
Imibono Ejulile Maqondana Nodaba lwase-Ukraine Ixoxwe ku-Webinar
Click here for English version
Ikolishi lezesiNtu kanye neSikole sezeMfundo sihlele saphinde sabamba i-webinar nalapho bekukhulunywa ngemibono eyahlukahlukene maqondana nesimo sasezweni lase-Ukraine ebinoSolwazi Steven Friedman (wase-University of Johannesburg), uSolwazi Bheki Mngomezulu (wase-University of the Western Cape), uDkt Marshall Maposa (UKZN), kanye noDkt Noluthando Phungula (UKZN), kanti uhlelo beluphethwe nguSolwazi Suriamurthee Maistry (UKZN).
OnguSosayensi wezePolitiki owaziwayo noyi-columnist kwi-Business Day, u-Friedman ukhulume kabanzi ngokuthi kungani ama-democrats kungamele athathe uhlangothi. ‘Ukungabi nalo uhlangothi kulolu daba akuchazi ukuthi ukudlubulundela kwe-Russia e-Ukraine kuzovimbeka. Kuhlukumeza indlela ejwayelekile yokuphila. Ihubo leNingizimu Afrika eliqhubekisela i-Russia phambili - bese kuba yi-SA Communist Party, izingxenye ze-ANC, yilowo owayenguMengameli uPresident Jacob Zuma – bangakudlulisa ngendlela engabangisi umsindo,’ kusho u-Friedman.
U-Friedman uphawule ngobuxoki be-United Nations kanye namazwe asentshonalanga uma kuziwa ezingxabanweni zamazwe omhlaba. ‘Ngiyacabanga kubalulekile ukwenza lokho uhulumeni akwenzile. Kungani kubukwe njengokuchema uma uziqhelelanisa kodwa kungashiwo okufanayo uma uhambisana nesixazululo? Uma uhambisana nesixazululo, kumele uxhase leli elinye icala. Into esingavumelana ngayo la ngomoya omuhle ukuthi ukuqhunyiswa kwe-Ukraine ngamabhomu akwamukelekile kodwa-ke sisho isaga okufanayo ngezwe lase-Palistine kanye nokuqhunyiswa ngamabhomu kwezwe lase-Iraq, kumele sibuyele e-Palestine, udaba lokucekelwa phansi kwe-Gaza…. Ukuqhunyiswa kwe-Yemen ama-Saudis.’
U-Friedman uthe, ‘umhlaba udinga umnyakazo wabangachemile ngoba inkululeko imayelana nelungelo labantu ukuba bazibuse, ayikho mayelana nokuthi izwe libacindezele ukuba wumbimbi namazwe athile.
OnguMhlaziyi wezepolitiki uMngomezulu, ugxile kakhulu encazelweni eqhakambisa okuphathelene nezikhungo ukuchaza kabanzi ngokwenziwa amazwe ukuphendula odabeni lwase-Ukraine. Ulande izinjulalwazi ezimbili akwa-International relations - i-realism and institutionalism - ukuze achaze kabanzi indaba yokuthi amazwe angenelele okanye engangeneleli kulolu daba lwase-Ukraine. ‘Ama-national interests iwona ayizinkomba ezizokunika isthombe sokuthi mangaki amazwe asengenelele kulolu lwase-Ukraine. I-multilateralism nayo iyaveza ukuthi zithini izibalo zama-multilateral organisation afana ne-NATO okumele angenelele kulolu daba lwe-Russia idlubulundela e-Ukraine,' uphawule kanje.
Oyi-Senior Lecturer kwezomlando esikoleni sezeMfundo e-UKZN, uMaposa wethule ama-standpoints ama-Afrika asuselwa emlandweni ngaloludaba lwase-Ukraine. Udaba lwase-Ukraine ludonse kakhulu ukuthi banakwe umhla wonke jikelele kusukela kuNhlolanja kulo nyaka. 'Yize noma imibono ingafani, amazwe asezwenikazi i-Afrika wona abuziwe ngodaba lwabo lokushaya i-Russia bame kanye ne-Ukraine. Izincazelo eziningi zingamukeleka ngama-Afrika kulolu daba lwe-Russsia,’ kusho uMaposa. Uthe ‘noma ngabe yini eshiwo ngama-Afrika kuyizinto azisusela kwezinto ezenzeka endulo, base bebuka la bekhona manje bebe bebhekelele nekusasa.'
Isihloko sikalowo onguMfundisi we-Political Sciences e-UKZN uPhungula sasithi, Between a rock and a hard place: South Africa's response to the war in Ukraine. ‘Isinqumo seNingizimu Afrika sokungathathi uhlangothi odabeni lwe-United Nations olumaqondana ne-Russia eyadlubulundela e-Ukraine ngoNhlolanja wakulonyaka kuthole ukugxekwa kakhulu. uMengameli u-Cyril Ramaphosa wavikela indawo akayikhethile nokuwukungathathi hlangothi ngokuthi athi loko kuhlongoza umoya wokuthula nanokuthi ngaso sonke isikhathi kumele izindaba ezikanjena zixazululeke ngokuthula.
UPhungula ukubalulile ukuthi iNingizimu Afrika iphoqwa kakhulu yizehlo zasendulo zama-Soviet Union, neyayihambisa phambili inkululeko ye-Afrika. UPhungula ubeke wathi, ‘Ukuhluleka ukubuka kabanzi kuphinde kungenelelwe ezinkingeni ezaqubuka ngokuhlukana kwe-Soviet Union yikho okudala izinkiga lezi i-international system ebhekene nazo namhlanje.’
UPhungula uthe akekho onentshisekelo nge-Afrika phakathi kwamazwe aseNtshonalanga nalawo aseMpumalanga. Ama-Afrika adinga ukwakha ezabo izinqubandlela nezizothuthukisa kakhulu amalungelo kanye nenkululeko kubantu. Kumele sigxile kakhulu ekwakheni nasekuyibambeni i-international order sincike kakhulu emthethweni. Izwe nezwe kumele ligadwe izimfuno zalo. iNingizimu Afrika kumele ithathe igxathu ibambisene ne BRICS, amanye amazwe ase-Afrika, iNtshonalanga kanye nezinye izizwe.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe