
Ozichitha Isithukuthezi Ngokubhala Ubhale Ngomlando we-Comrades Eceleni
Click here for the English version
Uma enganxenxi uxhasozimali eNyuvesi, lowo oyibamba-buQondisi Jikelele we-UKZN Foundation, uMnu Steve Camp uchitha isizungu ngokubhala izincwadi.
Lo mbhali obhala izincwadi engananhloso yokuzishicilela kanye nokwenza inzuzo usenezihloko ezingama-22 egameni lakhe kusukela ezincwadini zabantwana, kuya emlandweni wasemasosheni, kamuva nje ubhale ngoMlando we-Comrades Marathon - nokungumjaho waseNingizimu Afrika odle ngebanga elide - esizana noMnu Brad Morgan naye ongumbhali.
In Your Stride: 100 Years of the Comrades Marathon, le ncwadi yaqedwa ngonyaka wezi-2021 ngesikhathi kade kunomgubho walo mjaho onedumela emhlabeni jikelele.
‘Lona ngumjaho omdala kunayo yonke emijahweni emide, umjaho we-Comrades ufaniswa nesikhungo saseNingizimu Afrika esaziwa emazweni omhlaba wonke ngenselelo yayo eyifakayo yokukhandla umzimba iqede “nya” amandla kanye nobudlelwano nokubumbana ekwakhayo (camaradirie) phakathi kwabo bonke ababambe iqhaza ababuya emazweni asemhlabeni wonke,’ kusho u-Camp.
‘Ukwenza ucwaningo ngalo mjaho bekuhlaba umxhwele. Lo mjaho wadaleka ngomqondo owafika nomakadebona weMpi yoMhlaba uVic Clapham, nowayefuna isikhumbuzo esiphilayo samasosha abulawa kule mpi enkulukazi. U-Clapman owabekezelela uhambo oluyizi-2 700 zamakhilomitha endaweni eshisa ngohlobo olumangalisayo yase-German East Africa, wayefuna lesi sikhumbuzo sibe ngesihlukile futhi esizoshiya inselelo enkulu ekubekezeleni kwezicubu zomzimba.
‘Umthethosisekelo walo mjaho uyakubalula ukuthi inhlosongqangi yalo mjaho kuwukubungaza “umoya wokuba wumgijimi ngaphezu kobuhlungu.” Umjaho wokuqala waba ngonyaka we-1921, lo mjaho wabanjwa minyaka yonke kusukela lapho, ngaphandle kweminyaka ye-1941 kuya kowe-1945 ngesikhathi imisiwe ngesikhathi seMpi yoMhlaba yesibili, kanye nangonyaka wezi-2020 kuya kowezi-2021 nenxa yobhubhane loKhuvethe.
‘Abagijimi abangama-34 bangenela umjaho wokuqala; usukhule wafika kubagijimi ayizi-20 000. Kanti mhla zingama 28 Ncwaba 2022 umjaho ongamakhilomitha angama-89 uzophinda futhi ugijinywe kusukwa eMgungundlovu kuyiwa eThekwini nokunenkundla egcwaliswe abagijimi ababalelwa ezi-15 000, bonke abazimisele ukuba bezohlola ikhono labo lokubambelela nokubekezelela ubunzima kulo mjaho wabantu ongaconsi phansi.’
Phakathi kwalamanani kubalwa phakathi abasebenzi base-UKZN ababalelwa ema-20 abazogijima begqoke imibala yeNuvesi.
I-In Your Stride iveza kabanzi izithombe zalo mcimbi oyigugu, osuqede iminyaka eyikhulu futhi ongelona nje igugu kubagijimi kuphela kepha nakubantu nje abanentshisekelo yokuzobona ukubekezela komoya wabanye abantu.
‘Ukubhala izincwadi yinto engichitha ngayo isizungu futhi sengikwenze esikhathi esijana impela futhi angisakhumbuli kahle,’ kusho u-Camp. ‘Nasesikoleni impela, ngangichitha isikhathi eside emtapweni wolwazi kanye nasesitolo sezincwadi, ngibheka kumashalofu futhi nginephupho lokubhala izincwadi ngelinye ilanga.
‘Njalo emva kokusebenza, ngikuthola kupholisa ikhanda ukucwaninga ngesihloko esingihlaba umxhwele, kanye nokubheka emigodleni, kanye nokuphenya amaphephandaba asemadala, ukuxoxa nongoti kanye nokufuna izithombe ezihambisana nesihloko bese ngichaze ngazo. Uhlezi ungenalo ulwazi lokuthi yini entsha ongayithola.’
U-Camp usebhale izincwadi zabantwana eziningi kakhulu - ikakhulukazi ezihlokweni zezemvelo - kanjalo nomlando wezakhiwo zaseMgungundlovu, umlando owawumayelana nokugcinwa kanye nokuvikelwa kwezimoto zamasosha ezakhiwa lapha eNingizimu Afrika (Surviving the Ride), kanye neyodwa eyisikhumbuzo sama-70 se-Dusi Canoe Marathon (Adventures on an African River), nayo ayibhale no-Morgan.
Akasiyona nje indoda yezincwadi, ube esezichaza njengowesilisa ozithandela ezemidlalo nothanda ukuvakashela izindawo abuke ezemvelo. Ungomunye wedlanzana labantu asebebambe iqhaza kwenye yemicimbi emihlanu emikhulu, “Big Five” events: i-Comrades eyi-10, amaDusi Canoe Marathon ayi-17, ama-Cape Town Cycle Tours ayi-14, amaMidmar miles ayi-19 kanye ne-Cape to Rio yacht race eyodwa. Useke wagijima i-Two Oceans Marathon izikhawu eziyisikhombisa. uyingxenye yeqembu lomntakabani labagijimi bamazwe ngamazwe asebagijime kuwo wonke amazwekazi omhlaba okubalwa kuwo iGreat wall of China, iLondon, Inca Trail, iNew York, iSydney kanye nama-Antarctica Marathon.
U-Camp uyisikawoti sodumo usefinyelele ezicongweni eziyisikhombisa ezinde kakhulu emhlabeni wonke: okubalwa kuzo i-MT Aconcangua, Denali, Kilimanjaro kanye neKosciusko. Wayeyingxenye yabahlali baseNingizimu Afrika ababengenele umncintiswano wemijaho wezinsuku eziningi ababencintisana ezweni lase-Ecuador kanye naseVietnam (Raid Gauloises), kanye nasePatagoni, nase-Argentina (Discovery Channel Eco Challenge). Uphinde wahola i-African Powered Paragliding Expedition yamasonto ayisithupha, nalapho andizisa khona iparaglinder esuka eKilimanjaro eya eVictoria falls eZimbabwe. Waphinde waphothula ngempumelelo umjaho wezithuthuthu eLesotho owaziwa ngele-The Roof of Africa Rally. Uthathe ikhefu uma kuqala lo nyaka esikuwo ukuze akwazi ukuyochitha isizungu abuke isiqhingi saseMauritius ehamba ngesikebhe esibizwa ngeCanoe ehamba nendodana yakhe uStuart waphinde futhi wenza ibanga elingamakhilomitha angama-346 ubude egwedla amanzi ngenduku Emfuleni iThames ukusuka emlonyeni womfula uze uyongenela olwandle ehamba nendondakazi yakhe, uSarah.
Ngesikhathi esaqeqeshwa emasosheni embuthweni waseNingizimu Afrika, iNkambi lena yangiqeqeshela ukundiza ngamaParatrooper wings futhi seloku kwathi nhlo ubeziqeqesha nale nkambi waze wahlabana nge-military airborne wings of Israel, Burma, Estonia, Cuba kanye nase-America. Le ntshisekelo yakhe iyona eholele encwadini yakhe yakamuva nje - nalapho ecwaninga futhi ebhala umlando wamaParatroopers aseNingizimu Afrika akayibhale belekelelana nosathatha umhlalaphansi uGeneral McGill Alexander naye oyiParatrooper. Banethemba lokukhipha le ncwadi ngonyaka wezi-2023.
Kanti ukunezezela nje kukho konke loku osekubaliwe ngale ndoda enentshisekelo enkulu kangaka: uCamp usabambe irekhodi lomhlaba wonke lokuhamba ibanga elide esebenzisa i-Zorb - ibanga elingamamitha angama-570, leli rekhodi walenza ngowezi-2006.
Lena ke eyabekhethelo, ayitholwa yinoma ngubani!
Amagama: ngu-Sally Frost
Izithombe: Zithunyelwe