
UDini wezeSintu eMnyangweni Wokufunda Nokufundisa Uqokelwe iBhodi Labeluleki be-SANRC
Click here for the English version
UDini weHhovisi Lokufunda Nokufundisa eKolishi lezeSintu, uSolwazi Ruth Hoskins uqokelwe ukuba yilungu lebhodi labeluleki eSouth African National Resource Centre for the First-Year Experience (FYE) kanye ne-Students in Transition (SANRC).
Leli bhodi elizinze e-University of Johannesburg (UJ), I-SANRC iyisikhungo esigxile kakhulu ekuthuthukiseni impumelelo yabafundi ezikhungweni zemfundo yasemazingeni aphakeme.
Lesi sikhungo sisebenzela iNational Higher Educational System ngokuthi yelekelele wonke amanyuvesi aseNingizimu Afrika aphethwe wuHulumeni anolwazi ononophele kwezemfundo emazingeni aphezulu kanye nangokuqeqesha okungalekelela ekutheni basize abafundi ngezindlela ezinohlonze mayelana noshintsho olwenzeka uma befika emanyuvesi nokuyingxenye yohambo lwabo futhi nokuneqhaza empumelelweni yabo.
‘Iqhaza elibanjwe yibhodi yeSANRC ukuqinisa ukusebenza kanye nesipiliyoni kwi-FYE kuzwelonke kanye nokuhlela ubufundiswa kanye nocwaningo lwe-FYE kuzwelonke nasemazweni angaphandle. I-UKZN izohlomula kakhulu kulolu mbimbi lwe-FYE olwethulwa yiSANRC kanye noMnyango WezeMfundo yasemazingeni aphakeme kanye nokuqeqeshwa kwamakhono, usoseshini wezokufunda nokufundisa waseNingizimu Afrika esemazingeni aphakeme, i-Higher Education Leadership and Management, yisikhungo saseNingizimu Afrika sokuFundela Kude, isiyaphumelela iphrojekthi kazawelonke ye-FYE kanye ne-international initiatives yase-University of South Carolina SANRC,’ kusho u-Hoskins.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: Sithunyelwe