
Isikole Samaholidi Asehlobo Siqeqesha Abafundi Ngesayensi Yomhlaba Namanzi
Click here for English version
UDokotela Jemma Finch, osemkhakheni wezeNdawo, ebambisene nabalingani base-UKZN, i-University of Cape Town (i-UCT), i-Council for Geoscience (iCGS) ne-University of Greifswald e-Germany bavule isikole sesonto ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka ukuqeqesha abafundi be-geoscience basemazweni ehlukene ase-Afrika ngokwenza umsebenzi we-bio- ne-geo-science ensimini nokuqoqa amasampula ocwaningo emhlabeni nasemanzini.
La maklasi abizwa nge-Training School on Methods in Applied Earth and Aquatic Sciences (Train-ME2 CONNECT) enziwe eJalimane ngoMandulo wowezi-2021, naseNingizimu Afrika ngoLwezi wawo unyaka odlule. Yize kwakuhlelwe ukuthi izinhlelo zizokwenziwa kusetshenziswa ubuchwepheshe nokuxhumana kwesimanje kula mazwe amabili, uhlelo lwaseNingizimu Afrika lwabambezeleka ngenxa yobhubhane i-COVID-19.
Bese kungokwesibili lesi sikole siba khona kusukela sasungulwa ngonyaka wezi-2019. Lesi sikole siwumphumela wokusebenzisa kwezifundiswa eJalimane ngaphansi kohlelo i-Tracing Human and Climate Impacts in South Africa (TRACES) nenhlangano yocwaningo iScience Partnerships for the Adaptation to Complex Earth System Processes in the Southern Africa (i-SPACES).
Lesi sikole esixhaswe yi-German Academic Exchange Service (iDAAD) siqeqeshe abafundi ngezindlela zokukala amasampula aphathekayo namakhemikhali olwandle nasemanzini, nangendlela yokucwaninga la masampula. Siphinde sagqugquzela ukufunda nge-inthanethi nokucobelelana kwamasiko.
Lolu hlelo oluholwa nguDkt Finn Viehberg noSolwazi Torsten Haberzettl baseNyuvesi yase-Greifswald, no-Finch e-UKZN, kudala belubandakanya abafundi baseYurophu nasemazweni aseningizimu yeAfrika abavakashile ezweni, kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi lwahlukana kabili (olwaseGermany nolwaseNingizimu Afrika) ngenxa yobhubhane i-COVID-19.
ENingizimu Afrika kwakhethwa abafundi abayisishiyagalombili abenza iziqu zobudokotela emikhakheni neMastazi ezikhungweni ezihlukene, kanti ezinye bezidabuka eMadagascar, eMozambique, eNigeria, eTanzania naseZimbabwe.
Lolu hlelo luqale ogwini olusempumalanga yeNingizimu Afrika, eWildlife and Environment Society of South Africa nekhempu esehlathini eMthunzini, nokuyilapho uFinch, uDkt Lauren Pretorius umcwaningi weziqu zobudokotela e-UKZN, uDkt Kelly Kirsten wase-UCT, uDkt Hayley Cawthra waseCGS noViehberg befundise ngokusebenzisa amava abo okusebenza endimeni, eMlalazi Estuary.
Leli thimba liphinde lavakashela endaweni yocwaningo lokumbiwa phansi eSibudu Cave, liholwa ngoDkt Gavin Whitelaw weKwaZulu-Natal Museum.
Basuke lapho baya ogwini olusentshonalanga, nalapho bevakashele khona endaweni yaseLangebaan, eBerg River Esttuary. Baqoqe amanye amasampula, bahlaziya nolwazi abalutholile, beqhathanisa abakuthole ogwini olusempumalanga nabakuthole ogwini olusentshonalanga. Uhambo lwabo baluphethe ngokuvakashela i-West Coast Fossil Park ne!Khwa ttu San Heritage Centre.
‘Ucwaningo lwethu lubheka ukushintsha kwemvelo nesimo sezulu, kodwa nomthelela wabantu konke lokhu kuhambisana nendawo yabantu,’ kusho u-Finch.
Izinhlelo zesonto bezinengosi yokuqeqesha abafundi ebebehambele isikole esiseGermany, abafundi bajutshwa ukuthi benze incwajana enemidwebo yokufundisa – kumanje esahlanganiswa – ezofundisa abafundi bezikole zamabanga aphakeme. Abafundi baphinde bahlanganisa nevidiyo baxoxa ngabakufundile ku-Twitter naku-Instagram.
U-Finch uncome abafundi ngokuzikhandla kwabo, wathi bebebuza imibuzo ehlakaniphile futhi banikeza ngolwazi abanalo ngesikhathi bethuthukisa ulwazi nekhono lokuxazulula izinkinga.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Izithombe: ngu-Hayley Cawthra nesithunyelwe