UNksz Nombuso Khanyile ubegqoke izicathulo zase-Afrikan Passion Designs ngosuku lwakhe lokwethweswa iziqu.Oyi-Fashion Designer Wethweswe Iziqu ze-BSC Esematasa Nokukhulisa iBhizinisi
Click here for English version
UNksz Nombuso Khanyile, nongumsunguli we-Afrikan Passion Designs okuwumkhiqizo onobungani nezemvelo nowayeqokwe njenge-Emerging Creative 2020 nowayekhangise ngezimphahla zakhe kumbukiso obuse Dubai neyaziwa ngele Dubai World expo 2020 kanye nase-Africa’s Travel Indaba uthweswe iziqu zakhe kulo nyaka ze-Onazi ku-Bachelor of Sciences in Biochemistry emva kokuhlanganisa ibhizinisi nesikole kuye le nale.
Uthando lweSayensi kulentokazi lwaqala lapho esamncane ekhula endaweni yasoLundi, okuyilapho abona khona imiphumela yokukhahlamezwa yigciwane lesandulela ngculazi wase esala egqugquzelekile ekutheni akwazi ukuthola ikhambi lokwelapha lesi sifo. Ukulahlekelwa usisi wakhe ngenxa yomdlavuza womlomo wesibeletho ngonyaka wezi-2020 kumenze akhuthalele kakhulu ukwenza izifundo zokwelapha kanye nokuvimba izifo, ube esebhalisa eNyuvesi yaKwaZulu -atali ukuze afune izisombulule zemvelo kulesi simo.
Ungumuntu othanda ukuzikhipha, uKhanyile waqala ukuveza ithalente lakhe lokuthanda ezamabhizini esemncane kakhulu, nalapho aba khona nebhizinisi lakhe lokuqala esesesikoleni samazinga aphezulu.
Uthe esenguMfundi, yena kanye noMnu Nisbert Kembo baqala inkampani ebizwa nge Afrikan Passion Designs. Isuselwa kakhulu ebantwini ababizwa ngamaNguni kanye nosiko lwabo kanye nokuguquguquka kwesimo sezulu, bakhanda izimpahla ze-leather ngesandla nezingalimazi imvelo.
Ibhizinisi lakhe lenze kahle kakhulu; ngonyaka wezi-2019, uKhanyile uhlomule kwi-Durban Youth Connect Innovative Business Competition, kanti ngowezi-2020 ukhangise impahla yakhe kwi-Indaba Conference at Cape Town’s Artscape Theatre. Wabalwa kwabangu-50 abaphezulu kwi-Design Indaba Emerging Creatives, futhi waqokwa kwabanye abayisishiyagalolunye abaseDolobheni laseThekwini abahamba phambili, nokwandulela ekuqokweni kwenkampani yakhe eqokwa umnyango wezemidlalo, ezamaciko kanye namasiko ukuba azokhangisa kwi- Dubai World Expo’s digital showcase.
i-Afrikan Passion Designs yayiyingxenye yabakhangisi e-Travel Indaba eThekwini ngowezi-2022, nokweyenye yemikhangiso yezokuvakasha enkulukazi ekhalendeni lase-Afrika nevotelwe njengomcimbi ohamba phambili kwezokuvakasha nokuncebeleka.
‘Ukukhangisa e-Dubai World Expo and Africa’s Travel Indaba kusinikeze abathengi ababuya emazweni angaphandle kanjalo negama elihle kubathengi bethu balapha ekhaya,’ kusho uKhanyile. ‘Siswele imilomo eyizinkulungwane ngawo wonke lamathuba’.
Ubonge kakhulu i-Design Indaba, SA Tourism, Durban Tourism, Synergy Business events, UMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko kanye ne-Durban Small Business Support ngokwenza konke lokhu kube yimpumelelo. Ubonge ne-Ikhono Thrive Global ebanike uxhaso lwezezimali noluphumelelise i-Afrikan Passion Designs forward.
Manje inkampani isidayisa izimpahla zayo ezindaweni ezintathu eDolobheni laseThekwini: e-Vittoria and Co ese- Watercrest Mall, the Social Gallery e-Pavillion Mall, kanye nase- DFF yase-Midway Crossing Mall.
Izifundo zakhe ze-Onazi zimlekelelile ekuthethi ahlole i-nanoscience, ube eseqedela iphrojekthi yakhe kwi-media modification for improved nanoparticle synthesis and yield using Magnetotactic bacteria. Lokhu kungena ngaphansi kwe- green nanoparticle synthesis futhi kuyakhona ukuthi kufakeke embonini kanye nakwezebhizinisi, okufaka phakathi ukuthuthwa komuthi, ukwakhiwa komuthi kanye nokuhlanzwa kwamanzi nendle.
Ngesikhathi esafuna nje impilo emva kokwethweswa iziqu kanye nokuphila ezweni lokuchithwa kezicelo zemisebenzi kanye nencindezi nokhwantalala oluza nakho konke lokhu ikakhulukazi kwezengqondo, uKhanyile usezifake ngokuphelele ekuthuthukiseni ikhono lakhe njengosomabhizinisi okhanda izimpahla nge-leather e-Afrikan Passion Designs, ebenza ebambisene namanye amaciko eThekwini ukuze ankankanye aphinde athuthukise ikhono lakhe lokuba usomabhizinisi.
‘Ngifunda ukuhlanganisa isayensi kanye nekhono lami lezamabhizinisi ukuze ngizakhele ithuba mina kanye nabanye abafundi abasezicathulweni zami,’ uphawule kanje.
UKhanyile usethole ithuba lokushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa nalapho kuqhakambiseke iSayensi le akayifundele kanye nebhizinisi ngesikhathi esisodwa, oyiSekelashansela lase-UKZN uSolwazi Nana Poku usemubongele ngokuba owezifazane ovelele kwezeSayensi, kanti nebhizinisi lakhe lishicilelwe ebhukwini i- Forbes Africa, SAfm radio, Sibizi Magazine, Isolezwe,CNA, YOCO, Eyethu Community Newspaper, UKZNdabaOnline, Bizcommunity and Twyg Magazine.
Weluleke abafundi labo abanentshisekelo ngebhizinisi ukuba basungule amabhizinisi axazulula izinkinga, benze ucwaningo ngebhizisi abafuna ukulenza, bacele usizo lapho beludinga khona, bazidayise ngokuzethemba, baxhumane nabanye osomabhizinisi futhi bakhe ubudlelwano, balungise amaphepha enkampani futhi bangenele nemincintiswano, bese besebenzisa ikhono labo elihlukile lokudayisa. Wengeze ngokuthi abafundi kumele bagxile kakhulu ekunakekelelni ingqondo yabho ekufundeni ukubhalansisa phakathi kwezifundo kanye nebhizinisi.
Uthe unentshisekelo yokuqhuba izifundo zeMastazi ngesikhathi ephawula ngekusasa lakhe lezemfundo, ube esebalula ukuthi ugqugquzelwa kakhulu abesifazane abafana noDkt Yanga Mdleleni osebenza kwi-human papillomavirus research, uKhanyile unethemba lokuthi uzokwenza ucwaningo olufaka i-nanoscience kanye ne immunology ukuze naye kube khona akufakayo ekulawuleni noma ekuqedeni isifo somdlavuza wesibeletho.
Unesifiso sokubamba iqhaza endaweni egqugquzela ukungakhethi bala, enabantu bohlanga lonke kanye nethuthukisa ezempilo yenqondo bese kukhishelwa eceleni zezimpi zezobuhlanga nokucwaseka nalapho umsebenzi wakhe uzothola ukunakwa.
UKhanyile ubonge umndeni wakhe, uKembo kanye nowenza iziqu ze-PhD e-UKZN uMnu Femi Olawale ngokumeseka kwabo, kanye nalowo ongasekho emhlabeni uNksz Ndoni Mcunu ngokuqhakambisa abesifazane ukuba babonakale kwezeSayensi. Uphinde wabonga uMeluleki wocwaningo lwakhe lwe-Onazi uDkt Karen Pillay ngokumlekelela ezifundweni zakhe kanye nalolonke usizo amnike lona.
Imisebenzi yase-Afrikan Passions Design ivezwa ekhasini labo lika Instagram, Facebook naku Twitter .
Amagama: Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe



