
Umculi Wase-UKZN Unonge we-24th JOMBA! Contemporary Dance Experience nge“Sound Spark”
Click here for English version
Umfundi wakudala wase-UKZN nosengumculi ozinze eThekwini uMnu Nick Pitman uqhamuke nomsindo oyi-“sound spark” obizwa nge-“Power Station” wevidiyo yokukhangisa i-24th JOMBA! Contemporary Dance Experience.
Lo mgubho womdanso uqale ngoLwesibili, mhla zingama-30 kuNcwaba ngonyaka wezi-2022 e-Elizabeth Sneddon Theatre.
Le vidiyo yokukhangisa iJOMBA! yenziwe futhi yadidiyelwa nguMnu Wesley Maherry kanti ineziqeshana zalo msebenzi wethulwa kwiJOMBA!
Ividiyo yeJOMBA! Itholakala ku: https://youtu.be/wQtS0kXbAbA.
‘I-Power Station iyavutha, okuyinto engekho eMzansi okwamanje. Ngiyajabula ukuthi ngikwaze ukufaka isinongo esincane kwiJOMBA! Festival 2022,’ kusho u-Pitman.
Umqondi wezobuciko weJOMBA! nomfundisi wezomdanso e-UKZN uDkt Lliane Loots uthe: ‘Siyawuthanda wonke umqondo wokuhlanganisa umdanso nomculo kanti lona wumucu ozokwendlalela ukhombise ukuthi sijabule kangakanani ukubuyela eshashalazini nokudala amathuba amaciko- mathupha nabukhoma futhi!’
U-Pitman ungumshayisiginci, uphrojusa, uthisha womculo oneminyaka engaphezu kweyi-10 nomculi ohlonishwayo eThekwini. Waphasa iziqu zomculo ngamalengiso isumma cum laude e-UKZN ngonyaka wezi-2018 egxile ekuqambeni izingoma nokuzididiyela. Ngaphezu kwakho konke lokhu, usake waqokwa kwiStandard Bank National Youth Jazz Band ngowezi-2016 nowezi-2017, waya kocula izingoma zakhe eCape Town, wadlala kwi-Oslo Jazz Festival eNorway ngowezi-2016.
Kulo nyaka udlale noMcCoy Mrubata eRainbow Restaurant noLu Dlamini eCentre for Jazz and Popular Music yase-UKZN nakwiConcerts SA Digital Mobility Fund (etholakala kuYouTube) naseBarnyard Theatre kwiThank You for the Music. Umculo wakhe uyatholakala ezinkundleni zomculo (iYouTube, iSpotify ne-Apple Music).
Ngena ku: https://www.youtube.com/Jomba_Dance ukubukela iJOMBA! nokuyilandela.
Lomgubho uqale zingama-30 kuNcwaba kuya kwi-11 kuMandulo. Amathikithi ayatholakala eComputicket.
Uhlelo lonke neminye imininingwane kutholakala ku: https://jomba.ukzn.ac.za.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: ngu-Alastair Fraser