
Isifundiswa sase-UKZN Ohlwini Lwe-Mail & Guardian Power of Women Kowezi-2022
Click here for English version
Ofundisa ezokuHlelwa kwaMadolobha futhi ongusihlalo we-SARChI kwi-Inclusive Cities, uSlz Hangwelani Magidimisha-Chipungu umenyezelwe njengomunye wabafinyelele kowamanqamu kwabakleliswe kowe-Mail & Guardian 2022 Power of Women ngaphansi kwesigaba i-The Governing Woman.
Lolu hlelo luhlonipha abesifazane baseNingizimu Africa abayisibonelo ngokuqhakambisa abakuzuze emisebenzini abayenzayo.
Abesifazane abangama-50 abanamandla abangene kowamanqamu abakhethwe kulo nyaka baqhamuke noshintsho futhi bayagqugquzela emikhakheni abasebenza kuyo babe nomthelela omuhle futhi obonakalayo emikhakheni yabo yezemfundo, ezolimo, amabhinizinisi, imiphakathi, ezempilo, ezezimayini, ezezindaba nokuxhumana, kanye nezemidlalo.
‘Kuyintokozo ukuthi ngihlonishwe yi-Mail & Guardian njengowesifazane esigabeni sobuholi i-Governing Woman ngowezi-2022,’ kusho uMagidimisha-Chipungu. ‘Lokhu kuyangikhuthaza ukuthi ngisebenze kanzima nokuthi ngigqugquzele ezinye izifundiswa ezisencane ukuthi zingawabukeli phansi amathuba avelayo. Noma ngabe umsebenzi mncane kangakanani, kumele uhlale njalo uzinikela ngokuphelele,’ kusho yena.
UMagidimisha-Chipungu unoxhaxha lwezikhundla kanye nemiklomelo egameni lakhe, kubalwa ukuba nguKhomishana wokuHlela kuleli, i-National Planning Commissioner njengoba aqokwa ngumengameli waseNingizimu Afrika, umcwaningi ohlonishwayo enhlanganweni yokucwaninga kuleli, i-National Research Foundation, kanye nosihlalo wophiko lokucwaninga kuleli, iSouth African Research Chairs’ Initiative Chairperson for Inclusive Cities.
Uke waba wukhomishana wokuhlelwa kwedolobha kuMasipala weTheku lapho ayenomsebenzi wokululeka ngamasu ezikhulwini zekomidi kanye namakhansela kanti wake waba sekomidini lokweluleka emnyangweni weZokubusa Ngokubambisana Nezindaba Nomdabu, lapho wayeluleka ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali ngokulingana kwezindawo.
Uke waqokelwa umklomelo wokucwaninga weSekela Shansela e-UKZN, i-Vice-Chancellor’s Research Award.
Ezingeni lomhlaba, uMagidimisha-Chipungu waba yingxenye ye-International Society of City and Regional Planning (ISOCARP) lapho ebeqondisa ngokubambisana umhlangano wokuqala wezifundiswa ezisencane emkhakheni wokuhlela, i-Young Professional Planners (YPP) eNingizimu Afrika ngowezi-2016, kanti wahlonishwa njengowesifazane ogqugquzelayo kunabanye yiphephabhuku lase-UK, i-The Planner ngaphansi kwenhlangano yabahlela amadolobha i-Royal Institute of Town Planners. Wahlonishwa ngumongameli we-ISOCARP ngeslobulungu esigabeni se-Bronze - okwakungokokuqala e-Afrika - ngendima yakhe ebalulekile ayidlale ngesikhathi se-ISOCARP 57 ne 58 e-Doha.
UMagidimisha-Chipungu uthi ufunde ukuthi empilweni akumele ube yinto enkulu ukuze uqale, kodwa kumele uqale ukuze ukhule. ‘Sengiwe izikhashana empilweni yami kodwa nganqaba ukuhlala ngisendaweni ephansi. Akusikho ukuthi uwe izikhawu ezingaki, kodwa kungokuthi izikhathi ezingaki ovuke ngazo emva kokuwa. Yileyo ndlela engilinganisa ngayo impumelelo yami,’ kusho yena.
Ephawula ngombono wokuphatha iqembu e-UKZN nokube yimpumelelo enkulu, uthe: ‘Emkhakheni wami, ukuqala izinto ezintsha kubonakala njengendlela yokudala ukubaluleka okuzosetshenziswa abanye, kanti lokhu bekuyisu ukuze sifinyelele kwabanye. Enye yezindlela ezintsha zokungenelela igxile kwizindlela ezenza ukuthi isibalo esiphezulu sabafundi siphothule iziqu zabo zeMastazi ngesikhathi esifishane futhi ngaphandle kokwephula imigomo yenyuvesi.
‘Indlela yokuqondisa iqembu isusa isici sokuba bodwa phakathi kwabafundi, futhi isiza ekukhuphuleni umdlandla. Ukuthweswa iziqu kwabafundi abaningi ngesikhathi esifushane kuwubufakazi obanele bempumelelo yalokhu kungenelela. Kodwa-ke, kufanele kuqashelwe ukuthi ukuze isu lokuqondisa iqembu lisebenze kudingeka ukuthi abafundi nabafundisi bazibophezele. Ngaphandle kokuzinikela kwazo zombili izinhlangothi ngeke kuphumelele.’
UMagidimisha-Chipungu, ongumsunguli nomhleli omkhulu we-Journal of Inclusive Cities and Built Environments, uthi uma engazuza into eyodwa eNingizimu Afrika, kungaba ‘wukwenza amadolobha abe nakho konke, akhiwe ngobuhlakani futhi akwazi ukumela izimo ezinzima.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo no-Patrick Visser
Isithombe: Sithunyelwe