
UDkt Reuel Khoza Uzobekwa njengeShansela lase-UKZN
Click here for English version
UMholi wekhethelo, nongukapteni osezingeni kulomkhakha ophinde abe yisishingishane kwezoshintsho, nohamba phambili kwezokushintshwa kwesimo somnotho wezwe lase Ningizimu Afrika, uDkt Reuel Khoza uzobekwa njengoShansela waseNyuvesi yakwaZulu-Natali ekhempasini yase-Westville ngomhla zizine kuNhlaba.
‘Ngamukela ngokubonga okukhulu lomqhele engithweswa wona kanjalo nemisebenzi yonke ehambisana nalo mqhele,’ kuphawula lowo onguMengameli wesikhungo sabaQondisi jikelele eNingizimu Afrika (IoDSA).
UNksz Normah Zondo, uMqondisi ehhovisi le-Corporate Relations, uthe iNyuvesi izizwa ihloniphekile ngokwamukela uKhoza njengeShansela lesine leNyuvesi. ‘UDkt Khoza uyaziwa kakhulu ngenxa yokuzibophezela kwakhe ekuletheni ushintsho, nebanga aselihambile kweze-academia kuyazisho nje ukuthi impela ungungoti okhaliphile nosezingeni elicokeme. Ungumbhali oseqophelweni eliphezulu kanti enjalo nje ukhuluma izilimi ezahlukahlukene. Sinesiqiniseko sokuthi uzophatha iNyuvesi ngobungcweti futhi siyalangazelela ukuba simbone emcimbini wokuthweswa kweziqu,’ kuphawula uZondo.
NjengoShansela, uKhoza uzosebenza njengenkloko yenyuvesi ebhekelela imicimbi yokuthweswa kweziqu, eqinisekisa iziqu ze-degree, ukukhipha ama-diploma kanye nezitifiketi, kokunye azobe ekwenza. Ukhethwe ukuba aphathe iminyaka emine kusukela ekupheleni konyaka wezi-2021, kodwa ukugcotshwa kwakhe kwabambezeleka ngenxa yokhuvethe.
Ukugcotshwa kwakhe kuzolandela ngomcimbi wokuthweswa kweziqu osuthathe iminyaka cishe emibili yonke ungenziwa. Lo mcimbi waziwa njengonenhlokomo noba mnandi ngohlobo olumangalisayo, i-UKZN izobona ama-graduands ayizi-8 795 edlula esteji kusukela ngomhla zizine kuNhlaba kuya zingama-21, kuye uNhlaba, nokuwumcimbi ozoba yizigaba ezingama-30 ekhempasi yase-Westville. Amaphesenti alinganiselwa cishe kwama-64% walabo abazobe bethweswa iziqu bangabantu besifazane.
Abafundi ababalelwa cishe kuma-410 bathole u-cum laude, bese kuthi abayi-121 bona bathola u-summa cum laude.
INyuvesi izoqinisekisa iphinde yethule ama-undergraduate degree ayizi-6094 kanye nama-post graduate degrees ayizi-2701, nokubalwa kuwona ama-doctoral degrees abalelwa cishe ema-213. 'Inyuvesi iyaziqhenya kakhulu ngabafundi abangama-84 abaphila nokukhubazeka, abangama-30 bebeqedela izifundo ze-postgraduate,’ kusho uZondo.
Kulama-graduates, lawo ayi-193 abuya emazweni angaphandle, abayi-163 kubona bazothola ama-postgraduate degrees.
Abalelwa kwi-1 490 ama-degree azokhishwa yiKolishi lezoKulimo, ezobuNjiniyela kanye nezeSayensi. Ayi-1 067 eKolishi lezeMpilo; abe yizi-4 230 kwiKolishi lezesiNtu bese eba yizi-2008 eKolishi lezoMthetho kanye nezifundo zokuPhatha.
Bungaza kanye nathi ama-graduates ethu ngokuthi ubhale i-hashtag #UKZNgrad2022 ezinkundleni zokuxhumana, noma uvakashele ikhasi lethu ku-Facebook, ku-Twitter naku-YouTube kusukela mhla zizine kuya mhla zingama-21 kuNhlaba. Ukugcotshwa kweShansela nakho kuzovezwa ku-Facebook kanye no-Youtube.
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: Sithunyelwe