
Kudingidwe Isizukulwane Esisha Sososayensi Befiziksi Esifundweni Sokuqala
Click here for English version
‘Isibalo sabantu abethweswa iziqu zefiziksi sehla ngamandla, okuholela ekushodeni emikhakheni emqoka njenge-biomedical physics, i-geophysics nefiziksi yokwelapha.’
Lesi yisithombe esishubile esethulwe nguSolwazi Naven Chetty ngenkathi kwethulwa isifundo sakhe sokuqala ngoLwesithathu, mhla wama-20 kuNtulikazi wezi-2022.
U-Chetty, ongusosayensi wefiziksi, esifundweni sakhe ukhethe ukugxila ekutheni ingabe ikusasa lemfundo yezefiziksi liyiphatheleni. ‘Ukushoda kwabantu abethweswa iziqu zefiziksi kuzoba nomphumela omkhulu ocwaningweni nentuthuko kanjalo nomnotho,’ kusho yena.
U-Chetty uphakamise isu elihle ngokwandisa abantu abaneziqu zefiziksi ukuqinisa ikharikhulamu. ‘Kudingeka izaba ngokushesha ezingeni lezikole zamabanga aphezulu ukuze kubonakale umphumela ezingeni lezikhungo zemfundo ephakeme,’ kusho yena.
‘Ikharikhulamu yasenyuvesi nayo idisinga ukushintshwa okufaka ukufunda okuncike ekuxazululeni izinkinga, ukufunda ngobuchwepheshe nokufunda ngamaqoqo.
‘I-COVID-19 isinike inkundla enhle yalezi zinguquko ezidingekayo ekufundiseni ifiziksi lapho kugxilwe khona ohlotsheni lwabantu abafundayo nomthamo wokuqeda kwabo ukufunda,’ kusho yena.
U-Chetty, owafunda e-University of Natal (esiyi-UKZN) ne-UKZN, wathola iziqu zobudokotela ngonyaka wezi-2009 ngocwaningo ngamamolecular optic. Waqala ukusebenza e-UKZN ngowezi-2006 engumfundisi oyitoho, wagcina eqashwe ngokugcwele ngowezi-2010. Kusukela ngowezi-2017, ubebambe isikhundla sokuba yiDini YokuFunda noKufundisa eKolishi LezoLimo, EzobuNjiniyela neSayensi.
Ubalule izinto ezimbalwa azizuze emsebenzini wakhe e-UKZN aziqhenyayo ngazo. Kuzona kukhona ukwandisa imojuli yeFiziksi ngowezi-2007 ngenkathi engumelekeleli omkhulu wabafundi kwi-Augmented Programme; wayiSekela Dini kwiFakhalthi yeSayensi neZoLimo kusukela kowezi-2008 kuya kowezi-2010, lapho umsebenzi wakhe omkhulu kwakungukwandisa isibalo sabafundi kwiSayensi, Ubuchwepheshe, Ubunjiniyela neZibalo; waba nguMholi WeziFundo ZezokuFunda noKufundisa eSikoleni seKhemistri neFiziksi ngonyaka wezi-2014; wavuselela i-Access Programme yaseKolishi ngonyaka wezi-2015 ngokusungulwa kwesiKhungo sokuPhumelela kwezeMfundo kwiSayensi nobuNjiniyela (i-CASSE); wakhushulwa waba nguSolwazi oMncane ngowezi-2017 waba ngusolwazi ogcwele ngowezi-2020.
U-Chetty usemakomidini amaningi ezweni naphesheya emkhakheni wakhe weFiziksi nowezemfundo. Uyilungu leZigele zeNyuvesi, iKomiti loMkhandlu neLeziMali. Ukhona nasemakomidini emiklomelo yabafundi nothisha abavelele.
U-Chetty ungumbuyekezi woMkhandlu weMfundo Ephakeme kusukela ngowezi-2016 kuze kube Manje kanti ungomunye wabahloli ethimbeni elilibuyekezayo kuMalusi kusukela ngowezi-2018. Ngaphezu kwalokho, wake waba nguMhleli we-Open Physics Journal nelungu lamathimba amaningi eNRF. Ungumbuyekezi wamabhuku ehlukene ocwaningo namaphepha ocwaningo emanyuvesi amaningi eNingizimu ye-Afrika naseNdiya.
Useke weluleka abafundi abenza iziqu zobubudokotela eziyisishiyagalombili, ezenza iMasitazi eziyi-16 nezaphasa ngamalengiso i-summa cum laude ezimbili nama-cum laude eziningana. Unamaphepha ocwaningo abuyekezwe yizintanga zakhe emabhukwini ocwaningo angama-44 namaphepha ezingqungquthela ashicilelwe angama-12. Egameni lakhe kutholakale imali eyizigidi zamarandi ayisithupha eminyakeni eyisithupha edlule, ikakhulu yabafundi abahlwempu ukubasiza ukuthi baqhubeke bafunde.
Eminye imiklomelo ake wayithola yizinga C3 le-NRF; -iCollege Distinguished Teacher Award yangowezi-2015; ne-University Distinguished Teacher Award yangowezi-2017.
U-Chetty uhlonishwa umhlaba wonke ngokuba wusosayensi wocwaningo nothisha we-biomedical neFiziksi. Uthanda ukukhulisa iFiziksi e-UKZN.
Amagama: wu-Sally Frost
Isithombe: Sithunyelwe