
Undizisele Phezulu Ifulegi lase-UKZN
Click here for English version
USolwazi wezomkhakha we-Physiotherapy, u-Saul Cobbing uzochitha iholide lakhe elaziwa ngele sabbatical leave eNyuvesi yse-Toronto (UofT) e-Canada njengesihambeli kule Nyuvesi emnyangweni we-Physical Therapy.
Ezinyangeni ezintathu ese-Toronto, u-Cobbing, onguSolwazi e-UKZN College of Health Sciences DRILL programme, ugxile kakhulu ekwakheni ubuhlobo phakathi kwe-UKZN kanye ne-UofT, kanti futhi ugxile kakhulu kakhulu kwi-Global South ne-Global North.
Abasebenzi base UofT bamkele u-Cobbing ngezandla ezifudumele yize noma bekubanda kakhulu. ‘Ngike ngasebenza nezinye izifundiswa ngaphambilini, ikakhulukazi kumaphrojekthi amayelana nokuhlunyeleliswa kwabantu abaphila negciwane lengculazi,’ uphawule kanje.
Wethule isifundo kubafundi be-physical therapy waphinde wacelwa ukuba ashayele uhlelo, aqhube ngesifundo se-inter-professional training module kwi-chronic pain management.
U-Cobbing ubeyisikhulumi esivelele kwi-Canadian National Summit kukhulunywa nge-Episodic Disabilities and Employment ngoNdasa, isethulo sakhe sasibizwa nge: How episodic disability impacts employees: an international perspective.
I-International Centre for Disability and Rehabilitation yase-UofT imeme u-Cobbing ukuthi abambe iqhaza kwi-online panel discussion ezobe imayelana nokufuna izindlela zokuletha ushintsho kusuka emazingeni omhlaba kuya emazingeni ezindawo abantu abakhe kuzo ngomhla zingama-30 kuNdasa, nalapho acobelelana kabanzi ngamava akhe malungana nokusebenza nge-UKZN Decentralised Clinical Training Programme.
Ekupheleni kukaMbasa, u-Cobbing waba yingxenye ye-webinar eyayihlelwe yi-University of Toronto Rehabilitation Sciences Institute monthly Leadership Rehab Rounds. Isethulo sakhe esinesihloko esithi: Lessons from Africa: giving rehabilitation a more human face, neyayichaza ukuthi izinkolelo zasezwenikazi i-Afrika ezifana noBuntu kanye ne-Seriti zingawuhlomulisa kanjani umkhakha wezokunanakelwa kwempilo emhlabeni wonke ngokuthi kubukwe isimo somuntu oyedwa senziwe esomphakathi kunokuthi kubhekwe umuntu ngayedwana.
Kulesi sikhathi seholide le-sabbatical esimsalele, u-Cobbing uzoqhubeka nokwakha amaxhama ezokuxhumana phakathi kwe UKZN ne-UofT ukuze basebenzisane kumaphrojekthi athinta lezi zikhungo zombili.
Amagama: ngu-Nombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe