
Umfundisi Ugabise Nge-Albhamu Yakhe Entsha
Click here for English version
Umfundisi womculo, uMnuz Burton Naidoo uzwise abantu amazwibela omculo we-albhamu yakhe azoyikhipha esihloko sithi: Sometime Before e-Alliance Francaise eThekwini.
Ubedlala ekhonsathini ebihlelwe yi-Centre for Creative Arts ne-Centre for Jazz and Popular Music ase-UKZN.
‘Le-albhamu iveza impilo “Sometime Before” kokufika kweCOVID-19, ethe ukufika kwayo iningi lethu, lafisa ukuthi isimo sibuyele kwesejwayelekile. Sikhumbula ngisho izinto ezincane njengokwangana, ukuxhawulana, nokuhlangana ngaphandle kwezifonyo. Umculo oqukethwe uyadansisa, uyabungaza futhi ukhumbuzana kudala,’ kusho u-Naidoo.
I-Sometime Before izophuma ngoNdasa, kanti kuyona u-Naidoo uphelezelwa noRiley Giandhari kwizigubhu, u-Trevor Doneany kwi-bass no-Martin Sigamoney kwi-saxophone.
U-Naidoo waqala izifundo zopiyano eneminyaka eyisithupha efundiswa nguSimon Kerdachi e-Simon Kerdachi Academy of Music. Waqala ukuthanda umculo we-jazz esemncane. Ngonyaka wezi-2001 wabhalisa ohlelweni lwe-jazz e-UKZN nalapho iminyaka emine ayengaphansi kwesandla sikaMnuz Dairus Brubeck. Wathola umfundaze wokuyofunda e-University of Artisten e-Gothenburg, e-Sweden, lapho ayefunda khona no-Anders Perrson no-Peter Burman.
Ngonyaka wezi-2005 wanqoba umcintiswano wopiyano we-South African Music Rights Organisation (i-SAMRO), wathola ithuba lokuqhubeka nokufunda kwamanye amazwe. Useke wadlala umculo kwi-The Rendezvous de 'lerde Festival eNantes, eFrance, kwi-International Association for Jazz Educators Conference eLos Angeles, kwiNefertiti Jazz Club eSweden, nakwiWorld Music Festivals eMozambique, eDubai, e-Abu Dhabi naseMorocco.
Lapha ekhaya usake wadlala emicimbini esingabala kuyona i-Cape Town Jazz Festival, i-Oppikoppi, i-Splashy Fen, iWoodstock ne-Emerentia Festival. U-Naidoo useke wadlala futhi uyaqhubeka nokudlala umculo nabaculi abaphambili eNingizimu Africa abenza izinhlobo zomculo ezehlukene.
Uke wasebenza nezingqalabutho emculweni ezweni o-Sonny Pillay no-Hugh Masekela benza amakhonsathi. Ngeshwa elinye lalawa makhonsathi kwaba ngawokugcina kaMasekela. U-Naidoo usebhale futhi wadlala umculo omningi wakhe.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe