USolwazi Radhamany Sooryamoorthy (kwesobunxele) nencwadi entsha (ephakathi) ayishicilele noDkt Christine Scherer (kwesokudla).USolwazi Wase-UKZN Ushicilele Incwadi Ngokuqeqesha Odokotela Nemfundo Ephakeme e-Africa
Click here for English version
USolwazi weSosiyoloji u-Radhamany Sooryamoorthy waseKolishi le-Humanities ubambisane noDkt Christine Scherer wase-University of Bayreuth eJalimane ukuhlela ngokubambisana incwadi ethi Doctoral Training and Higher Education in Africa.
Le ncwadi ishicilelwe yi-Routledge e-New York nase-London.
Le ncwadi ibheka kabanzi umlando, imanje nengomuso kokuqeqeshwa kodokotela nemfundo ephakeme e-Afrika. Ihlanganisa ubungcweti bocwaningo nobamava, le ncwadi yethula uhlaka nezimo kwesigaba sobudokotela nokuthi izikhungo zemfundo ephakeme, abeluleka abantu abacwaningayo, abacija abacwaningi nabacwaningi abasafufusa babhekana kanjani nezinselelo zokuqeqeshwa mihla namalanga. Le ncwadi ibheka ucwaningo olwehlukene ngamazwe ase-Afrika.
U-Sooryamoorthy uthe: ‘Akukhathalekile ukuthi yiliphi izwe noma isifunda, ubumqoka bokuqeqesha ezingeni lobudokotela nokukhiqiza odokotela kuyanda. Njengoba iyinsika yemfundo ephakeme nje, imfundo yobudokotela ngeke inganakwa ngokuba kubekwe eqhulwini intuthuko yezwe ngokwesayensi nokomnotho. Ne-Afrika ayehlukile ngalokhu. Ngakho iso ligxile ohlotsheni lwemfundo etholwa ngabantu abenza iziqu zobudokotela nohlobo lweziqu zobudokotela ezenziwayo.’
U-Scherer wengeze ngokuthi: ‘Njengoba uhlobo lokuqeqesha abantu abenza iziqu zobudokotela luthinta intuthuko yezizwe, kunemizamo emisha eyenziwe ngabantu okungumsebenzi wabo. Kulokhu kugqama izinto ezithinta imvelaphi, umumo nezisekelo zolwazi lwabantu. Kanjalo nesimo sabantu abafundela ubudokotela, izifundo, izinsizakusebenza nobudlelwano naso sibalulekile. Sekuke kwazanywa izindlela ezahlukene zokuqeqesha odokotela, zakhipha imiphumela ehlukene.’
Le ncwadi ibheka izinto ezinjengokukwazi ukuthola imfundo, ukuphuma uhlwaya izitshudeni, izindawo zokuxhaswa, ubungcweti bezingcweti, ukubhalisa nokungaqedi ukufunda emazweni amaningi ahlukene njengeNingizimu Afrika, iMozambique, iTopiya, iNigeria, iBenin, iGhana neMorocco.
Le ncwadi izoba yinqolobane enhle emkhakheni wemfundo ephakeme nakwabashaya imithetho, abacwaningi nezifundiswa ezinothando lwemfundo ephakeme e-Afrika.
Eyincoma uSolwazi wase-Stellenbosch University u-Johann Mouton, uthe: ‘Le ncwadi iqukethe ulwazi oluwusizo kakhulu nolusha ngezibalo ngezifundo zobudokotela emazweni akhethiweyo, okuyinto esike yabalulwa kwamanye amaphepha ocwaningo amaningi. Ngakho abahleli bale ncwadi kufanele banconywe ngokuhlanganisa iqoqo elihle kanjena, “lolu cwaningo ngamazwe ehlukene” kanjalo nangezihloko ezithinta wonke amazwe e-Afrika. Le ncwadi kufanele ifundwe yizo zonke izifundiswa ezikhungweni zemfundo ephakeme, izimenenja e-Africa noma ngubani emhlabeni othanda lesi sihloko.’
Amakhophi encwadi atholakala ku: https://www.routledge.com/Doctoral-Training-and-Higher-Education-in-Africa/Scherer-Sooryamoorthy/p/book/9781032025667.
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe



