
Isidlo Sasemini Sokubonga Ababefunda eNyuvesi Abathumele “Amanothi aseKilasini”
Click here for the English version
Isicelo sokulethwa kwamaphepha azoshicilelwa ngaphansi kwesihloko saManothi aseKilasini ebhukwini lababefunda eNyuvesi elibizwa nge UKZNTouch ngonyaka wezi-2021 sihehe izethulo ezibalelwa e-140.
Amanothi aseKilasini ayisiqeshana esibhalwa ngabafundi esibhale kafuphi ukuthi ngabe benzani, bakuphi futhi ngabe sebezuzeni.
Ngesikhathi kufundwa lezi zethulo ithimba le-Alumni Relations lihlatshwe umxhwele kakhulu yimpumelelo kanye nebanga asebelihambile, nangezikhundla asebekuzo ezinkampanini, kanye namabhizinisi kanye nokuba nje nemisebenzi emangalisayo eminye esemazweni angaphandle.
Isibalo salabo ababambe izikhundla ezisezingeni eliphezulu emazweni angaphandle siwubufakazi bezinga leziqu ezikhiqizwa yiNyuvesi yaKwaZuku-Natali kanye nezinga labasebenzi abakhiqizwa yile Nyuvesi asebesebenza emazweni angaphandle. Abaneziqu babambe izikhundla ezifanayo kepha bona balapha ezweni lethu bahlelelwe kanje; ithimba le-Alumni Relations liye lakhetha ukuhlangana nabanye balabo abasebenzela esifundazweni saKwaZulu-Natali ukuze bababonge ngokufaka amaphrofayili abo nokuthi bathole ithuba lokuthi babazi kangcono.
Kubanjwe isidlo sasemini izikhawu ezimbili nezibe yimpumelelo eThekwini kule Nyanga kaNcwaba, abanye ababefunda eNyuvesi abebesuka ezindaweni ezikude ezinjenge-Richards Bay kanye nase-Kokstad. Kunethemba lokuthi yonke le mizamo ingaholela ekubambisaneni okukhulu phakathi kwalaba ababengabafundi manje asebesezikhundleni eziphezulu ne-UKZN.
Njengoba oyedwa eye waphawula wathi: ‘siyethemba ukuthi sizoba wusizo kwiNyuvesi yethu ezinhlelweni zayo ezizayo ezifana ne-Incubation, nokweluleka kanye nokunye okuningi okuqhubekisela iNyuvesi phambili. Le Nyuvesi isemqoka kakhulu kimina. Ngineziqu ezimbili engazithola e-UKZN futhi ngiyafisa ukuyibona iba ngenye yamanyuvesi ahamba phambili uma iqhathaniswa namanye amazwe.’
Eminye imihlangano ihleliwe ngokwezifunda ukuze ithimba lizokwazi ukuhlangana nalabo abangakwazanga ukuphumela ukufika eThekwini.
Amagama: ngu-Finn Christensen
Izithombe: uNomcebo Msweli kanye nomsebenzi wase-Grimaldi’s