
Abafundi Baphesheya Batatanyiswe Emjikelezweni weTheku
Click here for the English version
Abafundi abenza unyaka wokuqala e-UKZN bakwamanye amazwe batatanyiswe ngokuvakashiswa eThekwini.
Ihhovisi lezoBudlelwano Bamazwe yilona ebelihlele lolu hambo obeluhlose ukuthi laba bafundi bajwayele leli dolobha elinezimpiko ezine kwezinhlanu zase-UKZN.
Ekhuluma ngosuku lohambo, uMdidiyeli we-International Relations, uNksz Tholani Ngema, uthe: ‘Njalo ngonyaka siba nalo lolu hambo ukuze abafundi bakwamanye amazwe bajwayele futhi bazi kabanzi ngeTheku, osekuyikhaya labo elisha.
‘Njengomcimbi wokuqala ohlanganisa abantu onyakeni, leli yithuba elihle lokuthi abafundi bakwamanye amazwe bazane bebodwa.’
Kulolu hambo lwamahora amathathu ngeRicksha Bus yodumo abafundi abalinganiselwa ema-20 babetetemukiswa bakhonjiswa ubuhle beTheku. Lolu hambo luqale e-Golden Mile, abafundi babona indawo egudle ulwandle, amahhotela, izitolo zokudlela, namabhishi, okuyizinto eziheha izivakashi zomhlaba wonke.
Lolu hambo ludlulele enkabeni yedolobha nokuyilapho abafundi bevakashele imakethe endala kunazo zonke eThekwini – I-Victoria Street Market – bathola nethuba lokufunda ngamagugu namasiko abamnyama namaNdiya aseThekwini.
Umfundi wezomthetho, uMnuz Zakariyyah Jafali uthe lolu hambo lube ngaphezulu kwalokhu abekulindele kanti angabagqugquzela abafundi bakwamanye amazwe ukuthi bazofunda e-UKZN. Umfundi we-Onazi, uMnuz Serge Matanda uthe ulijabulele lolu hambo futhi uzibheke ngabomvu izinhlelo zabafundi bakwamanye amazwe ezizoba khona ngalo nyaka.
Emva kokudla isidlo sasemini e-The Cube – emise okwebhokisi eliyi-3D, yagqiza ngemidwebo – emgwaqweni I-Innes Road, abafundi bazitike ngobuhle bedolobha bafundiswa nomdanso iJerusalema Dance Challenge – eshise izikhotha emhlabeni jikelele ngezikhathi zomvalelandlini we-COVID-19.
UNksz Caroline Chasara, onguSekela Mengameli we-International Students Association (i-ISA) nowenza izifundo zobudokotela, uthe lolu hambo lumsizile wakwazi ukubona ubuhle bokungafani njengoba ekwazile ukuhlangana nabantu abasha, wathola abangani abasha. UNksz Pauline Catalano waseFrance, okwi-International Relations Staff Exchange Programme, uthe kube mnandi kakhulu ukubona idolobha nokufunda ngomlando walo onothile.
Uhambo ludlule ku-Florida Road – isizinda sempilo yobumandi ebusuku eThekwini – okuyindawo abafundi abayithokozele ukuyibona.
Ezinye izindawo ezinohlonze ezivakashelwe yi-UShaka Marine World, i-Moses Mabhida Stadium, i-Suncoast Casino, i-International Convention Centre (i-ICC), ne-Durban City Hall.
Amagama: ngu-Hlengiwe Khwela
Isithombe: ngu-Sethu Dlamini