UMnu Mphathesithe Mkhize, isitshudeni sezobudokotela kwezeNqubo yoMphakathi ephethe indondo yakhe.Isitshudeni Se-Humanities Sinqobe Owocwaningo Oluvelele KumaMKI Research and Innovation Awards
Click here for English version
Isitshudeni esenza iziqu zobudokotela kwezeNqubo yoMphakathi uMnu Mphathesithe Mkhize uphume phambili emkhakheni wocwaningo kuma-Moses Kotane Institute (MKI) Research and Innovation Awards asanda kwenziwa e-ICC eThekwini.
Udle umhlanganiso ngocwaningo lwakhe lweMasitazi.
‘Ngikholwa wukuthi lo mklomelo uzokhuthaza abantu abaningi ukuthi benze izinto ezinkulu, ikakhulu intsha enothando lokwenza ucwaningo oluthinta impilo yabantu nezinikele ekushintsheni impilo yabantu. Yintsha esikhuthaza ukuthi senze izinto ezinkulu. Yingakho kudingeka ukuthi nayo ibongwe ngomsebenzi wayo omkhulu,’ kusho yena.
Ucwaningo lwakhe oluthi, Localising the Sustainable Development Goals in Rural Municipalities through Multi-Stakeholder Partnerships: A case study of Nkandla Local Municipality lubheke iqhaza likahulumeni wendawo ekwenzeni izinjongo zeNhlangano Yezizwe i-Sustainable Development Goals (ama-SDG) ngokobudlelwano babalingani abehlukene ukufeza izinjongo zangomuso.
Ukholwa wukuthi izinkinga zomhlaba ezigabhe umphakathi zingaxazululwa ngokusebenzisa izinqubo zomphakathi ngendlela efanele. ‘Ucwaningo lwami luphosa esivivaneni sama-SDG nokwandisa emkhakheni wocwaningo ukuthi uhambisane nezindawo ngokwezinhlelo zeNhlangano Yezizwe.’ Uphakamisa ukuthi omasipala abancane baphucule ubudlelwano obunjalo ukuze bafeze imigomo ye-Agenda 2030.
UMkhize ubonga umeluleki wakhe wocwaningo uDkt Cheryl Mohamed Sayeed omenze wakwazi ukukhula njengomcwaningi osafufusa ukuthi lwenziwa kanjani ucwaningo olunemiphumela ebonakalayo.
Ekhuluma ngomsebenzi kaMkhize, u-Sayeed uthe: ‘Lo mklomelo uwubufakazi bokuzinikela nokubekezela kukaMphathesithe ukwenza ucwaningo oluseqophelweni eliphezulu nolukwazi ukwenza izinto ezinkulu. Yonke imihlangano ubeyithatha njengethuba lokufunda. Lokhu kuvuleleka kwakhe ezindleleni ezihlukene zokucabanga nokwenza ucwaningo kwenze kwaba lula ukumeluleka.’
Eluleka ezinye izitshudeni, uMkhize uthe: ‘Abacwaningi abasafufusa kufanele baqinisekise ukuthi baba nothando locwaningo ukuze bazuze okukhulu kwabafuna ukukucwaninga.’
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



