
Isikole sezamaCiko Sibambe iKhonsathi yokuValelisa uSolwazi woMculo
Click here for English version
ISikole sezamaCiko (uMculo) muva nje sibe nekhonsathi yokuvalelisa u-Chats Devroop, uSolwazi woMculo neSifundiswa esinguMholi wezokuCwaninga kulesi sikole.
U-Devroop ubuye wangena esteji wacula nebhendi yakhe nezitshudeni.
Ukuphefoma nomculo wakhe kuhlanganisa izinhlobo ezahlukene zomculo, kusuka emculweni wezobuciko nodayisayo. Umsebenzi wakhe wezemfundo ugxile ezifundweni ngokufuduka, indawo yokufundela umculo waseNingizimu Afrika kanye nezingxenye zomculo nobuchwepheshe.
U-Devroop, ogubha iminyaka engu-60 kulo nyaka azalwa, uzothatha isikhundla sokuba nguSolwazi ocwaningayo ngokugcwele, egxile kakhulu ocwaningweni osekunesikhathi elucubungula. ‘Ngikholwa wukuthi sengiwenzile umehluko ekufundiseni nasekufundeni ezweni, kanti ngifisa ukugxila kule ngxenye engasekugcineni yomsebenzi wami okungukucwaninga,’ usho kanje.
U-Devroop uqale ukudlala umculo eneminyaka eyisithupha, edlala umtshingo. Ugqozi uluthathe kuyise ongasekho obenethalente naye owayengumculi. U-Devroop upholishe ikhono lakhe, wathola iziqu eziningi kwezomculo. Manje udlala izinhlobo ezehlukene zemintshingo okubalwa i-saxophone, i-recorder, i-melodica, ne-electronic wind instrument kanye nogubhu.
‘Ngikhule ekhaya lapho kwakuhlale njalo kwakunomculo. Abaculi abaningi ababeyingxenye yeqembu likababa babengenalo ikhono, kodwa uthando lwabo lomculo nokulangazelela ukufunda kwangigqugquzela. Ngaphansi kwezimo ezinzima zezempilo nomnonto, ngabona indlela ubaba ayefaka ngayo imali eyengeziwe ekhaya ‘ngamagigi’. Imali encane ayeyithola emagigini yenza ukuthi mina nomndeni wami silale sidlile njalo ebusuku,’ kusho u-Devroop.
‘Siyizingane sasingakwazi ukuba nemali yokuhamba izindawo zokufunda umculo ngasese. Intshisekelo yokufundisa umculo ihlangene nokubona intokozo oluyilethayo kwabanye kwafakwa kimi ngisemncane kakhulu. Ubizo lwami lwalucacile - ukuba ngifundise. Ngiyakuthanda ukufundisa futhi kungihlaba umxhwele okwangempela ukubona labo abafundisayo.’
Ekhumbula isikhathi sakhe e-UKZN, uchaze iNyuvesi ‘njengendawo yokukhula okunomphumela omuhle. Isisize ukungenza umculi, isifundiswa nomholi. Ngibusisekile ukuthi ngibe nobuhlobo nabanye abantu e-UKZN abazimisele ukwabelana ngesikhathi sabo, ulwazi nama-projekthi. Bebengabantu ebengihlola kubo imibono yami futhi bengeseka. Kukho konke. ngijabule kakhulu ngesikhathi engibe naso nolwazi engiluzule lapha.’
Umyalezo ka-Devroop kubafundi uthi, ‘Ninethalente elimangalisayo lokubumba kabusha ezobuciko eNingizimu Afrika. Ngiyakholelwa ekutheni izixazululo zezinkinga eziningi ezikhona namuhla zilele kwezobuCiko. Bhekani ekuthuthukeni ningazibandakanyi nezenzo ezizophazamisa lesi sikhungo esizokhomba impumelelo yenu yangomuso. Thathani isifundo kulezi zikhukhula ezimoshile zakamuva, ezithathe amahora ambalwa kodwa kwamoshela umsebenzi onzima weminyaka.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe