
I-UKZN Ibine-Artfluence Human Rights Festival Lapho Okwaboshelwa Khona UMandela
Click here for English version
I-Artfluence Human Rights Festival ebeyenzeka okwesibili, endikimba yayo ebeyithi Freed Imagination: Resilience, Action and Change beyise-Centre for Creative Arts (eCCA) yase-UKZN eKolishi leSintu, ibambisene nomasipala waseMngeni neMngeni Tourism.
Lo mbungazo, obowudle ngabaculi amaphimbo nomsebenzi wabo bekuqhakambisa amalungelo abantu, ubungumgubho weminyaka engama-60 kwaboshwa u-Nelson Mandela, nokugqamisa indawo aboshelwa kuyona eMngeni nokunyusa amathuba ezokuvakasha nezamasiko kulesi sifunda.
Bekunohlelo olubanzi lwemicimbi ebukhoma nesezinkundleni zokuxhumana ngobuchwepheshe ku-YouTube no-Facebook, kwathi ezinye izethameli zangena ku-Zoom.
‘Sithakasile ukuthi njengoba izwe selivuliwe singakwazi ukuba nombungazo ohlanganisa ukuhlangana bukhoma nasezinkundleni zokuxhumana; okokugcina okwenzeke ngokubambisana nomasipala waseMngeni neMngeni Tourism,’ kusho Dkt Ismail Mahomed, umqondisi we-Centre for Creative Arts.
Uhlelo i-Live in uMngeni lwezinsuku eziyisithupha belunemidlalo yeshashalazi, umdanso, umculo, imibukiso, ifilimu nochungechunge lopopayi lwezinye zezinganekwane ezaziyintandokazi kaNelson Mandela.
‘Lo mbungazo obowulapho kwaboshelwa khona uMandela ukukhuthazwa yimpilo kaMandela nokuhehela izivakashi kule ndawo emva komphumela onzima womvalelandlini emnothweni wezokuvakasha. Ukubambisana kwethu nomasipala waseMngeni noMngeni Tourism kuhlose ukuqinisa umnotho okwenza ukuthi izinhlangano zobuciko endaweni zisimame.
Ifestiveli iqale lapho kwaboshelwa khona uMandela kanti ibinosomahlaya uConrad Koch nodoli wakhe u-Chester Missing odume ngokuhlekisa kodwa ebe esho izinto ezinqala ngentando yabantu yaseNingizimu Afrika.
I-Live in Umngeni ivulwe ngombukiso Umongo Msindo (Sounds in Context), owenza abaculi baxoxe ngezinsimbi zabo zomculo wase-Afrika ngamavidiyo nezindwangu ebezisodongeni ne-QR portal ukunaba ngemisebenzini yabo.
Umdwebi wopopayi bezepolitiki uNanda Soobben wenze umbukiso wopopayi bakhe abangama-25 abaneke konke ngentando yabantu yaseNingizimu Afrika.
I-Centre for Jazz ne-Popular Music yase-UKZN yethule ikhonsathi yabanye babafundi bayo abanethalente, kwathi i-Flatfoot Dance Company, elawulwa nguDkt Lliane Loots, yakhangisa ngomsebenzi wayo omusha i-The Cleansing ekhuluma ngezindaba zomhlaba nangencazelo yangempela yemvelo – nokuxhumana kokubakhona kwabantu nayo yonke into ekhona.
Umdidiyeli wezinkondlo zase-Afrika uNksz Siphindile Hlongwa nomdidiyeli wezinhlelo zezinkondlo zobuciko namasiko kwaseNyuvesi yase-Johannesburg uMnu Quaz Roodt basebenzisene ukwenza uhlelo lwezinkondlo olukhethekile i-At the Marketplace nezimbongi ezine abebezijubile ukuba ziye ezindaweni zokudayisa ezincane ukuze zithole izinto ezizobhala izinkondlo ngazo.
UHlongwa wenze uhlelo oluhlukile kwi-Live in Umngeni olubizwa nge-Freed imagination, obelunembongi edumile phesheya uLebo Mashile nezinye izimbongi zasekhaya. UMashile ungumlingisi oneqoqo lezindondo, imbongi, umbhali wamanoveli nesishoshovu esilwela ubulungiswa emphakathini.
Isikhungo sibuye senzela amaciko aseMngeni izigcawu zokucija amakhono kwezobuciko nokuphatha nge-Live in uMngeni Artfluence Human Rights Festival.
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe