
Ithimba Losizo Lokuqala Lase-UKZN Linakekele Abebengenele Umjaho I-Comrades Marathon
Click here for English version
Amalungu ethimba lophiko lwabezimo eziphuthumayo e-UKZN lulekelele ngokuhlinzeka ngosizo etendeni lokwelapha kowe-Comrades Marathon, ebelisenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida eThekwini lapho kuphele khona umjaho.
Lolu phiko belusingethe izivakashi zethimba labezimo eziphuthumayo laseWits University kanye nezikhulu kwezokwelapha ebezivela ezibhedlela zaKwaZulu-Natali, nabo abanikele ngomsebenzi wabo bengabheke nzuzo.
Inhloko yophiko lwabeZimo Eziphuthumayo e-UKZN uDkt Sharadh Garach ithe: ‘Ayiminingi imijaho emikhulu kangaka, kanti nethuba lokunika usizo oluphuthumayo kuleli zinga kube yithuba elihle lokufunda kwethimba, kanye nethuba lokubuyisela emphakathini. Njengoba bengaphezu kwezi-12 000 abasubathi abafike ekugcineni kwalo mjaho obizwa nge - “Ultimate Human Race”, itende losizo oluphuthumayo lusebenzise uhlelo lokulekelela abasubathi abangazizwa kahle ngokuhlukanisa izigaba abahlengwa ngazo, kusuka ekulapheni izibazi ezingatheni kuya kwabadinga usizo olusezingeni eliphezulu ukulinganisa kahle izinga lokushisa.
Bangaphezulu kwama-300 abasubathi abahlengwe yithimba esibhedlela sesikhashana esinemibhede engama-140, kubo abangamaphesenti angama-80 bebedinga ukunakekelwa ngesikhathi befika emahoreni amabili okugcina omjaho.
Ithimba lase-UKZN lithe libonga ukwesekwa elikuthole kwinhlangano iComrades Association, abebeqaphe umjaho, umqondisi wodokotela bomjaho, abahlengikazi, nabezimo eziphuthumayo.
Amagama: ngu-Lihle Sosibo
Isithombe: Sithunyelwe