
Oyi-Clinical Sociologist e-UKZN Wethule Inkulumo Eqavile e-KZN Blind and Deaf Society
Click here for English version
I-Clinical Sociologist eKolishi lezesiNtu, uSolwazi Mariam Seedat-Khan wethule inkulumo eqavile kwisidlo sasekuseni se-KwaZulu-Natal Blind and Deaf Mother’s Month.
U-Seedat-Khan ugxile kakhulu ekuhlonipheni omama abanabantwana abaphila nokukhubazeka kokungezwa nokungakhulumi, nokubungaza iqhaza labo kumshophi wokukhulisa lolu hlobo lwabantwana. ‘Ngilapha njengomama, i-Clinician kanye noMmeli wabo bonke abaphila nokukhubazeka okwahlukahlukene. Lapha eNingizimu Afrika, uMandulo uthathwa njengeNyanga yokubungaza umlando ngokukhubazeka ngokungakwazi ukukhuluma kanye nokuzwa. Abaningi bethu kungenzeka ukuthi bayamazi umuntu ongezwa kahle ezindlebeni, okanye ongezwa futhi ongakhulumi nhlobo. Ngabe siqwashisekile na ngaloku?' ubuze kanje.
U-Seedat-Khan ubalule ukuthi ukukhulisa umntwana ekhuliswa umama ongezwa kanye nokukhulisa umntwana ongakhulumi kunzima futhi kunzulu. ‘Kokubili lokhu okungenhla kuyaye kuletha izindlela kanye nezingqinamba ezintsha nezibabazekayo ezimnandi zokuphila. Ikakhulukazi uma kukhona uthando oluvela kuzihlobo, abangani abangani abaphila nokukhubazeka okwahlukene, abantu osebenza nabo, ngalokho siletha ukuxhumana nobumbano lokuphila okumangazayo.
Ubhekise kwimpumelelo ka-Nksz Voloshni Annamallay, nowaba ngumfundi wokuqala ngqa wase-UKZN ukuphothula izifundo zakhe ze-Undergraduate kanye ne-Postgradute esebenzisa ulimi lwezimpawu lwaseNingizimu Afrika (South African Sign Language - SASL) ukuze axhumane nabantu.
‘Singavumelana ukuthi ukuba ngumuntu wesifazane ongezwa kuza nezingqinamba zakhona nje ezingaxutshwe nalutho. U-Voloshni usinikeza ithuba lokuthi sime, sicabangisise sibuye sibuyekeze sizibuze. Sibenzelani omama abangaboni, izingane kanye nabafundi basemanyuvesi? Imibono yezokuphila eyahlukahlukene, ulimi kanye nokufunda indlela yokuxhumana nathi, ezinye zezinto ezichaza kabanzi ngezinkinga umuntu ongezwa abhekana nazo,’ kuphawula u-Seedat-Khan.
Uqhubeke wathi umkhuba wokusebenzisa inqubo ecwasa abakhubazekile iletha ingcindezi engenasidingo kubafundi abaphila nokukhubazeka kokungezwa okungabasizi ngalutho futhi okubacwasayo labo abaphila nalokhu kukhubazeka.
‘Izindlela zokukhulisa umntwana, ukuba wumama kuphoqa ukuba nekhono lokufundisa uphinde ukwazi nokumela umntwana ongezwa. Abantwana abezwayo ezindlebeni kumele bagqugquzelwe ukuba balufunde ulimi lwezimpawu ukuze bezoba njengezithunywa ezizoletha ushintsho ekuthuthukiseni lolu limi emphakathini nangokomsebenzi. I-SASL kumele iqhakanjiswe ngokuthi itholakale mahhala ukuze kuthuthukiswe ukuxhumana emphakathini nokuqhakambisa ukufana kwabantu angabi bikho onomehluko.'
Wenze isincomo sokuthi kusetshenziswe imingenelelo yezempilo ukuqinisa ukubandakanyeka komama nezingane abangezwa ngosizo lwamaqoqo masonto onke ukwandisa ulwazi ngesimo sokungezwa.
‘Omama abangezwa kanye nomama abajwayelekile banamaphupho namathemba afanayo ngezingane zabo. Ukucwaseka ngezinkulumo kwabantu abangezwa kuvimbela ukubandakanyeka kwabo, nokuthunaza inhlalakahle yabo. Kodwa-ke indlela ezobaqhakambisa ifundise imiphakathi kabanzi ngalokhu kukhubazeka izobe isekela futhi igqugquzela imiphumela emihle,’ kusho-Seedat-Khan.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe