
I-UKZN Ilekelele Ukuhlela Umhlangano we-17 waseNingizimu Afrika weSayensi yezaManzi
Click here for English version
Isikole seNyuvesi yeSayensi yeMpilo, kanye neSigungu soShaka saKwaZulu-Natali, egameni lenhlangano yokucwaninga ngezasolwandle, i-South African Network for Coastal and Oceanic Research, ihlele umhlangano we-17 weSayensi yezaMansi eNingizimu Afrika, i-17th SA Marine Science Symposium (SAMSS), eThekwini.
Lo mhlangano, obuhanjelwe yizifundiswa, abafundi nososayensi bezamanzi ababalelwa kuma-370 abaqhamuka e-Afrika eseNingizimu, bacubungule ukuxhumana, ukuqhubeka nokushintshashintsha kwesayensi yezamanzi kwesikhathi esidlulile nesamanje, begqamisa ukuthi okwenziwa kwisayensi namuhla kuzoba namthelela muni “kwikusasa kubhekwa osekudlulile” kokubambisana kwemiphakathi yasemanzini kanye nabantu abathembele kubo.
Izindikimba zibhekisiswe kabanzi kukhulunywa ngomlomo futhi kwenziwa nezethulo ngemifanekiso kanye futhi nangezithangami zokubonisana okubalwa namasu okuphatha okuvumelana nesimo, ukuqonda okucacile ngemvelo (ecology) nesayensi yezinto eziphilayo, imisebenzi nezinsiza zokuphilisana kwezinto eziphila emanzini nemvelo, izifundo zesikhathi esedlule, kanye nokushitsha komhlaba, kusuka ekuqageleki kuya ekwenzeni nasekulandeleni okuvunwa yisimo.
‘Intuthuko yezobuchwepheshe yakamuva ikhuthaza imikhakha emisha yemizamo yebhayoloji kwiSayensi yezaMansi ngenhloso yokubhekana nesimo semvelo samanje kanjalo nezidingo zomphakathi,’ kusho uSihlalo wengqungquthela uSolwazi Ursula Schaler wase-UKZN . ‘Izindlela zoxhaso zikhuthaza ucwaningo lwemikhakha eyehlukene kanye nezinhlelo zezikhungo ezehlukene ezingabhekani kuphela nezindaba zokushintsha komhlaba kodwa futhi nokubambekayo okuzuzwa yimiphakathi.
‘Ngesikhathi esifanayo, amakhono nezifundo zesikhathi esiphambilini zilokhu zibalulekile. Izsfundo ngokwehluka kwezilwane nezitshalo emhlabeni ithile (biodiversity) kanti nobunjalo osebeguqukile yazisa ngokubekezela kohlobo lwemvelo kanye nendlela oluyithathayo kulesis ikhathi sokushintsha komhlaba, kuqhakambisa iqiniso elingashabalali elidumile lesitatimende sikaDobzhansky - ukuthi akukho kwi-biology okwenza umgqondo, ngaphandle kokukhanya kokuguquka kwemvelo.
‘Izindawo zasendulo ezigudle Ugu kanye nokugciniwe ngesimo sezulu kungaveza ulwazi ngezimo zangaphambilini kanye nokushintsha nokuhlangana kwezinto ezithinta i-biology. Izifundo ze-basic marine ecology, chemistry, oceanography kanye ne-organismal biology kwakha ukuqonda kwethu ngokubaluleleka kwabahamba pphambili ezinhlelweni zezamanzi kanye nokuthatha izinqumo nokwenza.’
Umhlangano we-SAMSS ungene wagxila wabuka ngaphezu kwesayensi emsulwa, nokuqhakambisa izinhlelo okubalwa kuzo zeLalela uLwandle, okuwubungcweti beshashalazi kanye nokuxoxwa kwezindaba esidlangalaleni, eholwa i-Empatheatre kanye nabacwaningi be-One Ocean Hub. Lolu hlelo luveze obala izindlela zokuphila zangempela zabantu abathinteka ngqo nangezinye izindlela nolwandle.
Okunye obekukhangiswa, umbukiso wezokuciko i-Erwan Sola Art Exhibition, Fishbones nama-Chips, eqhakambise yagqugquzela ukuzindla endleleni abantu abadla ngayo ukudla kwasolwandle kanye nesimo semkhakheni wokudoba emhlabeni, kumenywa abathengi ukuba bacabanye kakhulu ngezindlela ezizogcina izimakethe zomhlaba zisebenza.
Amalungu omphakathi amenywe ukuba yingxenye yesifundo i-Oceans on Plastics esethulwe uMqondisi wesikhungo, iFitzPatrick Institute of African Ornithology eNyuvesi yaseKapa, uSolwazi Peter Ryan, obexoxisana nendlu ebigcwele phama ngesifundo sakhe ngezibalo zoplastiki abasolwandle emhlabeni kanye nomthelela uma kubhekwa ukuthi kudingeka ukuthi kwenziweni.
Ephawula ngokubaluleka kwalo mhlangano, u-Scharler uthe: ‘Yize uxhaso lwesayensi oluyisisekelo lungaphansi kwengcindezi, kungenzeka kube yisisekelo sokuguquka kwesayeni okulandelayo, futhi kusize ukuthi sigcine umuzwa wokulangazelela ukwazi okuqinisekisa ukuthi siyaxhumana nomhlaba wasemanzini.’
Amagama: ngu-Sally Frost
Isithombe: Sithunyelwe