
ISikole sezobuCiko Sivalelise i-Lecturer nge-Posthumous Exhibition
Click here for English version
Isikole sezobuciko (Digital Arts) ivalelise i-lecturer, uNksz Claire Dongo ngokuthi benze i-posthumous exhibition ye-PhD yakhe bekhangisa ngomsebenzi wakhe benza konke lokhu benzela ukumhlonipha.
UDongo wayengomunye walabo ababuya ezweni lase-Zimbabwe abebehola phambili kulomkhakha wokukhangisa ngamaciko nolahlekelwe impilo yakhe ngenxa yesifo se-Lupas. Lo mbukiso uzoqhubeka kuze kube ziyi-13 kuNhlaba e-Jack Health Art Gallery e-Centre for Visual Art ekhempasi yase-Pietermaritzburg.
IDini kanye neNhloko yalesi Sikole, uSolwazi Nobuhle Hlongwa, uxhase lo mbukiso ukuze abungaze imisebenzi kanye nempilo kaDongo.
Ucwaningo lukaDongo belugxile kakhulu maqondana nesithombe esakhiwa yi-art practice kwi-20th kanye ne-21st century. Ubenesipiliyoni esiyiminyaka engaphezu cishe kweyi-15 kunxazonke walomkhakha nokuyi-commercial and educational sectors ze-digital art. Wayenentshisekelo kakhulu ekukhuliseni ithalente. Wayegxile kakhulu kwi-digital marketing nalapho ankankanya icwecwe elifishane (short animated film) neyaqoqa izindodo eziningi eyayibizwa ngokuti yi-amoeba.
Ngaphambi kokuba ajoyine iNyuvesi yaKwaZulu -Natali uDongo wafundisa e-VEGA kanye nase-Zimbabwe institute of Digital Arts bese wasebenza kanzima kulo mkhakha njenge-graphic designer kanye ne-3D animator. Amakhono akhe ahlukahlukene kulomkhakha afaka phakathi i-New Media Arts, Animation, Graphic Design kanye ne-Digital Image Making. Konke lokhu kufakazelwa yimisebenzi yakhe yezemibukiso. Okunye okwakuqapheleka ngaye kwakungulwazi lwakhe kwezepolitiki kanye nenhlalo nje yabantu. Wayenobuntu kakhulu nokuyinsika yayo yonke imisebenzi yakhe.
Oyi-lecturer kwa-Digital Arts, uDkt Michelle Stewart uthe, ‘U-Claire uzokhunjulwa kakhulu ngomusa wakhe, ukuhlakanipha, ukuphokophela kanye nokusebenza ngamandla. Wayezibophezele kakhulu kubafundi bakhe futhi enentshisekelo ngalomkhamkha. Yize noma ubebuye abambeke ngokugula, kodwa ubethatha noma ngabe yini obekuthiwa akayenze – ubefana njengedwala nensika yamandla. Abaningi abakaze baqaphele ngisho ukuthi ubebambekile wukugula, njengoba kade engatetemi futhi enza ngokusemandleni ukuthi izinto zihambe kahle. Kube kancane nje ngesikhathi sisafundisa online, wacela ukuba simbambele- loku kwenzeke lapho ebebambeke kakhulu mhlawumbe ehluleka nokukhuluma. Kodwa uzongena online ukuze naye alalele. Ukuzibophezela kwakhe bekuhlaba umxhwele.’
UDkt Yane Bakreski unezezele wathi, ‘Impilo angeke uze uyiqonde kokunye, lala uphumule Claire. Asisoze sakukhohlwa.’ Umama wakhe u-Stella uthe, ‘Sibuhlungu kakhulu ngokulahlekelwa nguye kodwa siyethemba izulu liyahlokoma ngokuthola uhlobo olunje olukhazimulisa okwenkamyezi.’
Ngesikhathi edlula emhlabeni uma kuqala unyaka wezi-2022, wayesebuyekeza egoqa i-commissioned 2D animated film ebizwa ngokuthi Zimbabwe’s Sad Story. Le filimu ingo-Hopwell Chin’ono, nongosehlomule izindondo eziningi kwezobuntatheli eZimbabwe nowenza amafilimu angama-documentary nowaziwa kakhulu ngesenzo sakhe sokuveza inkohlakalo eZimbabwe kanye nokuvalelwa kuboshwe abaphathizikhundla base-Zimbabwe ngaphandle kwebheyili.
Ngo-2018, i-digital installation kaDongo, eyaziwa ngele -The Many Faces of Bob, yakhethwa ukuba iyokhangiswa kwisimpoziyamu eyaziwa ngele - International Symposium for electronic arts (ISEA), nokuyisimpoziyamu yezobuciko eba khona isikhathi eside. Imisebenzi yakhe yale-ISEA iveza uxhaxha lwemibukiso ka-Robert Mugabe kusukela eminyakeni ye-1960 kuya kweye-1980’s, kanti le mibukiso ihlanganisa izithombe kanye namavidiyo akhuluma kabanzi ngohambo lwakhe kwiPolitiki. Lolu xhaxha lwemibukiso luveza ukushenxa kwakhe esuka ekubeni iqhawe labantu bonke elathandwa ngenxa yokuletha indaba yokuzimela gelekeqe kuya esikhathini lapho esengunxiwankulu onenkohlakalo.
Ngowezi-2020, uDongo wayengomunye wamaciko abalelwa cishe ema-30 ayesohlwini lwe-United Nations (UN) funded exhibition bebambisene ne-International Labor Organization’s (ILO) Green Enterprize Programme. Umsebenzi wakhe obizwa nge-The Many Faces of Green Labor, ngokwezithombe nangamagama ebhalwe nagwo le filimu iveza okuhle kanye nokubi okwenziwa yi-chatbot emisebenzini emininingi.
Eminye yemisebenzi yakhe ilena ethi: #I’mStaying ingxenye ye-#I’m StayingMovement nenomlayezo wokubuyiswa kwethemba kanye nokubuyisana. Lo msebenzi ube ngundabuzekwayo ku-Facebook, yaba umkhankaso owaziwayo.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo; Michelle Stewart
Izithombe: UDkt Yane Bakreski, uMnu Wayne Reddiar, noMnuPeter Stewart