Umbukiso wezithombe oyincwadi emayelana nokubambisana kwezifudiswa eMnyangweni weZeMfundo ePhakeme.Izifundiswa Zisungule i-Visual Display Book Emayelana Ngokusebenza Ngokubambisana eMnyangweni WezeMfundo Ephakeme
Click here for English version
Izifundiswa eSikoleni soMnyango wezeMfundo oSolwazi Daisy Pillay (nongumholi wephrojekthi), no-Inbanathan Naicker, kanye no-Dkt Lungile Masinga basungule incwadi ekhombisayo njengezinye yezinto abazenzayo ukuveza igalelo labo lokuveza ukubambisana komphakathi kwezeMfundo Ephakeme.
Basebenze ngokubambisana noSolwazi abaningi okubalwa kubo u-Theresa Chisanga weNyuvesi yase Walter Sisulu; u-Kathleen Pithouse-Morgan waseNyuvesi yase-Nottingham, e-UK; kanye no Dkt Anita Hiralaal waseDurban University of Technology.
Le ncwadi eveza umbukiso wezithombe eziveza iSimpozyamu yocwaniningo ethathe izinsuku ezintathu ebikhuluma nge- Object Inquiry for Social Cohesion in Public Higher Education, ebibanjelwe eThekwini ngowezi-2019. Labo ababambe iqhaza bebesuka ezikhungweni zemfundo ephakeme zakuleli nezakwamanye amazwe. Bebebambe iqhaza ezintweni eziningi nezivukuze izingxoxo ezijulile eziqhakambisa ukuzazi njengesifundiswa kulomkhakha bese kwakha noma kuveze ukubambisana komphakathi weziqu ezehlukahlukene kwezemfundo ephakeme.
‘Kule ncwadi ekumabonakude, kuvezwa kabanzi lezi zinto ebebezenza; ‘sizoziveza emphakathini ukuze zibonwe futhi zisetshenziswe ukukhombisa amandla e-object inquiry ahamba ibanga elingakanani ukusivukuza ekujuleni njengezifundiswa ukuthi sizithole ukuba singobani,’ kuchaza u-Pillay.
Lolu cwaningo lunge-Object Inquiry ukuze kuvuseleleke ukubambisana kubantu bomkhakha wezemfundo asemazingeni aphakeme: Nehlonza kabanzi ubuwena (identity) bezifundiswa negqugquzela ukuqhubeza iphupho elilodwa kulomnyango yize besuka eminyangweni ehlukahlukene, lo mcimbi ubuxhaswe yi- National Research Foundation eminyakeni emine edlule kuze kube manje.
Amagama: Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



