
Uhambo Lwababefunda e-UKZN Oluya eNgadini yeMvelo eseBazley Beach
Click here for English version
USoseshini wababefunda e-UKZN eThekwini, i-UKZN Durban Alumni Association ihlanganise uhambo oluyimpumelelo lokuvakashela ingadi yemvelo kaNksz Elizabeth Fordick - naye owayengumfundi wase-UKZN - e-Beach oGwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natali.
Lo mcimbi ubulandela owokuvakashela lendawo ngoNhlangulana wezi-2019 kanti bekunentshisekelo yokubona ukuthi le ngadi isithuthuke futhi yakhula kanjani kusukela ngaleso sikhathi.
Laba abangaphezu kwe-125 ababefunda e-UKZN futhi abangabangani bahlabeke umxhwele kakhulu ngale ngadi enkulu futhi enhle, ehlelwe ngonakekela izitshalo futhi owathola iziqu zokuhlonishwa e-UKZN, uNksz Elsa Pooley.
Le ngadi inengxubevange yemibala, owolintshi, obomvu kanye nophuzi, onenhlaba kanti nezinye izihlahla zemvelo ezigcwele izimbali zasebusika. Lolu hambo lube olunolwazi kakhulu, u-Pooley no-Fordick bechaza izigaba, ukuzinikela kanye nomsebenzi owenziwe ukwakha umsebenzi wothando oseduze kolwandle.
Abebehambele le ndawo bajatshuliswe ngokokuthiba ukoma nomphangazane obekuhlelwe abahlali base-Bazley futhi bamenywa ukuthi babe yingxenye yesidlo sasemini futhi baye olwandle emuva kwalolu hambo.
Iningi lababefunda e-UKZN abazange bazilibazize bejabulela isimo sezulu esihle kanti bajabulela izidlo zasemini engadini ngesikhathi bebuka imikhomo nezinhlengethwa ebekubonakala olwandle ebangeni elingamamitha ambalwa ukusuka kubo!
Amagama: ngu-Finn Christensen
Izithombe: Zithunyelwe