
Isifundiswa SezesiNtu Siqokwa Njenge-Mercator Fellow eNyuvesi yaseJalimane
Click here for English version
Isifundiswa eKolishi lezesiNtu uSolwazi Rozena Maart siqokwe ukuthi sibe yi-Mercator Fellow eNyuvesi yase-Bremen, e-Germany, kwi-Contradiction Studies, ngaphansi kohlelo i-Constellations, Heuristics and Concepts of the Contradictort.
Ukuba yi-Mercator Fellow yisikhundla esihlonishwa kakhulu eJalimane nasemhlabeni jikelele.
Njenge-Mercator Fellow, u-Maart uzokwethula izifundo ezikhethekile aphinde abe ngumsizi wangaphandle wabafundi abenza iziqu zobudokotela. Uzophinde enze izigcawu zokucija abantu, ethule nezinkulumo. Uhlelo lwe-Mercator Fellowships lugqugquzela ukusebenzisana nabacwaningi baseJalimane, ukwandisa amava kulolu hlelo nokuthi lubonakale. Ulwazi olujulile luka-Maart namava akhe ekuhlaziyeni ezobukoloni nobuhlanga nohlaka lobuhlanga kuzoba yingxenye yalolu hlelo.
Ama-Mercator Fellows enza umsebenzi omkhulu enyuvesi ukwedlula abacwaningi abavakashile. Avame ukuba yingxenye yohlelo isikhathi eside, kanti isikhathi esiningi asebenzela ensimini kuleso sikhungo. Ayaqhubeka nokuxhumana noma esehambile futhi ayaqhubeka nokubizwa ngama-Mercator Fellows.
Uhlelo u-Maart azoba yingxenye yalo ludidiyele imikhakha ehlukene futhi lubandakanya amalungu eminyango eyi-12, ama-Mercator Fellow amathathu ezifundweni i-social and cultural anthropology; interdisciplinary linguistics; literary studies; North American and postcolonial theory, ezamasiko; early German literary studies; ezomthetho; i-human geography; isayensi yepolitiki; ezenkolo; nefilosofi.
Luzoba nezigaba ezimbili futhi luzothatha iminyaka eyisishiyagalolunye. Ukusiza abafundi kuzokwenziwa ngasodwana noma ngokubambisana namanye ama-Mercator Fellows. I-German Research Foundation (DFG) inikele ngo- €5 million (R90 million) iminyaka emine nohhafu, okuyisigaba sokuqala salolu hlelo.
U-Maart uneminyaka eyishumi e-UKZN futhi uphinde abe yi-International Research Ambassador eNyuvesi yaseB-remen. Waklonyeliswa nge-Nicolás Cristóbal Guillén Batista Lifetime Achievement Award ngonyaka odlule ngomsebenzi wakhe emibhalweni yokubhalwa kwezincwadi nakwifilosofi. Ngonyaka wezi-2016, waklonyeliswa nge-William R Jones Lifetime Achievement Award, enikwa yinhlangano i-Philosophy Born of Struggle. Emgodleni unezinye izindondo zasemazweni, okubalwa kuzo i-Journey Prize: Best Short Fiction eCanada ngowe-1992, wathola nomklomelo wemali ngendaba yakhe emfushane esihloko sithi No Rosa, No District Six.
Umsebenzi ka-Maart ubheka ukuxhumana kwefilosofi yepolitiki, i-Black Consciousness (ukuziqhayisa ngokuba mnyama), i-Derridean deconstruction ne-psychoanalysis, imibhalo echitha ubukoloni kodwa engazihlolisisi wona siqu futhi eqhubeka nokuzuza ezinhlelweni zamakoloni athi awahambisani nabo. Useshicilele izincwadi eziningi, amaphepha ocwaningo nezahluko zezincwadi zocwaningo. Usanda kuba ngumhleli wamaqoqo amabili encwadi esihloko sithi, Decoloniality and Decolonial Education: South Africa and the World.
U-Maart uke waba nemihlangano kuZoom nabafundi base-UKZN, lapho ebagqugquzele ukuthi nabo babhalise.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe