
Abathweswe Iziqu Bethule Ucwaningo Lwabo Embukisweni Omusha
Click here for the English version
UMnyango wezokuPhathwa kwaBasebenzi noBudlelwano neziMboni waseSikoleni Sezokuphatha, Ezobuchwepheshe neZokulawula wethule umbukiso wocwaningo wokuqala, lapho abafundi ebebenza izifundo zobudokotela emikhakheni ehlukene namaMastazi ngonyaka wezi-2021 zethule ucwaningo lwazo ebantwini baseNyuvesi.
‘Abafundi beziqu zobudokotela bathole ithuba lokukhuluma ngamaphepha ocwaningo abawathumele ukuthi ashicilelwe ngokomgomo wezifundo zawo. Njengabaqondisi, siyabelusa sibacathulise ohambweni labo lokushicilela, ikakhulu uma bebhala iphepha labo lokuqala eligunyazwe yiSAPSE, abalibhala nomeluleki wocwaningo. Abafuna ukusebenza kwezemfundo, kubalulekile ukuthi baqale uhambo lwabo ngokushicilela ngokuhlanganyela. Njengezifundiswa, siyazi ukuthi ukushicilela iphepha ngumsebenzi onzima kodwa wonke umuntu kumele kube khona lapho aqala khona,’ kusho uMdidiyeli Wombukiso nonguMholi wezeMfundo kulo Mkhakha, uDkt Ashika Maharaj.
Naba abafundi abethule ucwaningo lwabo:
• UNksz Grace Nanoo, ophothule iMastazi ezifundweni zeZohwebo, wethule ucwaningo olusihloko sithi: A Study of Employment Equity in Higher Education Institutions in Durban. UNksz Nanoo ubecwaninga i-UKZN kanti uthole ukuthi izithiyo zokungalingani ngokomsebenzi kule nyuvesi zithinta inkokhelo, isiko lesikhungo, izindlela zokuqasha, uhlelo lokuqala, ukushaywa indiva kwabantu abathile, uhlelo lwabazongena ezikhundleni nokuhlinzekwa kwababebandlululiwe ngaphambilini.
• UDkt Lawrence Abiwu, obenza iziqu zobudokotela, wenze ucwaningo ngaphansi kweso likaSolwazi Isabel Martins. Isihloko sephepha lakhe besithi: “The Intangible outcomes of Talent Management Practices in Selected South African Higher Education Institutions”. Belugxile emandleni omqondo njengesikhali esimqoka ekunothiseni izinhlangano.
• Ucwaningo lukaDkt Taiwo Ajadi belusihloko sithi: “The Influence of Green Training and Green Reward and Compensation practices on Environmental Behaviours in the Workplace”.
• UDkt Wiza Munyeka wenze ucwaningo olusihloko sithi: “A quantitative Study on Salient Work-Life Balance Change Influencing Female ICT Professionals in South African Telecommunications Organisations”.
• UDkt Ndumiso Mdletshe, ocwangingweni lwakhe olisihloko sithi “The Influence of Transformational Leadership on Employee Engagement” ubebheka ukuthi izenzo zabaholi ngenhloso yokuletha uguquko zinamphumela muni ebudlelwaneni nabasebenzi.
• Ucwaningo lukaDkt Reward Utete lona belunesihloko esithi: “Examining the Impact of Employment Equity Amendments on the Business Performance of Small and Medium Companies in Durban”.
IDini yoCwaningo eKolishi yeziFundo Zomthetho nezokuPhatha, uDkt Collette Muller uthe lo mbukiso ubuyithuba lokuthi umphakathi weNyuvesi wazi ngemisebenzi ebeyenziwa ngababengabafundi namagalelo abo.
‘Kuhlale kumnandi ukubona abafundi abasha bezoBudokotela neMastazi bekhula ngokuhamba kwesikhathi, baze bathole iziqu zabo. SiyiNyuvesi, kasibabungazi ngendlela efanele. Lo mcimbi, ozoba khona minyaka yonke, uzokwenza abafundi babe nento abayiphokophele ngokwazi ukuthi uma bethola iziqu, bazothola ithuba lokwethula umsebenzi wazo ebantwini basenyuvesi nakubalingani babo.’
IBamba lePhini likaSekela Shansela neNhloko yaleli Kolishi, uSolwazi Brian McArthur uhalalisele abafundi ngempumelelo yabo.
‘Ngithanda ukuhalalisela lo mnyango ngokuthatha leli thuba. Kufanele sizame ukuthi neminye iminyango yenze okufanayo. Halala kubo bonke odokotela abasha; lijwayeleni leli gama ngoba nilisebenzele.’
Amagama: ngu-Thandiwe Jumo
Isithombe: Sithunyelwe