
Abafundi bezesiNtu Ohlelweni Lokushintshisana Olubheke E-Amsterdam
Click here for English version
Abafundi ababili ebenza ucwaningo, uNks Pretty Abraham noMnu Siwakhile Ngcobo baseSikoleni seZenkolo, iFilosofi neZasendulo, bazoba yingxenye yokushintshana ngabafundi oluya e-Free University e-Amsterdam ngokohlelo i-Bridging Gaps, uhlelo lwe-Centre for Contextual Biblical Interpretation.
Bobabili bazoya kulolu hlelo ngoMandulo.
Uhlelo i-Bridging Gaps lusiza lwenza ukuthi abafundi base-Latin America, Eastern Europe, Afrika, Asia nase-Middle East bazenzele ucwaningo lwabo izinyanga ezintathu ngaphansi kweso lomeluleki wase-Protestant Theological University (i-PThU) noma e-Vrije Universiteit Amsterdam (i-VU). Kulolu hlelo, abafundi abakwazi ukubona umphakathi wamaDashi nempilo yesonto nabafundi bezenkolo zakuwo wonke amazwe emhlabeni.
U-Abraham uneziqu zeMastazi yezifundo zoMlando woBuKhristu. Wenza ucwaningo lweMastazi olumqoka ngeqhaza lenkumbulo nenkolo esimweni sodlame ngokobulili ezimweni zodweshu.
UNgcobo wenza izifundo ze-PhD ohlelweni lweZobulili neZenkolo futhi wenza ucwaningo lwe-PhD lapho ebheka khona inqubo yokwakhiwa kobudoda nabezindaba kwezeziNhlolo zikaMoya.
‘Ngafaka isicelo sokwenza lezi zifundo ngoba zenza abafundi babone ukusetshenziswa kweBhayibheli emasikweni ehlukene. Ngithola ithuba lokuba wumfundi endaweni enamasiko ehlukene, okuyinto emnandi, ngikwazi ukwandisa ulwazi lwami lwenkolo. Yithuba elihle kakhulu lokuthuthukisa umsebenzi wami wocwaningo ngaphansi kwesimo esithinta inkolo. Izinhlelo zokushintshana ngabafundi zinika abafundi ithuba lokwazana nokucobelelana nabafundi bakwezinye izindawo nethuba lokucobelelana ngolwazi ukuze ukhule,’ kusho uNgcobo.
U-Abraham wengeze ngokuthi: ‘Leli thuba lizongenza ngikwazi ukufinyelela kwizinsiza zokucwaninga nabeluleki abehlukene nabantu engingaxoxa nabo abangenza ngcono ucwaningo lwami. Engakusho kwabanye abafundi wukuthi bathathe wonke amathuba abahlangana nawo. Ndlelathile kuzokwenza ngcono amathuba okufunda kukuhlanganise nabantu abazoba wusizo olukhulu ngomuso.’
USolwazi Charlene van der Walt, iNhloko yezifundo Zezobulili neZenkolo e-UKZN noyiPhini loMqondisi we-Ujamaa Centre, uthe: ‘Ukubambisana phakathi kweSikole ne-Free University of Amsterdam ngohlelo i-Bridging Gap sekukhande amathuba amaningi okuthi lezizikhungo zombili zishintshisane ngabasebenzi nabafundi balezi zikhungo. Sinobudlelwane obuhle obuthinta abafundi, abasebenzi nabantu abangamakholwa kwelamaDashi namazwe ehlukene ase-Afrika.
Kulo nyaka, ngokohlelo lokushintshisana, u-Van der Walt noMfundisi uSithembiso Zwane base-Ujamaa Centre bazoba ingxenye yethimba elizofundisa ohlelweni i-Bridging Gaps futhi bazocobelela nge-Contextual Bible Reading eyenziwe e-Ujamaa Centre.
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe