Isifundiswa soMnyango wezeSintu Siqokwe Sabangumkhulumeli WeNational Social Cohesion Programme
Click here for English version
UDkt uBalungile Zondi waseSikole Sezenhlalakahle uqokelwe kwesokuba yisikhulumi seNational Social Cohesion Programme ehhovisi likaNgqongqoshe wezeMidlalo, amaCiko namaSiko uMnu Nathi Mthethwa.
Lolu hlelo luhlose ukuhlanganisa umphakathi ngokuphelele ukuze usebenzisane ekwakheni isizwe esiziqhenyayo futhi esinakekelayo ngamagugu nombono owodwa, lukhuthaze futhi lugcine wonke amasiko nolwazi lomdabu. Luzoqala i-Nation-Building Project Management Manual ne-Toolkit esetshenziswa yizingcweti kuwo wonke amazinga, nokuhlanganisa ukubumbana komphakathi nemihlangano yokwakha izwe ezingeni lesifundazwe nomphakathi ezinyangeni eziyishumi nambili ezizayo,’ kuchaza yena.
UZondi unikwe umsebenzi wokuba ngumkhulumeli womphakathi kulolu hlelo, adlulise ulwazi oludingwa noma olufunwa wumphakathi oluthinta uhlelo, aqinisekise ukuthi izinjongo zohlelo ziyenzeka ngokuxhumana nabezindaba nezinye izinhlaka ezithintekayo kulolu daba. Uzobhala izitatimende zezindaba egameni labagqugquzeli bokubambisana komphakathi, Imiphakathi noMnyango wezeMidlalo, amaCiko namaSiko noNgqongqoshe.
UZondi uneziqu zobudokotela kwi-Anthropholoji, iMasitazi eZifundweni Zenqubo neZentuthuko, i-Onazi kwiSosiyoloji, iziqu kwezeNtuthuko ne-Anthropologyas neDiplona kwiPopulation and Demography yase-University of KwaZulu-Natal. Ukwazi ukukhuluma IsiZulu nesiNgisi.
Ngaphandle komsebenzi wakhe wokufundisa e-UKZN, usemakomidini amaningi angaphakathi eNyuvesi anjengeHigher Degrees Committee ne-Community Engagement Committee. Umhloli wocwaningo wangaphandle wamaNyuvesi owaziwayo ezweni nakwamanye amazwe. Ungumbhali osafufusa oseshicilele kwi-International Journal of Indigenous Herbs and Drugs (i-IJIHD).
Inqubomgomo yomphakathi, intuthuko, inkolo, izihlahla ezingamakhambi, ukuhlaziya nokusebenzisa, ukubamba iqhaza komphakathi, ukufuduka, ukuhwebelana namanye amazwe nezifundo zama-Afrika azinze phesheya, izindlela zokufuduka, ubukoloni, izindlela zolwazi lomdabu, ezithinta abantu besifazane, indluzula ethinta ubulili, izinkinga zokuthuthuka, ezasemgaqweni, ohulumeni bezindawo nentando yabantu, amalungelo ezingane nokuwathintayo nokukhubazeka yizinto uZondi athanda ukuzicwaninga.
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe