
Ophume Isibili kowe-Two Oceans Marathon Wenze i-UKZN Iziqhenye/ihambele phezulu
Click here for English version
Owenza iziqu ze-Honours kwizifundo zezeMfundo noyi-graduate kwi-Leadership, Management and Policy, uMnu Nkosikhona “Pitbull” Mhlakwana uqoqa imiklomelo njengoba ephume isibili kwi-Total Sports Two Oceans Marathon mhla zili-17 kuMbasa kowezi-2022 eKapa.
Ungohlelelwe ukuba ayothweswa iziqu zakhe ngokusemthethweni ngomhla wesi-9 kuNhlaba, ungowesilisa ongumsubathi ongowokuzalwa e-Howick uthi wakhethwa ukuba ayomela iqembu lakhe (Hollywoodbets Athletics Club), izwe lakhe, isifundazwe sakhe, iNyuvesi yakwaZulu Natali kanye nedolobha lakhe kumjaho ongamakhilomitha angama-56 (56km).
UMhlakwana owaqala ukulungiselela lo mjaho ngoLwezi nyakenye (2021), uthe umqeqeshi wakhe, uMnu Prodigal Khumalo; umphathi wakhe, uMnu Ross Waters; abaxhasi i-Adidas, i-Threshold, Orange Groove, i-Bio 77 kanye 32Gi; abalandeli kanye nomndeni bebemgqugquzela. ‘Umndeni wami uyakholelwa kimi kakhulu yize noma ngiphume isibili, kubo kufana nokuthi ngiphume phambili.’
Ephawula ngalo mjaho uqhubeke wathi, ‘Ngesingami nje kuhlezi kuwukuzibekela izifiso engizokwazi ukuzifeza, isifiso sami besilula kakhulu kimi ngalolu suku, kwakuwukugijima amahora amathathu nemizuzu eyishumi, bese mina ngagijimima amahora amathathu kanye nemizuzu eyisishagalolunye, nokunginike ingcwenga yesiphetho, ngijabule kakhulu.’
Oyi-UKZN Senior Sports Officer, uMnu Zweli Sapula uthe lo mnyango uyaziqhenya kakhulu ngokuhlomula kukaMhlakwana nokubeka ngokugqamile izinga le-University Athletics Club.
‘Njengomunye wabafunda ngomfundaze oxhaswe ezemidlalo, uNkosikhona ube yingxenye yeqembu ebeliziqeqesha ekhempasini yase-Edgewood. Sabe sesakha i-Athletics Club maqede sathungatha abasubathi abazogijima ngamaqembu-qembu khona endaweni. Sabe sesithula i-long kanye ne-high jump nokuyilapho uNkosikhona wajoyina khona ikomidi lezemidlalo ukuze bathuthukise ezabasubathi kwikhempasi yakhe nokwathi ekuhambeni kwesikhathi wahlabana ngeye-Sportman of the Year (umdlali ovelele emidlalweni iyonke) ngonyaka wezi-2019 emuva kokunqoba umjaho waseZululand, ongamakhilomitha angama-56,’ kuphawula uSapula.
UMhlakwana usixoxele kabanzi ngephupho lakhe lokubuyela esikhungweni lesi abefunda kuso (alma mater) ukuze alekelele ekuthungatheni nasekubuyiseni ithalente emnyangweni wezemidlalo.
Usikhumbuze ngesikhathi lapho ayegijima okokuqala ngqa kwi-Comrades Marathon ngonyaka wezi-2019 lapho aphuma khona waba ngowe-11 ngenxa yamajaqamba, nokuyilapho athola khona igama lakhe lokudlala u-‘Pitbull’ emva kokuba wagaqa waze wayoshaya intambo. uMhlakwana uhlela ukugijima kwi-Comrades Marathon okwesibili kulo nyaka yize noma esajabulela umklomelo wakhe akawuthole kwi-Two Oceans Marathon.
Egqugquzela abanye ukuba bahlezi bezethemba futhi bekholwelwa kubona nasekusebenzeni kanzima ukuze bafeze amaphupho abo, usicobelele ngesiqubulo sakhe, esithi, ‘Uma kusemqondweni wakho, umzimba wakho ungakuthola.’
Ubonge kakhulu abalandeli abamesekayo, umndeni wakhe kanye neqembu lakhe ngokumeseka.
Ungalandela uMhlakwana ezinkundleni zokuxhumana ku-Instagram: @Nkosikhona_Mhlakwana, naku-Twitter: @N_Mhkakwana ubuke uhambo lwakhe kwezokusubatha.
Amagama: Hlengiwe Khwela
Isithombe: Candiese Lenferna