
Kuchithwa Okungelona Iqiniso Ngemigomo ye-COVID-19
Click here for English version
Imigomo ye-COVID-19 yenza ukuthi umuntu wesilisa ehlelwe ukulangazelela ukuya ocansini, isifo sohlangothi, isifo senhliziyo, ukuphathwa ikhanda okunganqamuki, aqubuke, awuphephile, inobuchwepheshe be-5G obenza ukuthi uhlale welusiwe ukuthi ukuphi, kushintsha ulibofuzo kumuntu, iDNA, njalo njalo…
Cishe sonke sesike sazizwa lezi zinkulumo ezingelona iqiniso kanye namahemuhemu okwenza ukuthi iningi labantu lingabaze ukugomela lesi sifo esibulalayo.
Ukusiza ukuchitha lezi zinkulumo ezingelona iqiniso kulekelela ukuthi izinga lokugomela leli gciwane lenyuke libe ngaphezulu kwama-50.6% kuleli, ikolishi leSayensi yezeMpilo e-UKZN lube nomhlangano wokucobelelana ngolwazi lapho beliqeqesha khona abadidiyeli bezifunda ngaphansi koMnyango wezeMpilo eKwaZulu-Natali, mayelana nokuphepha nokusebenza kahle komgomo we-COVID-19. Phakathi kwezikhulumi ebezikulo mhlangano kubalwa iNhloko yophiko olucwaninga ngamagciwane adala izifo kubantu e-UKZN obuye asebenze esikhungweni esicwaninga uketshezi iNational Health Laboratory Services, uDkt Nokukhanya Msomi, othe isimo esiphuthumayo se-COVID-19 siphoqe ukuthi kuthathwe izinyathelo eziphuthumayo ezihambisana nesimo okuholele ekutheni izinkampani ezithaka imithi nohulumeni batshale imali ukuze kukhiqizwe imigomo ngokushesha.
‘Ucwaningo olwenziwe luveza ukuthi imigomo iphephile, ukungaphatheki kahle okungenzeka kumuntu ogomile abe nakho kuphela ngaphandle kwezinkinga, kusho uMsomi.
‘Kubalulekile ukuthi sazi ukuthi konke ukuhlolwa kokusebenza kahle nokuphepha komgomo kwenziwa esigabeni sokuqala sokwakha umgomo. Umehluko kulokhu ukuthi kube ngokokuqala ngqa, kwenziwa ucwaningo olukhulu ngesikhathi esisodwa okuholele ekutheni ulwazi ngayo le migomo lutholakale kalula kwancipha isikhathi sokwakhiwa komgomo,’ kusho uMsomi.
UMsomi ubuye wagcizelela ukuthi kubalulekile ukuthi kube nezindlela zokuzivikela ezilandelwayo.
‘Njengoba iNingizimu Afrika isiyihoxisile yonke imigomo ebikhona yokunqanda ukusabalala kwaleli gciwane, kubalulekile ukuthi abantu bazibophezele ukuvikela izimpilo zabo. Baqhubeke bagonqe uma benezimpawu zomkhuhlane, bagqoke izifonyo uma bezosondelana nabanye abantu. Bahlanze izandla njalo, bagweme ukuba sezindaweni ezinabantu abaningi nasendaweni ezivalekile ezingangenisi umoya.’
UMsomi, uthe eminyakeni emibili edlule, bekuyimpoqo ukugqoka isifonyo futhi lokho kusizile ekutheni kunqande ukusabalala kwamanye amagciwane athelelana ngokuphefumulelana afana nomkhuhlane.
USolwazi Nigel Garrett, iNhloko yophiko olucwaninga ngemigomo nezifo ezidalwa amagciwane, esikhungweni esicwaninga ngalezi zifo iCAPRISA owahlonishwa ngokuthi abe usolwazi obhekelele ezempilo ezingaphansi kukahulumeni e-UKZN, iHonorary Associate Professor in Public Health, uthe ucwaningo luyaveza ngenxa yokugoma, sehlile isibalo sabantu abashonile kanye nabalaliswe ezibhedlela emhlabeni.
‘INingizimu Afrika ibe neziwombe ezinhlanu zokuhlasela kwaleli gciwane. Ulwazi olukhona luveza ukuthi ngesiwombe sokuqala babeyizi- 12 584 abantu abahaqwa yileli gciwane abalaliswa ezibhedlela, ngesiwombe sesibili baba yizi-19 042 abahaqekile balaliswa ezibhedlela, esiwombeni sesithathu baba yizi-19 956, kwesesine baba yizi-23 437 kwesakamuva sesihlanu bayizi-7 685.
‘Abantu abangagomile kunamathuba aphindaphindwe kasithupha okuthi bashone noma bagule kakhulu uma behaqekile uma beqhathaniswa nabagomile,’ kusho u-Garrett.
Njengomunye wabacwaningi obambisene nabanye abakhulu kuleli ngaphansi kohlelo lweSisonke, uthe okudingeka ngokushesha e-Afrika yizinhlelo zokuqapha leli gciwane ezisezingeni. ‘Ososayensi balinganisela ekutheni ngonyaka wokuqala okusatshalaliswe ngawo imigomo, ukushona kwabantu ngenxa ye-COVID-19 kwehle ngo-63%, emhlabeni. Ziningi izigameko zokufa kwabantu okungabe zigwemekile emazweni lapho abantu behola kancane kanye nabahola imiholo ephakathi nendawo, uhlelo lokuthenga imigomo ngokubambisana emhlabeni iCOVAX lukwazile ukufeza elalizibekela kona kokusabalalisa ama-20% wemigomo.’
U-Garrett uphinde waveza ukuthi ucwaningo olwenziwe kwa-Israel kubantu abajove ngayo yomibili imijovo ewumgomo we-Pfizer, luveze ukuthi kulaba bantu kunokwehla okungama-54% kuya kuma-64% kwezimpawu ezine ezijwayelekile ezihlala isikhathi eside kubantu abake bahaqwa yileli gciwane okuhlanganisa ukukhathala, ubuhlungu bekhanda, ukuzizwa ungenawo amandla nobuhlungu bezicubu. U-Garrett ugcizelele ukuthi inzuzo etholwa ngumphakathi ngokuthi ugome ngokugcwele akufanele ithathwe kancane. ‘Ucwaningo luveze ukuthi izingane ezinabazali abagomile zisengozini ephansi ngo-72% yokutheleleka ngaleli gciwane.’
UDkt Richard Lessells, owungoti wezifo ezithathelanayo esikhungweni esicwaninga ngokuzishintshashintsha kwegciwane iKwaZulu Natal Research and Innovation Sequencing Platform (KRISP) ese-UKZN, futhi owahlonishwa ngokuthi abe ngomunye wabacwaningi eCAPRISA, uthe emphakathini kunenkolelo yokuthi imigomo ayisebenzi yingakho kudingeka ukuthi kuthathwe eminye imijovo yokwengeza amandla. ‘Awukho umgomo ongasasebenzi ngenxa yokuthi igciwane le-COVID-19 lizishintshile. Kufanele sikhumbule ukuthi umgomo uvikela ekutheni abantu abahaqwe yileli gciwane bagule kakhulu noma bashone. Isizathu sokuthi sikhuthaze ukuthi abantu bajove imijovo emibili noma ngaphezulu yomgomo ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, ukuvikeleka kwamasosha omzimba kuyancipha, bese sidinga ukuthi umgomo wengezwe amandla ukuze kukhule izinga lokuvikeleka ekuguleni kakhulu nasekufeni.’
Inhloko ophikweni lokucwaninga kwiCHS uSolwazi Anil Chuturgoon uthe: ‘Njengabasebenzi bezempilo ningamanxusa ethu futhi sifuna nikhuthaze amalungu omphakathi ukuthi agome. Ngakho-ke, sibone kukuhle ukuthi sibhekane nezinto ezinikhathazayo siphinde sinihlomise ngolwazi oluyiqiniso ngemigomo, ukuze nikwazi ukuxoxisana nemiphakathi enisebenza kuyo ngezinhlelo zokuyiqwashisa nangemisebenzi eniyenzayo. Ukuthola ulwazi oluyilo kubalulekile. Njengososayensi nodokotela, siyazi ukuthi ukugomela iCOVID-19 kuphephile futhi kuyindlela ethembekile yokwakha amasosha okuzivikela kunokuthi igcine ikugulisa nokungaholela ukuthi ube buthakathaka kakhulu.’
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe