
Ubudlelwano Bomphakathi Nabafundi Bezomthetho
Click here for English version
I-UKZN isanda kusayina isivumelwano noMnyango WezoMthetho wase-Illovo Sugar Africa (Pty) Ltd ongeke ugcine ngokulekelela ngezindlela ezihlukene abafundi bezomthetho kodwa futhi esizolekelela imiphakathi yaseThekwini naseMgungundlovu.
Inhloso yalobu budlelwano wukweseka ngokwezimali nangokomsebenzi kubafundi bezomthetho nokuhlinzeka imiphakathi entulayo ngosizo lomthetho nge-UKZN Law Clinic.
Lokhu kuzokwenzeka ngokubambisana ngemikhankaso ehlukene engeke igcine ngezikhulumi ezizohlelwa ngezikhathi ezithile, izinhlelo zangamaholidi, izinsuku zokweluleka ngemisebenzi, imifundaze, ucwaningo nokweseka umphakathi ngeLaw Clinic yase-UKZN ngendlela ehambisna nobuchule bethimba lezomthetho lase-Illovo Sugar Africa.
Zombili lezi zinhlangano zihlanganile ukudingida izindlela zokwenza lezi zinhlelo. UMnu Emmanuel Hinso, uMmeli Jikelele nonobhala wenkampani i-Illovo yibo abazoba seqhulwini lwalezi zinhlelo nemifundaze ezogixatshezwa abafundi ebafanele ebafisa ukufunda ezoMthetho.
‘Sifisa ukuqinisekisa ukuthi lokhu kusebenzisana kuzwakala kubafundi, yingakho sethule izinhlelo ezithinta bonta ngqo. Sizoba nezifundo ezihlelelwe izikhathi ezithile nezinsuku zokufundisa ngemisebenzi ethile ukuqinisekisa ukuthi abafundi bayesekwa kuwo wonke umsebenzi wesikole,’ kuchaza uHinson.
Ukusebenzela nokunikelela umphakathi njengenhloso enkulu nezinhlelo zamaqhinga kuqoshwe phansi ukuqinisekisa i-Law Clinic ukuthi ihlonyiswe ngendlela efanele nokuthi benele abasebenzi abazokwenza lo msebenzi wokuhlinzeka imiphakathi ngosizo lomthetho.
Lesi sivumelwano sokubambisana Phakathi kwethimba labameli benkampani, eligabe ngabameli nabasingameli baseNingizimu Afrika namanye amazwe aseningizimu ye-Afrika, lizohlomulisa abafundi ngolwazi lwalo mkhakha.
‘Sidinga usizo olunjalo ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wethu wezomthetho utholwa ngabantu bakithi. Ukufinyelela ezindaweni eziseduze kwale miphakathi kuzoba neqhaza elikhulu ngokuthi abantu bazi ngokutholakala komsebenzi wethu nathi sikwazi ukusiza. Singaqasha abanye abafundi ukuthi bashintshane ngokusebenza khona,’ kusho uMnu Adrian Bellengere, School of Law Acting Dean.
I-Law Clinic ingenye yezikhungo zosizo lwezomthetho ezikhona eNingizimu Afrika lapho khona abafundi bethola ukusebenza ngaphansi kochwepheshe bomthetho ekuxazululeni izinkinga zangempela zomthetho.
Amagma: nguSamukelisiwe Nomusa Fezile Cele
Isithombe: Sithunyelwe