
I-UKZN Izobamba Eyama-24 i-JOMBA! Nokuyithuba Lokuzithokozisa Ngomdanso Wesimanje
Click here for the English version
I-JOMBA! Contemporary Dance Experience Yama-24 ehlelwe yiSikhungo sezoBuciko Bezandla eKolishi lezeSintu e-UKZN, izobanjelwa e-Elizabeth Sneddon Theatre kusukela zingama-30 kuNcwaba kuya ziyi-11 Mandulo 2022.
Isiqubulo sakulo nyaka sithi: “The (Im)possibility of Home”, nenikeza ithuba izethameli nababukeli bomdanso nalabo abathanda itiyetha ukungcebeleka ngokubabukisa umdanso wesimanje osezingeni lomhlaba wonke izinsuku eziyi-13, lo mdanso sewuke wenziwa abadansi abasuka ezweni lethu kanye nakwamanye amazwe angaphandle. Amaciko azobamba iqhaza abuya emazweni abandakanya iNingizimu Afrika, Mozambique, Switzerland, Reunion Island kanye ne-India.
Lo mcimbi walolu hlobo uhlobe kahle ngemidanso enamandla, ama-workshop, ahlinzeka ngethuba lemibuzo (Q&A) nezimpendulo emva kwemibukiso, izingxoxo zephaneli, imidanso ebukwa kumabonakude, kanye nokubuya kwe JOMBA! Nokuyishashalazi labasha lomdanso elizokweseka liphinde lilekelele ukukhuliswa kwamaqembu abadansi abasafufusa.
‘Sesikhululekile futhi sijabule kakhulu ngokuthi sizobe sethula ifestivali yethu ethandwa kakhulu ezobukwa bukhoma, ngakolunye uhlangothi omunye umsebenzi nemicimbi izovezwa ngobuchwepheshe ukuze nalabo abangakwazanga ukuphumelela ukuthamela mathupha nabo babe yingxenye,’ kusho uMqondisi kwezobuciko kwi JOMBA! nophinde abe nguMfundisi e-UKZN, uDkt Liane Loots. ‘Kulo nyaka, sihlele ukuphenya sisebenzisa isiqubulo esithi, “The (Im)possibility of Home”, kuphenywe kabanzi ngemidanso exoxa ngamagugu esizwe, usiko, umlando kanye nokuzazi, lokhu kukunika ithuba lokuzizwa usekhaya futhi uyingxenye yakho konke, nokuthi konke lokhu kushintshashintsha kanjani ekuhambeni kwesikhathi - futhi ke lesi yisikhathi esiyingqayizivele (ezweni lethu kanye nakwamanye amazwe) ukubona yonke le nto!’
UMnu Vincent Sekwati Mantsoe uzohlonishwa ngeJOMBA! Legacy Artist kowezi-2022. ‘Lo nyaka uMantsoe uhlanganisa iminyaka engama-30 ekulo mkhakha njengomdansi kanye nomqeqeshi wabadansi, yingakho singazange singabaze nakancane noma sicabange enye indlela yokumbonga ngaphandle kokubungaza kanye naye futhi nokumhlonipha njengengqalabutho yethu yaseNingizimu Afrika emlandweni wokuDansa,’ Kusho uLoots. Kuzophinda futhi kube nomdansobukhoma ngomsebenzi omusha sha kaMantsoe awudansa yedwa obizwa nge-KOMA.
Izikhondlakhondla zaseNingizimu Afrika emkhakheni wimdanso wesimanje uNksz Mamela Nyamza kanye noNelisiwe Xaba bazovula lo mcimbi behlanganyela nabadansi base-Sweden uMarie-Caroline Hominal emsebenzini obizwa nge-Homonal/Xaba
Ngokubambisana ndawonye neGoethe-Institute South Africa, iJOMBA! Izosingatha uMdansi waseMozambique uNksz Edna Jaime emsebenzini wakhe omuhle kakhulu awudansa yedwa nowaziwa ngele- Um Segundo (okuchaza ukuthi umzuzwana owodwa)
UFana Tshabalala, nowayenguMdansi wasekhaya ngeJOMBA! yowezi-2019. Ushaye ibuya ngomsebenzi wakhe azowuveza ezithombeni zikamabonakude owaziwa ngele-Zann, nowayewuqale kuzoba wumsebenzi wakhe wangonyaka wezi-2019 njengomdansi wasekhaya.
Kunemisebenzi emithathu ehlanganiswe abadansi basedolobheni laseThekwini, uMnu Sandile Mkhize, uNksz Tegan Peacock, kanye noMnu Pavishen Paideya ezovezwa kumabonakude kuyo iFestivali. Bonke bobathathu bathole uxhaso lwezimali ukuze babuyekeze kahle umsebenzi wabo walapha ekhaya ohlelweni olwaziwa ngeJOMBA! EDGE mentored platform.
IJOMBA! YOUTH OPEN HORIZONS (neyayaziwa ngele-The Youth Fringe), izohamba iyohlanganyela eStable Theatre nalapho ehlele ukwemukela abadansi abasafufusa, bese kuthi ezinye ezizovela kumabonakude kufaka kuzo iJOMBA! AFRICAN DIGITAL VOICES, OPEN HORIZONS and nengxoxo yephaneli ezobanjwa ngobuchwepheshe besimanje.
I-JOMBA! OPEN HORIZONS (neyayaziwa nge-JOMBA! Fringe) iyaqhubeka nokuxhasa abenzi bemidanso abasebenza kumafilimu. Leli thimba lizoqoka amafilimu ayisithupha kwi-esimemezelweni semingenelo kulo nyaka, bese kuthi abayisithupha abaphume phambili bazomenyezelwa ngaphambi kokuba abukwe lamafilimu.
IFestivali izovala izingxoxo zayo ngaleyo ezoqhutshwa ngobuchwepheshe besimanje, ephakathi kwe-Attakkalari Centre for Movement Arts (ese-Bangalore, e-India) kanye neCiko uMnu Simon Senn (waseSwitzerland) nokuyingxoxo ebheka kabanzi umsebenzi womdanso walesi sikhungo kanye nomsebenzi ophakathi kukaSenn kanye nongumdansi waseBharatha Natyam uNksz Rohee Oberoi.
Kunama-workshops amathathu avulelekile (kubadansi abaneminyaka engaphezu kwe-16) kubadansi nakubaqambi bomdanso, lena ke yiseshini yomkhamkha obizwa nge-JOMBA! Forging Futures, ngesikhathi i-JOMBA! KHULUMA Online Writing enohlonze izofaka imibhalo, imibuyekezo kanye nezinhlolovo.
Amathikithi alo mbukiso ayatholakala e-Sneddon Theatre, ingama-R80 imali yawo ephelele kodwa abafundi bazowathola ngo-R65, abafundi baseNyuvesi kanye nabahola impesheni ayatholakala kwaComputicket.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: u-Ivan Barros, u-David April kanye no-Val Adamson