
Isitshudeni Sakudala Se-Agromithiriyoloji Sithathe Amehlo Ngokuba Yi-Biotechnologist e-New York
Click here for English version
UNks Minenhle Mkhize uthuthukisa amakhono akhe okuba yi-biotechnologist e-State of New York eMelika, ngenhloso yokwelekelela ukuqeda indlala nobubha e-Africa, kanti wukuqeqeshwa kwakhe e-UKZN okumenza aphumelele emsebenzini wakhe.
UMkhize, odabuka KwaMashu, eThekwini, uzizwa esekhaya uma ephakathi kwezinto zemvelo, kumenza elapheke ethakasela nobuhle. Ukukhathazwa yizenzo zokucekela phansi imvelo okwakukhinyabeza isimo sayo njengoba ayekhulele epulazini lezingodo likamkhulu wakhe eMpangeni, lapho ake abona khona ubunzima babalimi yikona okwamholela ekufundeleni izifundo zesayenzi yezemvelo. Waya kofunda e-James Nxumalo Agricultural High School, lapho enza khona iminyaka emibili yokugcina ngaphambi kokufundela isayenzi yezitshalo.
Wafunda e-UKZN ngemuva kokuthi umnewabo akuthanda ukufunda khona kanti wachazwa yigama le-UKZN emhlabeni nomsebenzi wayo wocwaningo. UMkhize wafunda ophikweni oluse-Westvillle ngaphambi kokuyoqhubeka eMgungundlovu ngonyaka wesibili waze wayoqeda lapho ayenza khona iziqu zehayidroloji nesayensi yenhlabathi.
Ukufunda kufaka nokuzithola ukuthi ungubani ngenkathi ehlangana nabantu abehlukene nemibono ehlukene, okumenze wakhula ekuzazini ukuthi ungubani. Izinselelo zemali zenza uMkhize wabhekana nobubha; wayeke aye emakilasini okubuyekeza izifundo elambile kwenye inkathi ambathe amakhethini, alale ngisho esikoleni. Nokho lezo zinselelo ziyinto ayohlale eyikhumbula futhi zamkhuthaza ukuthi aphumelele.
Waqeda i-Bachelor of Science, walandelisa nge-Postgraduate Diploma in Food Security, kwathi ngowezi-2019, ngenxa yokuxhaswa nguMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho neZemvelo waKwaZulu-Natal, wathola iMasitazi kwi-Agrimithiroloji ngemva kokucwaninga ngezindlela ezintsha zezolimo njengoba kudlange ukuguquguquka kwesimo sezulu eminyakeni eyishumi ezayo. Wacwaninga ngokucija abalimi, abashayimthetho nososayensi ukuthi balungele izindlela zokulima zesimanje.
‘Ngiyajabula ukuthi ngafunda e-UKZN ngoba izinga lemfundo engilitholile lingivulele iminyango,’ kusho uMkhize.
Ngemuva kokuqeda iMasitazi, uMkhize usebenze ezinkampanini zezithombo zaseNingizimu Afrika ngaphambi kokuyothwasela umsebenzi e-Intergrow Greenhouse eMelika, lapho aphumelela ngamalengiso khona ekubeni yithwasa, washeshe wakhushulelwa ekubeni yi-biologist. Wasebenza ngezindlela zokunqanda izinambuzane ngezindlela zezemvelo ezindaweni ezihlala kuzona. Imuva lakhe lesayensi lamenza waqonda futhi wakwazi ukuxazulula izinselelo eziningi.
UMkhize manje usebenza e-BioWorks, lapho ebheke khona izinhlelo zokuthuthukisa ucwaningo enkampanini yonke nokuqhamuka nezindlela ezintsha zezinto zokubulala izinambuzane ukunciphisa ukusetshenziswa kwamakhemikhali njengoba eyi-Research and Development Biotechnologist.
‘Leli yithuba elikhulu nenselelo enkulu. Ngithola ulwazi namakhono okukhulu kodwa ngibona ngikweleta iNingizimu Afrika ngoba izindlela zezolimo zisilele futhi kunomsebenzi omningi odinga ukwenziwa kanti ngibona ukuthi nginomsebenzi wokuvala lelo gebe.’ kusho yena.
Ngemuva kokuthola amakhono ngezifundo zakhe nokuvakashela amazwe okukhona i-India kuwona, uMkhize unentshisekelo yokusebenzisa ulwazi lwakhe ukwenza izindlela zolimo zaseNingizimu Afrika zithembeke, ziphephe futhi zibe nekusasa. Manje usebenzisa ubuchwepheshe obuseqophelweni bezindawo zokuvikela izitshalo emakhazeni lapho kulawulwa khona izinga lomoya nelamanzi, izikhathi zokunisela zicushwa khona futhi kulawuleka nokutholakala komsoco odingwa yizitshalo.
UMkhize unesifiso sokuphucula isimo senhlalo semiphakathi ethintwe yisimo sezulu esiguquguqukayo nokuyilungiselela ingomuso ngokwethula izindlela ezintsha zokwenza izinto ezizokwenza abantu bakwazi ukushintsha ukwenza kanti uthi isimo sezulu esiguquguqukayo siyingozi enkulu emkhiqizweni otshaliwe kanti lokhu kuthinta abantu abahluphekayo kakhulu lapho bezama khona ukubhekana nezimo ezinzima.
‘Ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu, isimo semvelo sishintsha ngesivinini kanti kwenye inkathi lokhu akulungile ekukhuleni kwezitshalo,’ kusho yena.
‘Esimweni sokushintsha-shintsha kwezulu, abalimi kudingeka bandise izinto abakwazi ukuzilawula ukwandisa umkhiqizo, kanti ngifisa ukubona ubuchwepheshe obunjengalobu eNingizimu Afrika oluzosebenza ngokufaka wonke umuntu ezimweni ezingezinhle esizobhekana nazo,’ kuqhuba yena.
UMkhize uthi impumelelo yakhe ingenxa yamandla awathola okholweni lwakhe kuNkulunkulu, wabonga abazali bakhe uNkk Busisiwe noMnu Mandlenkosi Mkhize ngokumeseka njalo. Uthe abeluleki bakhe kwiMasitazi uSolwazi Alistair Clulow noDkt Simon Taylor baqiniseke impumelelo yakhe ezifundweni benza uhambo lwakhe lwaba lula, wabonga iqhaza le-UKZN ngokumhlinzeka ngamathuba okukhula nokuphumelela ezifundweni.
UMkhize ukhuthaze izitshudeni ukuthi zisebenzise ubunzima nokwehluleka ukuthi kube yindlela yokukhula ngokwengqondo, wathi izitshudeni kufanele zisebenzise ikhono lokucabanga zijule ezikuthola ngeziqu, zisebenzise amathalente azo ukuphucula umhlaba nokufeza amaphupho azo.
Amagama: wu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe