
I-UKZN Ibine-Pan African City Symposium
Click here for English version
ISikole seZifundo Zokwakha neZentuthuko saseKolishi lezesiNtu sisanda kuba nesimpoziyamu yezinsuku ezintathu ebizwa nge-The Pan African City: Yesterday, Today, and Tomorrow ebicubungula ukwenziwa kwezindawo zasemadolobheni ezidinga ukubonakala, ukwamukelwa nokuqondiswa kwezindawo zokuhlalisa abantu okuhleliwe nokungahleliwe ukuze kwakhiwe izindawo zasemadolobheni ezilungele wonke umuntu.
Le ngqungquthela ebithanyelwe yizo zonke izithunywa ibiholwa nguMfundisi Omkhulu Wezokuhlala uSolwazi uLovemore Chipungu noyi-SARChI Chair for Inclusive Cities. Ezinye izikhulumi bekuwuSolwazi Sijekula Mbanga (wase-Nelson Mandela University), uSolwazi Maria K D Marshall (wase-University of Maryland eMelika) noSolwazi Coleman A Jordan (wase-Morgan State University eMelika).
UChipungu ubalule ukuthi kuwo wonke umsebenzi wakhe engungoti, umcwaningi nesifundiswa, idolobha e-Afrika beliyinsika yezinto zonke. ‘Idolobha lase-Afrika lisezimpambanweni zomgwaqo. Lichichima izinsiza, ezinye zazo ezingakasetshenziswa kepha futhi liyidolobha elithwele kanzima ngenxa yezinselelo eziningi zomnotho nezemvelo. Le simpoziyamu isinika ithuba lokudingida zonke izinto ekwakheni amadolobha ethu ukuze siqhamuke nezisombululo zesikhathi eside,’ kusho yena.
U-Marshal uveze ukuthi injongo ye-University of Maryland wukuqhuba izinga kwezemfundo nokusebenza ekwenzeni imiphakathi enobulungiswa neqinile, ukukhuthaza ubulungiswa emphakathini, amasiko ehlukene, ukubheka izinsiza namathuba omnotho ngokwenza kahle kwezokwakha, ukuhlela amadolobha, ukugcina umlando nokuthuthukisa ezokwakha.
‘Olunye lwezinhlelo ezine esizibophezele kuzona nemigomo wukuxoxa nemiphakathi kwelakithi naphesheya ukwenza izindawo zawo wonke umuntu ukuthi kwezokwakha. Lokhu kuhambisana nohlelo lwenyuvesi,’ kusho u-Marshal.
UMbanga udingide inkinga yokushoda kwamanzi ebhekene nezakhamuzi zaseNelson Mandela Bay eMpumalanga Kapa nezikhukhula ezisanda kubhubhisa KwaZulu-Natal. Uthe kunezinhlelo zokuvuselela ezivele zikhona ukuqinisekisa ukuphepha kwamadolobha. ‘Sizibophezele ukuqinisekisa ukuthi i-Afrika inamadolobha aphephile futhi amile. Siyinyuvesi, sizosebenzisana nazo zonke izinhlaka kule ngqungquthela. Siyasiqonda isimo esikhona kanti sibheke izindlela ezintsha zokwenza izinto,’ kusho uMbanga.
U-Jordan uveze ukuthi ‘i-Morgan State University izibophezele ukuqhubeka ne-Pan African Heritage World Museum.’ ‘Okwamanje siphezu kwalokhu kanti sibambisene ne-African University College of Communications (i-AUCC),’ kusho yena.
USolwazi Pholoho Morojele, iDini yezokuCwaninga eKolishi lezesiNtu, uthe le simpoziyamu ibavule amehlo ngamathuba okwakha amadolobha ase-Afrika avelele. ‘Izobayisisekelo sokunye ukusebenzisana kwezinhlangano ezihlukene ekwakheni amadolobha ase-Afrika anekusasa eliqhakazile,’ kusho yena.
UNkk Elisabeth Glenn wase-Baltimore, iSekela loMqondisi we-USA County Department of Planning, uphawule ukuthi umsebenzi we-Pan African City ungaphumelela ngamandla obudlelwano nokulangazelela ukwakha ikusasa eliqhakazile labantu base-Afrika basemhlabeni wonke jikelele. ‘Ekugcineni esizama ukwenza wukuhlomisa abantu ukuthi bathathe izinqumo ngekusasa labo ngezindlela ezidingidiwe nezicatshangisisiwe. Ngiyethemba ukuthi kuzoba wumkhankaso wesikhungo ozolokhu uqhubeka, wakhele emandleni ethu, usebenzise ulwazi esinalo futhi uqhube ukubambisana nabalingani baphesheya ukwakha imiphakathi emile, enekusasa nephapheme,’ kusho u-Glenn.
Ungabuka le simpoziyamu ku: https://www.youtube.com/watch?v=IjNmmM6mGVU.
Amagama: Sinoyolo Mahlasela
Isithombe: Shutterstock