
Abafundela ubuDokotela Bazothola Umklomelo i-NSTF
Click here for English version
Abafundi abenza unyaka wokuqala ezifundweni zobudokotela e-UKZN esiKoleni sobuDokotela, i-Nelson R Mandela School of Medicine, uMnuz Phila Mbuyisa noNksz Anele Mnguni bazothola umklomelo i-National Science and Technology Forum (NSTF) Brilliants Award emcimbini ozokhonjiswa nge-inthanethi ekhasini le-YouTube le-NSTF ngezi-21 kuNtulikazi 2022.
I-NSTF isibe nemiklomelo i-NSTF-South23 Awards iminyaka engama-24. Abaxhasi bamanje bohlelo ama-Brilliants, iSouth32, Umnyango wezeSayensi nokuSungula, i-Department of Science and Innovation kanye nomkhandlu wososayensi, i-South African Council for Natural Scientific Professions. Lolu hlelo lwaminyaka yonke olwehlukile luhlonipha abesilisa nabesifazane abasebasha abenza kahle esifundazweni ngasinye kubhekwa amamaki abo e-Physical Science neZibalo onyakeni odlule abenze ngawo izivivinyo zikaMatikuletsheni i-National Senior Certificate Examinations kanye nezifundo abazikhethile ukuthi bazozenza ezihambisana neSayensi, ubuChwepheshe, ubuNjiniyela neZibalo - iScience, Technology, Engineering and Mathematics (STEM).
‘Ngivela endaweni edonsa kanzima futhi ngijabule ngengikuzuzile. Ngithathwe ezifundweni ebezingezokuqala ebengifisa ukuzenza e-UKZN,’ kusho uMbuyisa.
Kwezinye izinto eziningi asezizuzile, uMbuyisa waqokwa ukuba yingxenye yohlelo i-UPREP eyayixhaswe yiNyuvesi yase-Stellenbosch. Lolu hlelo luhlose ukuvala igebe phakathi kwezikole namanyuvesi futhi lulungiselele, lweseke abafundi abenza ibanga le-11 nele-12 abanethalente abavela emiphakathini edonsa kanzima ukuze bakwazi ukungena emanyuvesi.
Izinhlelo zikaMbuyisa zangomuso zibandakanya ukuba ngomunye wodokotela benhliziyo abahamba phambili.
Amagama: ngu-Mandisa Shozi
Isithombe: Sithunyelwe