
UNgoti wamaZinyo Oyisibonelo Esihle eNtsheni
Click here for English version
UMnuz Bradley Poovan uthweswe iziqu zokunakekela amazinyo i-Bachelor of Dental Therapy, e-UKZN ngowezi-2009.
‘Ngingasho ukuthi ngisewumfundi bengingenalo ugqozi njengoba bengingenaso isiqiniseko sokuthi iziqu zami zizongenza yini ukuthi ngiphile impilo engifisa ukuyiphila. Ngibuye ngabona ukuthi impilo njengongoti wamazinyo izohlale inzima. Impilo yami yasenyuvesi ibigxile kakhulu empilweni yokungcebeleka kunokufunda. Ngiyajabula ukuthi lokhu kushintshile uma sengifika onyakeni wokugcina futhi ngafisa ukuqhubekela phambili,’ kusho uPoovan.
Eneminyaka engama-24, uPoovan wathatha amashansi ngosizo lwemali aluthola emndenini, wazivulela eyakhe indawo yokunakekela amazinyo i-SAVON Dental. ‘Kusuka ngowezi-2012 kuya kowezi-2017, bengisebenza ngedwa nomunye obengumelekeleli wami onakekela amazinyo nomunye obamukela abavakashile. Bengingeyena usomabhizinisi osezingeni, njengoba uzwelo lwami lwedlula ukukhuthazeka ngokuthi ngicebe. Ngangingafuni iziguli zami ukuthi zizizwe ziyizinombolo nje kuphela kepha zihlonipheke njengabantu. Ngangingalikhangisi ibhizinisi lami kahle futhi bonke ababeza kimi babazi ngami ngoba betshelwe ngami abanye. Ugqozi lwami lokufuna ukubuyisela ukumamatheka lwaguquka lwaba ufuqufuqu olwangenza ngafuna ukwenza ngcono umsebenzi wami mihla namalanga. Ngazithola ngifunda kanzima njengendoda esineziqu ngaphezu kokuba ngangenza ngesikhathi ngisewumfundi. Ngafunda kwiziguli zami futhi saba nezingxoxo eziningi nazo ezangisiza ukuthi ngikhule njengomuntu nasemkhakheni engikuwo,’ kubeka uPoovan.
‘Manje senginendawo enethimba labantu abayi-10. Kuseyimi umnikazi nomphathi webhizinisi. Siqhamuke nohlelo lwebhizinisi lokubambisana olugqugquzela ukusebenza njengethimba, abasebenzi bazizwe bekhululekile ukuthi babeke imibono yabo futhi baqhamuke nezindlela ezintsha okwenza kuthi nabo bakhule.’
Iseluleko sakhe kwabasanda kwethweswa iziqu ukuthi, ‘Gxila ekubeni umnakekeli wamaziyo osezingeni. Gxila ekulapheni iziguli, ngaphandle kwazo singabantu nje abanesicucu sephepha obondeni. Ungalokothi ukholwe ukuthi usuwenza kahle kakhulu kodwa hlale uzithuthukisa. Ungayesabi ingqinamba noma ukwehluleka. Hlukanisa phakathi imali eyinzuzo kulokho okudingayo nokufunayo. Izidingo kumele uzenze ngokushesha kodwa okufunayo kungalinda. Gxila kokwenzayo futhi uqonde ukuthi konke okuhle kudinga ukuthi usebenze kanzima. Akukho okunenzuzo okuza kalula. Ngiyawuthanda umkhakha engikuwo futhi ngiyaziqhenya ngokuba yingxenye yawo.’
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe