
Isifundiswa EsinguSonhlalakahle Sethule Ucwaningo KwiNgqungquthela yaMazwe Omhlaba eKenya
Click here for English version
Isifundiswa esinguSonhlalakahle, uDkt Thembelihle Makhanya wethule ucwaningo lwakhe kwingqungquthela njengengxenye yokwethulwa kukasoseshini wabafundisa ezenhlalakahle e-Kenya, i-Association of Social Work Educators in Kenya (ASWEK).
Le ngqungquthela ibibanjelwe eNyuvesi iMaasai Mara eNarok, eKenya.
Ucwaningo lukaMakhanya lunesihloko esithi: Sustainable Community Development through Decolonial Social Work Education: A South African Perspective, luhlole ukuthi kungatholwa kanjani ukuthuthuka okungashabalali ngokuthi kwenziwe okubekwe yimigomo yezenhlalakahle futhi kuchazwe nomthelela wengcindezelo ezifundweni zamanje zezenhlalakahle nokwenza.
UMakhanya uthe: ‘Njengoba iNingizimu Afrika igubha iminyaka engama-28 yentando yabantu, iningi lempilo yezakhamizi isakhungethwe ukungalingani kwesikhathi esedlule kuso futhi basaqhubeka nokubhekana nezinsalela zengcindezelo, okubiza ukuthi kube noshintsho.’
UMakhanya uthe ezenhlalakahle kwakungumsebenzi odinga ukwenziwa futhi umkhakha wezemfundo ogqugquzela ushitsho nokuthuthuka kwenhlalo, ukuhlalisana kahle, futhi nokunika amandla nenkululeko abantu.
‘Imigomo yobulungiswa bezenhlalakahle, amalungelo abantu, ukubambisana nokuhlonipha ukwehluka kubalulekile kwezenhlalakahle, futhi kuyadingeka ekukhipheni ngaphansi kwengcindezi ukuthuthuka komphakathi. Uma ukuthuthuka okungashabalali kungakhelwa phezu kwesisekelo semibono yezenhlalakahle, inhlakahle yabantu ingathuthukiswa ngokushitshwa kwendlela izinto eziyiyo, ngoba ezenhlalakahle zikhuluma nabantu nezakhiwo ukubhekana nezinselelo zempilo,’ kusho uMakhanya.
Unikwe isitifiketi ngu-Dkt Wilkins Ngege Muhing weNyuvesi i-Maasai Mara.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe