
Qaphela - Ukuphepha Kuqala, Kusho Abophiko Lwase-UKZN Lokulawulwa Kwezinhlekelele
Click here for English version
Isikhungo sase-UKZN esiseMgungundlovu sibe nosuku lokuqwashisa ngezokuphepha esakhiweni senyunyana yabafundi, i-Student Union Building, okuthe yize bekumakhaza kuna nemvula, laheha isibalo esiphezulu sabafundi.
Isiqubulo sosuku ebesihamba phambili besithi: “Qaphela!”
Abafundi bebemenywe kulo mcimbi yinhlangano yababefunda e-UKZN kanye nesikhulu sokuphatha, uNksz Saziwe Madikane obemele uphiko lokulawulwa kwezinhlekelele, i-Risk Management Services (RMS).
Umqondisi wesikhungo saseMgungundlovu, uSolwazi Albert Modi wamukele lolu hlelo wabuye wagcizelela ukubaluleka kokuphepha kwabafundi ekhempasini. ‘Ngiyethemba nizofunda okuningi namuhla,’ kusho yena kulo mbuthano.
Inhloso enkulu bekungukuqwashisa abafundi ngokuthi bangavikelana kanjani futhi basizane ukuthi bagweme ukuzifaka ezimweni eziyingozi ezidalwa wukusebenzisa budlabha utshwala kanye nezidakamizwa. UMadikane uthe: ‘Besifuna ukukhanyisela bonke abafundi, kodwa ikakhulukazi abenza unyaka wokuqala ngezinsiza ezikhona esikhungweni kanye nokubazisa ngokubalulekile okuhlobene nezokuphepha.’
Izinhlaka ezahlukene kanye nabalingani bakhulume nabafundi, okubalwa uphiko lwezinja (i-K9 Unit), abakhombise ukuthi kuhlolwa kanjani indawo yesigameko besebenzisa umlingani wabo oyinja lohlobo lwe-canine, u-Nola.
Uphiko lwezicishamlilo eMsunduzi lukhombise ukuthi ucishwa kanjani umlilo, wenza njani uma wokheleka ngomlilo, ziphathwa kanjani izibazi zokusha nokuthi ubahlenga kanjani abantu emlilweni. ‘Uma usha, ungafaki lutho olunye ngaphandle kwamanzi lapho oshe khona,’ kusho uMnuz Vusi Tshabalala wophiko lwezomlilo eMgungundlovu.
Abafundi baxwayiswe ngezinye izinto eziyiqiniso futhi ezingadala ingozi empilweni yasekhempasini - njengokushiya isiphuzo sakho singagadiwe ephathini. Kube nokumangala kuyo yonke indlu ngesikhathi kuchazwa ngomthelela iyunithi eyodwa yotshwala enawo kwabesifazane uma kuqhathaniswa nomthelela wayo kwabesilisa.
‘Niyathandwa, ninesibindi, nifanelekile, nehlukile, ninesibopho sokuqinisekisa ukuphepha kwenu, futhi ninelungelo lokuthi CHA,’ lona bekungumyalezo odluliswe nguSister Maharaj wesikhungo esilekelela abahlukumezekile e-Northdale.
‘Kumele nikwazi ukuzikalela. Uwena kuphela owaziyo ukuthi kunini lapho kusuke sekwanele khona,’ kusho uMnuz Nhlakanipho Msimang we-KZN Liquor Authority.
Lo mcimbi ubugabe ngokuxoxisana kanti okokuthiba indlala bekukhona kanye nemiklomelo eminingi.
Abaxhasi abebeyingxenye yosuku kubalwa kubo uphiko olumele abafundi, yi-Student Government Leadership Development, uphiko Lokwelulekwa Kwabafundi, uphiko Lwabaphila Nokukhubazeka, isikhungo sesandulela Ngculaza, uphiko olulekelela abahlukumezekile eNorthdale, abenhlangano elawula ukudayiswa kotshwala eKZN, uphiko lwezindaba ezithinta izindawo zokuhlala zabafundi, uphiko lwezokuphepha kwezempilo kanye nezemvelo, uphiko lwezicishamlilo eMsunduzi, umnyango wezokuHlunyuleliswa kweZimilo, amaphoyisa akwa-SAPS, kanye nophiko lwabaphenyi nolwezinja kwa-SAPS.
‘Sihalalisela uMnu Trevor Abrahams, uNksz Saziwe Madikane nabo bonke abebeyingxenye,’ kusho uModi. ‘Lo mcimbi ube yimpumelelo enkulu!’
Amagama: ngu-Cindy Chamane
Isithombe: Sithunyelwe