
I-Essilor Nethuba Lokusebenzisana Nabe-Opthomethri Base-UKZN
Click here for English version
I-Essilor, inkampani yaphesheya yezamehlo, ibivakashele abafundi be-Opthomethri base-UKZN ukuzozethula nokubhunga ngamathuba okusebenzisana nokuzobapha imititilizo yezipho.
UMnu Peter Jones, umqondisi wesifunda wezokudayisa KwaZulu-Natali, ukhulume ngenkampani yonke kubafundi abacela kwi-140. Lo mcimbi ubuse-Senate Chamber ekhempasini yase-Westville, lapho bekukhona abafundi abenza unyaka wesithathu nowokugcina.
Ngalokhu kuvakasha i-Essilor South Africa ihlose ukugubha iminyaka yokusebenzisana ekhona phakathi kwe-UKZN nale nkampani. Abafundi banikwe izipho eziyizincwadi zomlando wempilo yabo, u-Jones wathi ukuze ‘babe yisikhumbuzo sokuhlangana nobumqoka bokubambisana phakathi kwenu niyizingcweti nathi siyinkampani eyenza umsebenzi wobungcweti.’
Ngonyaka wezi-2021, i-Essilor International neLuxottica International bahlangana babumba i-EssilorLuxottica inkampani eyodwa yomhlaba. Ephawula ngalokhu kuhlangana, u-Jones uthe: ‘Inhloso kwakungukusungula isisekelo sebhizinisi elinazo zonke izinto ezidingwa yimboni yezamehlo.’
I-EssilorSA igxile ekwenzeni izingilazi zezibuko nokunye kanti ama-90% ezingilazi zezibuko zayo akhiqizwa kuleli zwe. U-Jones ubalule ukubaluleka kobudlelwano phakathi kwabantu abenza umsebenzi we-opthomethri beyizingcweti nabadayisi ekuzweni imibono yabanye abantu. Uthe: ‘Imibono yenu nemibono esininika yona imqoka ekukhiqizeni nasekuthuthukiseni izingilazi zezibuko nezibuko njengoba siphokophele phambili.’
UDkt Naimah Ebrahim Khan, umholi wezifundo ze-Opthomethri eSikoleni seSayensi YezeMpilo, uthakasile ngokuvakasha kwe-EssilorSA nesipho sayo kubafundi, ikakhulu abenza unyaka wesithathu, wathi: ‘(Abafundi) baya ezibhedlela, babone iziguli eziningi kanti ngenxa yalokho zidinga imifaniswano efanele, okuyinto ebizayo ngaphezu kwezinye izinto abazidingayo.
‘I-EssilorSA inomlando wokupha umnyango we-Opthomethri wase-UKZN eminyakeni edlule, ihlale isisiza uma sidinga usizo lwemali nolwezimpahla noma uma sinabafundi abakweletayo, ngakho sithakasile ukuqhuba lobu budlelwano’. Wonke umfundi owenza unyaka wesithathu uthole umfaniswano womsebenzi, kwathi labo abenza unyaka wokugcina bathola amajakhethi. Imifaniswano namajakhethi kugqize ngezimpawu ze-UKZN neze-Essilor.
Lo mcimbi nezipho kuthakaselwe kakhulu ngabafundi. Umfundi owenza unyaka wesithathu uNks Aparna Ramsookmohan uthe: ‘Kumnandi ukuthola omunye umfaniswano wokusebenza kanti bengingazi kangako nge-Essilor ukuthi yinkampani enkulu kangaka kodwa manje sesiyazi ngale nkampani nokuthi isebenza emhlabeni jikelele.’
UMnu Pallo Nteke, umfundi owenza unyaka wesithathu, ujabule ngokuthola ijakhethi. UNks Taitem Wagner, omunye umfundi owenza unyaka wokugcina, uthe: ‘Kube yinto enhle ukusipha amajakhethi, kuhle kakhulu, siyathanda ukubonakala sibahle emsebenzini kanti ayengeza kulokho.’
Amagama: wuZama Khoza
Izithombe: wu-Albert Hirasen