
Ongumfundi Ohamba Phambili Ezifundweni zobuDokotela Uhambele Umhlangano Osezingeni Eliphezulu e-Geneva
Click here for English version
UMnu Mohamed Hoosen Suleman, owenza unyaka wesine eNyuvesi yaKwaZulu-Natali, wakhethwa njengomunye kwabathathu abenza izifundo zobuDokotela emhlabeni jikelele, ekhethwa yi-Changemaker Scholarship ukuba abe yingxenye ye-Pre-World Health Assembly (PRE-WHA) kanye ne-World Health Assembly (WHA) ebibanjelwe ekomkhulu le-World Health Organization (WHO) eseGeneva, e-Switzerland.
Ukukhethwa kuka Suleman akwenzi ukuba iNingizimu Afrika iziqhenye yodwa kodwa lokhu kuyiphimbo lawo wonke umfundi owenza izifundo zobuDokotela emhlabeni wonke. Uqokwe waba yingxenye yethimba labasha abaqokelwe i-WHO.
i-WHA iyibhodi eliphezulu elithatha izinqumo ehanjelwa abaholi nezithunywa ababuya ezifundeni ezibalelwa cishe e-194. I-agenda enemininingwane egcwele ixoxwa kabanzi kanye nohlelo lokuthi kuzomiswa kanjani lusuke lugxile kakhulu ezingxenyeni zezempilo okumele zibhekisiswe.
U-Suleman, nochazwa njengomholi osemusha onentshisekelo nozinikela ngohlobo olumangalisayo, usehlonishwe futhi wahlabana ngezindondo kulo mkhakha woDokotela. Lo mfundi oqhakazile oseke wahlabana ngendondo ye-UKZN Besst Researcher nokungumcwaningi ohamba phambili kanye ne-Best Student Innovator ngonyaka owedlule (2021).
U-Suleman wakhethwa yi-International Federation of Medical Students’ Association ibambisene ne-WHO nekuyiyo eyenza ukuba achithe amaviki amabili ese-Geneva bese ahambe nemihlangano esezingeni eliphezulu nezikhulu zakwamanye amazwe. Wabe esezibonela mathupha lowo onguMqondisi Jikelele we-WHO uDkt Tedros Ghebreyesus.
U-Suleman waphinda wahlangana, waxoxa noNgqongqoshe bezempilo bamazwe ahlukahlukene wabe esethola ukukhanyiseleka ngezingqinamba ezindaweni ezahlukahlukene.
Uphawule wathi: ‘Isikhathi engisichithe kule ndawo sibe namava amangalisayo ikakhulukazi lokhu kokuthi bengingomncane kunabo bonke endlini. Kube ukufezeka kwamaphupho ukumenywa yi-WHO ukuba ngethamele i-World Health Assembly.
‘Ukubamba iqhaza kwabantu abasha emihlanganweni emikhulu kangaka kuyizinkomba eziqhakambile zokukhuphula amandla kwabasha kuphinde kuqhakambise ukuzibophezela kwe-WHO ukukhulisa amakhono amasha ukuze ezempilo zihlale zisemgangathweni nokuthi abasha basebenze ngokuzikhandla kwezempilo.
Le nkanyezi esaqhakaza yaziwakakhulu ngegalelo layo lokumela nokuhola emkhakheni kanti futhi belihamba phambili ekulwisaneni nongabazane ngomgomo wegciwane le-COVID-19.
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe