ohlaziya ukuzazi. Ididiyelwe phezu kwesisekelo somndeni, umphakathi, izwe, izwekazi lase-Afrika nomhlaba wonkana.
Umculo we-Jazz utolikwa ngokwezigaba zawo eziningi nezikhathi, kanti uqukethe amava abantu abaphila ngaleso sikhathi. Le-albhamu ihlanganiswe ngobuchule yahlelwa ngendlela yokuthi umlaleli imthathe lapha, imbeke laphaya, futhi iyimpicabadala ethonjululwa ngumlaleli ngokwempilo yakhe ukuveza uhambo lukaMashiloane emculweni.
Le-albhamu ibophele izingqalabutho emculweni, okuyinto ebibalulekile kuMashiloane obefuna ukuthi imiphakathi ehlukene izikhulumele ngomculo. Ezinye zalezi zingqalabutho singabala uTlale Makhene oshaya izigubhu, umshayisi-ginci uBheki Khoza noKhaya Mahlangu odlala i-tenor saxophone.
Kuhlangene izizukulwane emculweni kaMashiloane njengoba ephinde wabophela nabaculi abasebasha, abanye babo abafunde ngaphansi kwesandla sakhe, njengoQhubekani Mthethwa, odlala isiginci sebhesi, uThabo Sikhakhane odlala icilongo, nomculi uWandithanda Makandula.
UMashiloane, osedume nge-jazz yaseNingizimu Afrika nangokudlala emashashalazini aphesheya, unama-albhamu amahlanu. Udle ngezindondo eziningi waqokwa emicimbini ehlonishwayo nasemicimbini efana namaSAMA, ama-AFRIMA, ne-International Urban Music Awards. Okwamanje wenza izifundo zobudokotela nafuna ngazo, ngeso le-Jazz yaseNingizimu Afrika, ukuhlaziya izindikimba ngokukhumbula ekhaya azithola ebuyela kuzo njalo.
Eminyakeni eyisithupha edlule uMashioloane wazibekela ukuthi uzokhipha i-albhamu eyodwa njalo ngonyaka iminyaka eyisikhombisa. Kusukela lapho, nanka ama-albhamu asawakhiphile nadle ngawo izindondo:
2017 – Amanzi’ Olwandle
2018 – Rotha: Tribute to Mama
2019 – Closer to Home
2020 – Amanzi Nemifula: Umkhuleko
2021 – Ihubo Labomdabu
Amacwecwe e-Music from My People azothengiswa kuwo wonke amakhonsathi ngo-R150. Ungakwazi ukufaka i-oda ngokuthumelela imeyili ku-info@isupportodyou.com.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe