Uchwepheshe Kwezokulimala Nokusha Unconyiwe Ngokuletha Uguquko Ekuhlinzeni
Click here for English version
Isikole seClinical Medicine (i-SCM), esiphethwe yiNhloko neDini uSolwazi Ncoza Dlova, sisanda kuncoma uSolwazi Timothy Hardcastle ngeqhaza nokuzinikela kwakhe eMkhakheni WokuHlinza.
U-Hardcastle ukwazile ukuphatha lo Mnyango ngempumelelo ngenkathi eyiNhloko ebambile kusukela ngoNtulikazi wezi-2022, waqinisekisa ukuthi ukuqeqesha abafundi abenza iziqu zokuqala neziphezulu kuqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka.
U-Hardcastle ukwazile ukuletha uguquko ngempumelelo oPhikweni Lokwelapha e-Inkosi Albert Luthuli Central Hospital. Lokhu kucace ngokuthi ongoti abasebenza kulolu Phiko abangama-60% kube ngabantu besifazane. Ocwepheshe abathathu oPhikweni bangabacwaningi bese kuthi oyedwa usevele uphothule ukuba ngumcwaningi ongungoti eKuhlinzeni AbaLimele. Usekhaleni lokuletha uguquko kubasebenzi njengoba abasebenzi abangabalaphi abangama-50% kungabantu besifazane kanti kubo bonke abangama-30% bangabantu abaMnyama.
U-Hardcastle uNguchwepheshe Omkhulu KwezokuLimala neZokusha eMnyangweni WokweLapha Ezokulimala nokuSha eNkosi. UnguSolwazi Olekelelayo KwezeSayensi YezokweLapha eDurban University of Technology noSolwazi Olekelelayo weZokulimala nokuHlinza eNyuvesi yakwaZulu-Natali.
U-Hardcastle waqala ukusebenza eNkosi eyiNhloko YoPhiko Lokwelapha ngonyaka wezi-2008 ephuma eStellenbosch. Wenza iziqu zobudokotela phakathi kwangonyaka wama-2011 nowama-2014. Usebe ngumluleki wabafundi abaningi abenza iMasitazi nabantathu abenza iziqu zobudokotela baze baziqeda izifundo zabo. Ukhushuliwe wenziwa uSolwazi weZokuhlinza e-UKZN ekuqaleni kwalo nyaka (wama-2022).
Amagama: nguLihle Sosibo
Isithombe: Sithunyelwe