O-RA base-Westville campus bajabulela imidlalo yabo ekhuthaza ukusebenzisana.Ukwakhiwa Kwethimba Labasizi Bezindawo Ezihlala Abafundi ZaseWestville Elikhuthaza Ukusebenzisana
Click here for English version
Kulindeleke lukhulu kuBasizi Bezindawo ezihlala abafundi, abaziwa ngama-Residence Assistance (RA’s) aseNyuvesi yaKwaZulu Natali ukuba babhekelele abafundi ababuya ezindaweni ezahlukahlukene futhi abanezidingo ezingafani.
Lokhu kuwumsebenzi ogqilazayo engqondweni nasemphefumulweni, ngakho-ke kubalulekile ukuba babe nethuba lokunciphisa incindezi bakhiphe ukhwantalala.
Kusabhekeke lokho kakhulu, lowo oyi-Life co-ordinator eMnyangweni Wezokuhlala Abafundi owaziwa ngele-Department of Student Residence Affairs Residence (DSRA) uNksz Lerato Khoadi uhlele umcimbi wokuvuselela ukubumbana eqenjini lakhe asebenzisana nalo ukuqhuba lo msebenzi wokuhlala kwabafundi.
O-RA babambe iqhaza emidlalweni eminingi ukuze bavuseleleke baphinde belapheke ngokwengqondo, bese begqugquzela ukusebenza ngokubambisana kanye nokudlala ndawonye. Lolu hlelo belenzelwe ukuba labasebenzi bapholise amakhanda kwazise basebenza ngaphansi kwencindezi futhi umsebenzi wabo uba muningi kakhulu ikakhulukazi uma kuqala isimesta uma abafundi abaqalayo ukufika kanye nalabo abadala beza enzindaweni zokuhlala bese kuqokwa amakomidi akhona kulezi zindawo zokuhlala. Bekugxilwe kakhulu ekusebenzisaneni njengeqembu ngesikhathi kwenziwa ama-war cries, spear throwing, paintball, nyaminyami kanye nomcintiswano wezobuciko ne-go-kart construction.
‘Sibheke lukhulu ko-RA bethu, yingakho kubalulekile ukuba siphinde sibanike ithuba lokushawa umoya bapholise ikhanda,’ kuphawula uKhaodi. ‘Bangamehlo omnyango kungaba noma ngabe yisiphi isikhathi ngisho naphakathi nobusuku imbala kodwa benza konke okusemandleni ukuba balekelele.'
Ukubhekana nje nabafundi ababuya ezindaweni ezahlukahlukene kudinga ukuba o-RA bacabange ngokujulile ukuze balekelele abafundi ngokufanele ngakho-ke lokhu nje kukodwa kuyakhathaza emoyeni nasengqondweni. Ezinye zezinto o-RA ababhekana nazo kulezi zindawo zingaphezu kwamandla futhi kungenzeka ukuthi bahluleke impela ukuzilungisa, kodwa phezu kwalokho, benza ngakhokonke okusemandleni ukuba basize abafundi. Lo mcimbi wokwakha iqembu ngesingisi i-teambuilding ibasizile ukuba bakwazi ukuqeda ukhwantalala bachithe nesizungu baphinde bacobelelane nangezindlela ezahlukahlukene zokukwazi ukubhekana nezinkinga.’ Kwezinye izinto ezifundiwe kulo mcimbi kubalwa khona ukukwazi ukuhlela izinto kanye nokuba neso lokhozi uma kwenziwa izinto.
Oyi-Residence Life Officer (RLO) uMnu Siyanda Ndlovu uthe: ‘Lo mcimbi ungenze ngaqonda kancono abantu engisebenza nabo uma bengekho emsebenzini. Ikakhulukazi le yokuthi akumele ukuba ngihole abantu ngaphandle kokubalalela; imibono yabanye abantu ibalulekile ukuze kuqedwe umsebenzi osuke wenziwa.'
O-RA bazizwele lokhu kuwupholisa umqondo, kwelapha ingqondo futhi kunothe ngolwazi. Baphawule bathi kubasizile ukuba bakwazi ukwazana kancono omunye nomunye baphinde bathuthukise ukusebenzisana, ukuxhumana kanye nokuxazulula izinkinga ndawonye. Kuphinde kwagqanyiswa kakhulu le yokubaluleka kokwenza umsenzi wakho ngokuthembeka kanjalo nokwakha ukwethembeka.
Le midlalo ifake kakhulu ingcindezi yokuthi abasebenzi bakholwe ukuthi bebesebenzela ukuqhuba umbono owodwa. Kwabanye abasebenzi le midlalo ibasize kakhulu ukuthi bakwazi ukubona amathalente abo kanjalo nokwazi ukuthi yini abanamandla okuyenza noma abangakwazi ukuyenza. Njengoba ama-RLO kanye nama RLC ebambe iqhaza kulemidlalo yokwakha ubudlelwano phakathi kwabasebenza ndawonye, lokhu kukhombise ngokusobala ukuthi nanoma ngabe yisiphi isikhundla umsebenzi akusona ngaleso sikhathi kodwa ukusebenzisana kanye nokuxhumana kuyenzeka.
Amagama: NdabaOnline
Izithombe: DSRA



