
Isikole sezeMfundo Sibe noHlelo Oluthathe Iviki Obelugcwele Ubumnandi Ukwamukela Abafundi
Click here for English version
Abafundi abenza unyaka wokuqala weziqu zeZemfundo, i-Bachelor of Education baphinde bamukelwa esikhungweni yiNhloko yeSikole zeZemfundo, uSolwazi Thabo Msibi kanye nabasebenzi emva kwesikhathi esengeziwe sokufunda nokufundisa nge-inthanethi.
Abafundi bethulwe ezinhlakeni zokwesekela, ezihambisana nezifundo ezingaqondene nezifundo ezihlinzekwa yinyuvesi, Ikolishi lezeSintu, kanye neSikole zeZemfundo, ukubalekelela ukuthi baphumelele ezifundweni zabo.
Kuphendulwe imibuzo ehlukene kwakhulunywa nangezinto ezikhathazayo ngesikhathi abafundi behlangene ukuthuthukisa umoya wobungani nobumbano ngaphambi kokuqala kwamakilasi.
Isonto lokwamukela abafundi lifinyelele kuvuthondaba ngokuthi kube nezinhlelo ezahlukene okubalwa kuzo ibhola likanobhutshuzwayo, ibhola lomnqakiswano, umdlalo wokudonsana ngetambo ukuze kubonwe onamandla, umjaho wamabhelunde, umjaho wemilenze emithathu, umjaho wokuphatha iqanda ngokhezo, ukusubatha, umjaho wokugijima ungene esakeni, ibhola lomphebezo, umdlalo wokukora kanye nesnukha.
Lezi zinhlelo bezihlelwe enkundleni yezemidlalo kanye nakwezinye izindawo ebezivulelekile esikhungweni sase-Edgewood lapho abafundi kuzenzakalele ukuthi badanse i-Jerusalema.
Umdlalo kanobhutshuzwayo phakathi kwabasebenzi base-Edgewood kanye nabafundi abenza unyaka wokuqala ube mnandi kakhulu.
Abahleli abahamba phambili bekungumholi wezeMfundo, ukuFundisa nokuFunda, uDkt Samu Khumalo, umholi wezifundo wohlelo lwezifundo zezeMfundo i-Bachelor of Education, uSolwazi Asheena Singh-Pillay; kanye nomholi wezemfundo zokuqeqeshelwa ukufundisa, uNksz Mari van Wyk.
Amagama: yi-NdabaObline
Isithombe: Sithunyelwe