
OwayenguMfundi wase-UKZN Ukhande iFilimu Emfishane Yopopayi Ethokozisayo
Click here for the English version
Lowo oyi-Digital artist, ongumenzi wamafilimu aphinde abe ngumsebenzi oqedeshelwa igraphic design, uMnu Mvelo Zimu ubhale, wakhanda opopayi waphinde waqondisa ifilimu emfishane emnandi nethokozisayo, ebizwa nge: The Detective.
Indikimba yale filimu ingoMshushisi owaba nokuphazamiseka ngokomqondo ngenxa yokulahlekelwa womunye wabantu ababeseduze nenhliziyo yakhe kakhulu. Le ndaba ixoxwa omunye naye owafunda kule Nyuvesi, uMnu Qhawe Ndlovu.
‘Le filimu igqugquzelwe amanye amafilimu athokozisayo engike ngawabuka. Abemaningi amadrafti, kanye nje nezinhlelo zokuhlanganisa lo msebenzi othathe cishe izinyanga ezine ukuwuqeda ngaphambi kokuthi siwufake izithombe zopopayi,’ kuchaza uZimu.
Le filimu ibingumsebenzi kaZimu wezifundo zeziqu ze-Onazi. ‘Kungithathe isikhathi eside ukuhlanganisa kanye nokuphothula lo msebenzi wokwenza ingxenye yopopayi. Bekungelula neze. Bengingenamali, ngakho bekumele ngizenzele yonke into, ukufakwa kwemisindo, umculo kanye nokuqondisa, ngangisebenzisa nekhompyutha/umathangeni oshibhile ukuze ngakhe izithombe ezinhle nezisezingeni ngaphambi kokuthi kuphumele ebantwini ukuba kubukwe,’ usho kanje.
Umyalezo wakhe kulabo abasenentshisekelo yokwenza amafilimu uthi, ‘Uma unomqondo othile, noma unendaba ongayixoxa, qala manje uyixoxe. Akunandaba ukuthi awunazo kangakanani izinsizakusebenza. Mina ngikwazile ukuba kwabayisi-8 abaphume phambili kwi-International Students Film Festival kodwa nginomathangeni kuphela njengensizakusebenza. Ngikwazile futhi ukuxhumana nalabo asebemnkantshubomvu kwezokwenziwa kwamafilimu kanye nalabo abanethalente abasafufusa. Ungakwenza kwenzeke.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe