
Abafundi be-Onazi base-UKZN beze-Media Bethula Amafilimu
Click here for English version
Abafundi ababili abenza i-Onazi kweze-Media and Cultural Studies, uMnu Maqhawe Xaba noNks Kitana Reddy basanda kwethula imisebenzi yabo yamafilimu ophikweni oluse-Howard College.
UXaba ngumqondisi we- The Two Strands of Happiness, kuthi u-Reddy abe ngowe-An Act of Love. Amafilimu abawabhalile aqokwe kweyi-14 base benikwa ithuba lokuba ngabaqondisi.
Ifilimu kaXaba ingowesilisa osemncane obhekana nokushaqisayo ekuseni ngosuku ahlele ukucela ngalo umshado esokeni lakhe. ‘Ngizizwa ngithakasile ukuthi ngikwazile ukuxoxa lendaba futhi ngifuna ukuqhubeka nokuxoxa izindaba ezithinta umphakathi wabantu abathandana nabobulili obufana nobabo, phecelezi gay, bisexual, transgender, intersex or questioning (LGBTIQ). Ngaphezu kwalokhu, ngiyethemba ukuthi ucwaningo lwami lweMastazi aluzukungisiza kuphela ukuxoxa lezi zindaba, kodwa luzongisiza ukuxhumana nomphakathi lapho lezi zindaba zenzeka khona,’ kusho uXaba.
I-An Act of Love ka-Reddy ingoZenzile, owesifazane osemncane obhekana nemibuzo mayelana nokuduka kukababa. Le filimu iveza obala izinkinga emphakathini njengodlame ngokobulili, ukuhlukunyezwa kwezingane nomphumela okunawo ezinganeni. U-Reddy ukholwa wukuthi ‘le ndaba ibalulekile ngoba iveza ukuhlukumezeka emoyeni nasengqondweni okwenzeka ezinganeni endaweni enesihluku. Esikhathini esiningi kulezi zimo ukuphila kwengane ngokomqondo kushaywa indiva noma akunakwa ngendlela efanele.’
Uqhube wathi: ‘Bekungewona umsebenzi olula lona. Ngibhekane nezimo ezehlukene kuzo zonke izigaba zokwenza le filimu kodwa ngifunde lukhulu. Ngifunde ngokubaluleka kokusebenzisana kwethimba nokubaluleka kokugcina isikhathi nokuxhumana. Bekungewona umsebenzi olula kodwa amava engiwatholile azongisiza impilo yami yonke.’
UMnuz Mzwandile Makhanya, umfundisi, uthe: ‘Abafundi be-Onazi eMnyangweni weze-Media and Cultural Studies bayingxenye yeFukamisa Intsha Film Project, uhlelo lwalo mnyango oluya emphakathini ngenhloso yokukhulisa abafundi nabenzi bamafilimu abasacathula KwaZulu-Natal. Ngokuba yingxenye yeFukamisa, abafundi abenza i-Onazi ezifundweni zamafilimu bathole ithuba lokubamba iqhaza kulolu hlelo oluqinisa ubudlelwano phakathi kwenyuvesi, umphakathi nemboni yezamafilimu.’
Ukukhonjiswa kwala mafilimu kukhombise kwaphinde kwaklomelisa imisebenzi yabafundi, ikakhulu ngalesi sikhathi sobhubhane i-COVID-19. ‘Siphinde savula ithuba lokuthi abafundi bethu basebenzisane nabalingani bethu iKZN Film Commission, Centre for Creative Arts, i-Durban International Film Festival, i-Durban Film Office nezinye. Abafundi bethu bathole ithuba lokuhlanganyela nezingcweti kule ndima ezinjengoSibongiseni Shezi (odlala indawo kaHleziphi kuZalo), obesicobelela ngethalente nangolwazi analo ngonyaka odlule,’ kusho uMakhanya.
Wengeze ngokuthi: ‘Siphinde senza ingqophamlando elikhuluma ngamanzi nokuthutha indle silenzela uMnyango WezaManzi Nokuthutha Indle. Asigcini nje kuphela ngokufundisa, kodwa sigxila ezintweni ezithinta umphakathi wethu. Yingenxa yalokhu abenzi bamafilimu abasacathula, ngohlelo iFukamisa benze amafilimu athinta uMthethosisekeli nentando yabantu, udlame ngokobulili, ubulili bocansi nobumina. Amafilimu ethu awagcini kuphela ngokujabulisa, kodwa ayafundisa, ayazisa futhi avuselele.’
UMakhanya ubonge iDini neNhloko eSikoleni seZobuciko uSolwazi Nobuhle Hlongwa uMholi weQoqo uDkt Sandra Pitcher, yiCluster Leader, imenenja yalesi Sikole uMnuz Adarsh Maharaj, uNksz Karen Suter, uNksz Pam de Beer, uMama Neereshini Chetty noNksz Alice Palan.
Nabafundi babonge uNksz Sinesipho Makaula, uNksz Luthando Ngema, uMnuz Teboho Makopo noNksz Abulele Njisane (umholi womsebenzi eFukamisa Intsha).
Amagama: Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe