
Ukuchaza Ubuholi Besifazane kwiSayensi nezeMpilo Emphakathini
Click here for English version
Ukugubha iNyanga Yabantu Besifazane okwenzeka njalo ngoNcwaba, Ikolishi LezeMpilo Yomphakathi lisanda kuba newebhina ebinabafundi abenza ezobudokotela, namathwasa badingide indikimba ethi: ‘Female Leadership in Science and Public Health'.
Ithimba livumelene ukuthi ubuholi kufanele busekelwe kwisisekelo sobuntu, ezikamoya, ukuxhumana ngomsebenzi, ukusebenza nokubhidliza izithiyo, ukuqinisekisa ukuthi kuhlinzekwa ngezempilo eziphelele.
Lona bekungumkhankaso kaNks Tivana Chellan, umfundi weZobudokotela owenza unyaka wokugcina nesidle ubhedu kwiGlobal Outstanding Leadership Awards. ‘Ubuholi yinto evela ngaphakathi kanti buthintwa yimicibango nezinkolelo zethu. Ubuholi bokuzidela yisifiso sokufukula abanye, ukhuthaze futhi usebenzele abanye kanti yisona sisekelo sabo bonke abaholi lesi,’ kusho yena.
UDkt Ashiq Pramchand, ongudokotela oyithwasa owenza unyaka wokuqala nombhali weThe Great Medical Student Odyssey, ukhulume ngesikhathi esathwasela umsebenzi emphakathini. “Iqhaza lobuholi kwezempilo emphakathini sekunesikhathi eside liyimbangela yodweshu kimina ngaphakathi. Umsebenzi engangiwenza emphakathini kwakungowokusiza abanye abantu. Iqhaza lethu kufanele kuhlale kungelokusiza abanye abantu ukuthi baqhamuke nombono wabo nezinhloso zabo, bathole izindlela zokuwisa izithiyo ezibavimbayo, baqhamuke namasu amasha bese behola ngomusa nozwelo.’
UNks Rivona Harricharan, umfundi osenza unyaka wokugcina kweZobudokotela, uthe: ‘Indlela thina basebenzi bezempilo emphakathini esemukela iziguli zethu ngayo ingaba neqhaza elikhulu empilweni yeziguli zethu nemindeni yazo. Sihlale sibhekwa ngeso lobuntu bethu neqhaza esinalo empilweni yabantu, ngakho kufanele siphathe abanye abantu ngozwelo.’ U-Harricharan uneziqu zeMasitazi kwiSayensi yokweLapha ayiphasa ngamalengiso (u-summa cum laude) kanti unguSihlalo we-Research Group kaDini, eteketiswa ngegama elithi “Ongqondongqondo” Inkulumo yakhe ibigxile ezintweni ezithinta ubuntu, ubuqotho nezinkolelo esibuka umhlaba ngazo.
Uthe: ‘Ngokwezimfundiso zikaRobin Sharma, ubuntu bomuntu ngobomuntu ngamunye njengamanyelo ezithupha zomuntu okuyindlela esibuka izinto ngayo, umoya wethu, inhliziyo yethu nempilo yethu.” Ukuba ngumuntu wesifazane enyuvesi kubeka phambili umqondo wakho kodwa njengongoti wokwelapha kufanele semukele zonke izinhlobo zabantu. Ubuntu kufanele buhambisane neziqu zasenyuvesi ezikunika ithuba lokufukula abanye abantu besifazane.’
UDkt Tumisang Malete, ithwasa elikhulu lobuDokotela nowaqokwa kwiTop 40 Most Inspiring Students yase-UKZN ngonyaka wezi-2017 nombhali weLeading in a Selfie Generation, uthe ezikamoya, okungukuxhumana komuntu nemvelo, kufanele kube yindikimba eqhakanjiswayo ekuholeni. Ezikamoya azihlale zisho inkolo. Ziyinkolo kongaphezulu noma okungaphezu kwakho. Ukufaka ezikamoya emsebenzini wakho wokuhola kuzokuhola endleleni ohola abanye ngayo, ukwazi ukwelapha iziguli zakho ngendlela ephelele.’
UNks Xoliswa Njapha, umfundi wezobudokotela osenza unyaka wokugcina nosengomunye wabasunguli bomkhankaso i-#IMadeADoctor, uthe yena ukhuthazwa nguNgqongqoshe Wezobukhosi Bendabuko uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma. ‘Akesabi ukuveza imibono yakhe kanti leli khono libaluleke kakhulu ekuholeni. Yiba nombono, ungasabi ukufisa izinto ezinkulu. Njengoba uSanta Teresa asho, kubalulekile ukukhumbula ukuthi akekho umuntu ongaguqula umhlaba eyedwa kodwa kancane kancane, sonke singaba neqhaza.’ UNjapha ufisa ukuthi umengameli ozolandela kube ngumuntu wesifazane.
Ukubukela abantu besifazane phansi yisihlava sendluzula ngokobulili. UMnu Yanga Mbele, ongumfundi ewenza unyaka wokugcina wobudokotela nowamele ikilasi kowezi-2020 kuya kowezi-2022 nowaqokwa yibo bonke abafundi ebenza izifundo zobudokotela waba yiBest REACHT Student MBChB sangonyaka wesihlanu, wethule umyalezo onzulu ngobumqoka bokudala indawo yokusebenza ephephile, enehlonipho neqinisekisa ukuvikeleka kwabantu besifazane. ‘Kudingeka sibe nobudlelwano obuqinile nabafana ukuze sibacije futhi sibafundise ukuyeka “ingqondo evamile” eyenza amadoda asebenzise indluzula ukuze azwakale uma ekhuluma. Kufanele sihlukane nomqondo wokuthanda ukuthengela abantu besifazane utshwala ngoba sifuna ukulala nabo,’ kusho yena.
Ephetha iwebhina, uNks Kiara Govender, umphathi wohlelo, umfundi owenza unyaka wokugcina nomsunguli iCarePledge, umkhankaso wabafundi uthe: ‘Abantu besifazane bayinsika yesizwe. Ngokuba nobuntu, nokufaka uqobo lwethu kwezikamoya, ukumela lokho esikholelwa kukona nokuqhamuka namaqhinga amasha kwezempilo emphakathini, siyoba ngabantu abanegalelo elibonakalayo abadingwa yisizwe nomhlaba wethu.’
Le webhina ungayibuka ngokungena kwiYouTube yase-UKZN ku: https://www.youtube.com/watch?v=OAEu4Q5yvO4.
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Izithombe: Zithunyelwe